Dlulela kokuphakathi

Ingabe IBhayibheli Lifundisa Ukuthi ‘Uma Ususindisiwe, Ususindiswe Unomphelo’?

Ingabe IBhayibheli Lifundisa Ukuthi ‘Uma Ususindisiwe, Ususindiswe Unomphelo’?

Impendulo yeBhayibheli

Cha, aliyifundisi imfundiso yokuthi ‘uma ususindisiwe, ususindiswe unomphelo.’ Umuntu othole insindiso ngokholo kuJesu Kristu angabuye alahlekelwe yilolo kholo kanye nensindiso ehambisana nalo. IBhayibheli lithi ukulondoloza ukholo kudinga umzamo omkhulu, ‘ukulwa kanzima.’ (Jude 3, 5). AmaKristu ekhulu lokuqala ayesemamukele kakade uKristu atshelwa ukuthi: “Qhubekani nisebenzela ukusindiswa kwenu siqu ngokwesaba nangokuthuthumela.”—Filipi 2:12.

Amavesi eBhayibheli ayilahlayo imfundiso ethi ‘uma ususindisiwe, ususindiswe unomphelo’

  • IBhayibheli lixwayisa ngezono ezinkulu ezingenza umuntu angangeni eMbusweni kaNkulunkulu. (1 Korinte 6:9-11; Galathiya 5:19-21) Ukube umuntu ubengenakulahlekelwa insindiso, izixwayiso ezinjengalesi bezingeke ziwenze umqondo. Kunalokho, iBhayibheli libonisa ukuthi umuntu obeke wasindiswa angawa ngokubuyela ekwenzeni izono ezimbi kakhulu. Ngokwesibonelo, eyamaHebheru 10:26 ithi: “Uma senza isono ngamabomu ngemva kokuba sesamukele ulwazi olunembile lweqiniso, awusekho umhlatshelo wesono osele.”—Hebheru 6:4-6; 2 Petru 2:20-22.

  • UJesu wakugcizelela ukubaluleka kokulondoloza ukholo ngokusebenzisa umfanekiso lapho yena azifanisa khona nomvini, abalandeli bakhe wabafanisa namagatsha omvini. Abanye babo ngesinye isikhathi babeyobonisa ukholo kuye ngezithelo, noma izenzo zabo, nokho kamuva babuye behluleke ukwenza kanjalo bese ‘bephonswa ngaphandle njengamagatsha omile,’ belahlekelwa insindiso yabo. (Johane 15:​1-6) Umphostoli uPawulu wasebenzisa umfanekiso ofanayo, ethi amaKristu angalulondolozi ukholo lwawo ‘ayonqunywa.’​—Roma 11:17-​22.

  • AmaKristu ayalwa ukuba ‘ahlale elindile.’ (Mathewu 24:42; 25:13) Iyawalahlekela insindiso yawo lawo alalayo ngokomoya, kungenzeka ngokwenza “imisebenzi yobumnyama” noma ngokungayenzi ngokugcwele imisebenzi uJesu ayala ukuba yenziwe.​—Roma 13:11-​13; IsAmbulo 3:​1-3.

  • ImiBhalo eminingi ibonisa ukuthi labo abasindisiwe kusamelwe bakhuthazele kuze kube sekugcineni. (Mathewu 24:13; Hebheru 10:36; 12:2, 3; IsAmbulo 2:10) AmaKristu ekhulu lokuqala ezwakalisa injabulo lapho ezwa ngokukhuthazela kwabafowabo okholweni. (1 Thesalonika 1:2, 3; 3 Johane 3, 4) Kungaba nomqondo yini ukuthi iBhayibheli ligcizelele indaba yokukhuthazela okholweni uma labo abangakhuthazeli beyosindiswa vele ekugcineni?

  • Umphostoli uPawulu waze waqiniseka kuphela ngensindiso yakhe lapho ukubulawa kwakhe sekusobala. (2 Thimothewu 4:​6-8) Ngaphambilini ekuphileni kwakhe, waqaphela ukuthi wayesengalahlekelwa insindiso uma ayengazinikela ezifisweni zenyama. Wabhala: “Ngiyawutuba umzimba wami futhi ngiwuphatha njengesigqila, ukuze kuthi, ngemva kokuba sengishumayele kwabanye, mina ngokwami ngingabi ongamukeleki ngandlela-thile.”—1 Korinte 9:27; Filipi 3:12-14.