“Kholelwa KuJesu”—Ingabe Ukukholelwa KuJesu Nje Kuphela Kungakwenza Usinde?
Impendulo YeBhayibheli
AmaKristu akholelwa ukuthi uJesu wafela izono zabantu. (1 Petru 3:18) Kodwa ukusindiswa kudinga okungaphezu nje kokukholelwa ukuthi uJesu unguMsindisi. Amademoni ayazi ukuthi uJesu “uyiNdodana kaNkulunkulu,” kodwa azobhujiswa ngeke asindiswe.—Luka 4:41; Jude 6.
Yini okumele ngiyenze ukuze ngisindiswe?
Kumele ukholelwe ukuthi uJesu wanikela ngokuphila kwakhe ngenxa yezono zethu. (IzEnzo 16:30, 31; 1 Johane 2:2) Lokhu kuhlanganisa nokuthi ukholelwe ukuthi uJesu wayengumuntu ngempela nokuthi konke iBhayibheli elikushoyo ngaye akushayi eceleni.
Kulalele lokho okufundiswa yiBhayibheli. (2 Thimothewu 3:15) IBhayibheli lithi umphostoli uPawulu noSila bathi kujele: “Yiba nokholo eNkosini uJesu, uzosindiswa.” Ngemva kwalokho, “babe sebekhuluma izwi likaJehova” a kuye bemfundisa. (IzEnzo 16:31, 32) Lokhu kubonisa ukuthi ujele wayengeke akholelwe ngokugcwele kuJesu ngaphandle kokuba aqonde amaqiniso ayisisekelo eZwi likaNkulunkulu. Wayedinga ulwazi olungashayi eceleni olusekelwe eBhayibhelini.—1 Thimothewu 2:3, 4.
Shintsha. (IzEnzo 3:19) Kumelwe uphenduke noma uzisole kakhulu ngenxa yezinto obuzicabanga nobuzenza kudala. Abanye bayobona ukuthi uyaphenduka lapho uyeka ukwenza izinto uNkulunkulu azizondayo bese wenza “imisebenzi efanele ukuphenduka.”—IzEnzo 26:20.
Bhapathizwa. (Mathewu 28:19) UJesu wathi labo ababa abafundi bakhe kufanele babhapathizwe. Ujele okukhulunywe ngaye ekuqaleni wabhapathizwa. (IzEnzo 16:33) Ngisho nangemva kokuba umphostoli uPetru esefundise isixuku esikhulu iqiniso ngoJesu, “labo abamukela izwi lakhe ngenjabulo babhapathizwa.”—IzEnzo 2:40, 41.
Lalela imiyalo kaJesu. (Hebheru 5:9) Labo ‘abagcina konke’ uJesu akuyala, babonisa ukuthi bangabalandeli bakhe ngendlela abaphila ngayo. (Mathewu 28:20) Baba “abenzi bezwi” ababi “abalizwayo kuphela.”—Jakobe 1:22.
Khuthazela kuze kube sekugcineni. (Marku 13:13) Abafundi bakaJesu ‘badinga ukukhuthazela’ ukuze basindiswe. (Hebheru 10:36) Ngokwesibonelo, umphostoli uPawulu wakulalela ngokucophelela lokho uJesu akufundisa futhi waba qotho kuNkulunkulu. Wakhuthazela kusukela lapho eba umKristu kwaze kwaba yilapho eshona.—1 Korinte 9:27.
Yini eshiwo yiBhayibheli “ngoMthandazo Wesoni”?
Kwezinye izinkolo abantu basho imithandazo ethile njengalo othi “uMthandazo Wesoni.” Ngokujwayelekile labo abathandazayo bayavuma ukuthi bayizoni futhi bayabonisa ukuthi bayakholelwa ekutheni uJesu wafela izono zabo. Bacela nokuba uJesu angene ezinhliziyweni zabo noma ekuphileni kwabo. Kodwa iBhayibheli alisho lutho “ngoMthandazo Wesoni” futhi alikhuthazi abantu ukuba bawuthandaze.”
Abanye abantu bacabanga ukuthi ngemva kokusho “uMthandazo Wesoni,” umuntu angaqiniseka ukuthi uzosindiswa. Kodwa umthandazo nje uwodwa awumqinisekisi umuntu ukuthi uzosindiswa. Njengabantu abanesono, silokhu siqhubeka senza amaphutha. (1 Johane 1:8) Yingakho uJesu afundisa abalandeli bakhe ukuba bahlale bethandaza, becela ukuba bathethelelwe izono. (Luka 11:2, 4) Amanye amaKristu ayezothola ukuphila okuphakade ngeke asakuthola ngenxa yokuthi ayeka ukukhonza uNkulunkulu.—Hebheru 6:4-6; 2 Petru 2:20, 21.
Iqhamukaphi le mfundiso “yoMthandazo Wesoni”?
Izazi-mlando aziboni ngaso linye ngokuphathelene nomsuka “woMthandazo Wesoni.” Ezinye zithi lo mthandazo owumlolozelo waqala ngesikhathi sezinxushunxushu zenkolo yamaProtestani. Ezinye zikholelwa ukuthi abantu baqala ukusho lo mthandazo lapho kuqhamuka izinkolo ezintsha eminyakeni engaba ngu-200 kuya kwengu-300 edlule. Kunoma ngabe yikuphi, iBhayibheli alisho lutho ngalo mthandazo—empeleni iBhayibheli alisikhuthazi ukuba sisho lo mthandazo, nanoma yimuphi umthandazo owumlolozelo.
a Igama elithi Jehova igama likaNkulunkulu njengoba lembuliwe eBhayibhelini.