Obani Abaya Esihogweni?
Impendulo YeBhayibheli
Isihogo (“iShiyoli” ‘neHayidesi’ ngezilimi okwabhalwa ngazo iBhayibheli) siyithuna, hhayi indawo yokuhlushwa ngomlilo. Obani abaya esihogweni? Kokubili abalungile nabangalungile. (Jobe 14:13; IHubo 9:17) IBhayibheli lithi leli thuna elivamile labantu liyindlu “okuhlangana kuyo wonke umuntu ophilayo.”—Jobe 30:23.
Ngisho noJesu waya esihogweni lapho efa. Nokho, “akashiywanga eHayidesi” ngenxa yokuthi uNkulunkulu wamvusa.—IzEnzo 2:31, 32.
Ingabe isihogo siyohlala phakade?
Bonke abangena esihogweni bazophinde baphume, uJesu uzosebenzisa amandla kaNkulunkulu ukubabuyisela ekuphileni. (Johane 5:28, 29; IzEnzo 24:15) Uma sikhuluma ngalolo vuko lwesikhathi esizayo, isiprofetho esikusAmbulo 20:13 sithi “ukufa nesihogo kwakhipha abafileyo ababekukho.” (King James Version) Lapho bonke abantu sebekhishiwe esihogweni, ngeke sisaphinde sibe khona; akekho oyophinde angene kuso ngoba “ukufa ngeke kusaba khona.”—IsAmbulo 21:3, 4; 20:14.
Nokho, akubona bonke abantu abafayo abaya esihogweni. IBhayibheli libonisa ukuthi abanye abantu baye baba babi kakhulu kangangokuthi akunakwenzeka ukuba baphenduke. (Hebheru 10:26, 27) Lapho abanjalo befa abayi esihogweni, kodwa baya eGehena, efanekisela ukubhujiswa kwaphakade. (Mathewu 5:29, 30) Ngokwesibonelo, uJesu wabonisa ukuthi abanye abaholi benkolo abangabazenzisi bangesikhathi sakhe babeyoya eGehena.—Mathewu 23:27-33.