Dlulela kokuphakathi

FEBRUARY 17, 2014
EPHILIPPINES

Ezamuva: Ngemva KweSiphepho Esinamandla UHaiyan, OFakazi BakaJehova Balungiselela Usizo

Ezamuva: Ngemva KweSiphepho Esinamandla UHaiyan, OFakazi BakaJehova Balungiselela Usizo

EMANILA, ePhilippines—Ngemva kwenhlekelele enkulukazi eyabangelwa iSiphepho Esinamandla uHaiyan, oFakazi BakaJehova balungiselele ukunikeza usizo ngokuqhubekayo ePhilippines.

Ihhovisi legatsha loFakazi BakaJehova eManila limise amakomiti amahlanu azosiza abayizisulu. Kuthunyelwe amathani angaphezu kuka-190 ezinto ezidingekayo ePhilippines ephakathi. OFakazi basemazweni okungenani ayishumi bathe bazosiza kulo msebenzi. Izisebenzi zokuzithandela ziyasiza ekwakheni kabusha nasekulungiseni izindlu ezingaphezu kuka-2 000 nasekunikezeni usizo lwezokwelapha.

Abantu abangaba ngu-225 basahlala ematendeni amiswe oFakazi endaweni eseduze naseCalbayog City, eSamar. Abangaba amaphesenti angu-15 kuya ku-20 balabo abadinga usizo kuleyo ndawo ababona oFakazi.

Ngemva kwale nhlekelele okuthiwa ingesinye seziphepho ezinamandla kunazo zonke, kubikwe ukuthi kunabangu-6 201 abafile nabangu-1 785 abangakatholakali. Abangaba ngu-28 000 balimele futhi izindlu ezingaphezu kwesigidi zibhidlikile. Ihhovisi legatsha loFakazi BakaJehova ePhilippines, eManila, lithi kufe oFakazi abangu-33 kanti abayishumi abakatholakali futhi kungenzeka bafile.

UMark Sanderson, oyilungu leNdikimba Ebusayo YoFakazi BakaJehova, uvakashela labo abavelelwe inhlekelele.

Ekuqaleni kuka-December 7, 2013, uMark Sanderson, oyilungu leNdikimba Ebusayo YoFakazi BakaJehova, wavakashela ezifundazweni ezinhlanu zendawo ehlaselwe isiphepho ngezinsuku ezingu-7. Uthi: “Abaningi ePhilippines basagcwele usizi ngenxa yenhlekelele edalwe iSiphepho uHaiyan; kodwa sikulungele ukuqhubeka sibanikeza abakudingayo, sibasiza futhi sibaduduza.”

Media Contact(s):

International: J. R. Brown, Office of Public Information, tel. +1 718 560 5000

Philippines: Dean Jacek, tel. +63 2 411 6090