Ipulazi Elinikeza Izigidi Zabantu Ukudla
Eminyakeni engu-40 edlule, ngo-February 2, 1973, kwafakwa imishini emisha yokunyathelisa eWallkill, eNew York, e-U.S.A., ukuze kukhiqizwe INqabayokulinda ne-Phaphama!
Eminyakeni eyishumi ngaphambi kwalokho, oFakazi BakaJehova babethenge indawo eyipulazi lapho ukuze bakhiqize ukudla kwezisebenzi zasendlunkulu eBrooklyn, eNew York. Kodwa manje, le ndawo isizosetshenziselwa ukukhiqiza olunye uhlobo lokudla, ukudla okungokomoya.—Mathewu 24:45-47.
UPhilip Wilcox, ngaleso sikhathi owayengumqondisi emshinini wokunyathelisa, ukhumbula okwenzeka ngosuku lokuqala besebenzisa imishini yokunyathelisa eWallkill: “Cishe kwasithatha inyanga yonke ukuba sixhume leyo mishini enejubane elikhulu yokunyathelisa. Lapho isixhunyiwe, sabe sesihlola ukuthi iyasebenza yini. Ngokushesha sabe sesinomagazini abayizinkulungwane ezimbalwa. Sabathumela emnyango wokunyathelisa eBrooklyn ukuze basetshenziswe lapho kwenziwa ama-oda amabandla. Sasingafuni kulahlwe ngisho nowodwa wabo.”
OFakazi BakaJehova bakhe lesi sakhiwo esisha sokunyathelisa ukuze basekele umsebenzi wabo omkhulu wokunyathelisa obulokhu wenziwa eBrooklyn. Ngasekuqaleni kwawo-1970, isidingo sokunyatheliswa kwezincwadi zeBhayibheli besilokhu sikhula, kudingeke kusetshenzwe isikhathi esingaphezu kwesosuku oluvamile, ngakho umnyango wabanyathelisi eBrooklyn waqala ukuba namashifu asebusuku ukuze kuhlangatshezwane nesidingo sezincwadi ezi-odwayo.
Lapho isakhiwo sokuqala sokunyathelisa eWallkill siqeda ukwakhiwa, sasinemishini emine yokunyathelisa, indawo yokuthutha neHholo LoMbuso. Nokho, ngaphambi kokuba sisetshenziswe ngokuphelele, kwakhiwa esinye isakhiwo esikhudlwana eceleni kwalesi sokuqala. Isidingo sezincwadi zeBhayibheli sasisikhulu kangangokuba kwafakwa imishini yokunyathelisa eyisithupha esakhiweni sesibili ngisho nangaphambi kokuba siqedwe ngokuphelele ukwakhiwa.
Phakathi neminyaka edlule, ubuchwepheshe ekunyatheliseni buye bathuthuka futhi isidingo sezincwadi zeBhayibheli siye sakhula. Ukuze kuhlangatshezwane nezidingo ezilethwa yilolo shintsho, kwadingeka sishintshe imishini esetshenziswayo futhi sikhulise indawo yokunyathelisa eWallkill izikhathi eziningana. Ngawo-1980, kwafakwa imishini yohlobo lwe-offset enyathelisa ngejubane elikhulu esikhundleni semishini yakudala.
Ngo-2004 isakhiwo sokunyathelisa saseBrooklyn savalwa, kwathi ngokokuqala ngqa, izincwadi zaqala ukunyatheliswa eWallkill. Ngo-2010, umsebenzi wokunyathelisa omagazini waphinde wathuthelwa enyakatho, manje usuya ehhovisi legatsha loFakazi BakaJehova laseCanada. Umshini omusha wakhona unyathelisa omagazini abangu-200 000 ngehora.
Namuhla, isakhiwo sokunyathelisa eWallkill sinemishini esezingeni eliphezulu futhi sinezisebenzi ezikhuthele ezingu-281 zabesilisa nabesifazane. Ngonyaka odlule, kunyatheliswe izincwadi namaBhayibheli angaphezu kwezigidi ezingu-17 khona. Ngaphezu kwezakhiwo zokunyathelisa eziseWallkill naseCanada eNyakatho Melika, oFakazi BakaJehova banezindawo zokunyathelisa ezingu-13—e-Afrika, e-Asia, e-Australia, eNingizimu Melika naseYurophu—ezinakekela izidingo ezingokomoya zezigidi zabantu.—Mathewu 5:3.