I-Atlanta Yamukela Ngokufudumele OFakazi BakaJehova
“Ngiwathulela isigqoko amalungu enhlangano yenu ngesifiso nothando lwawo lokuba izikhonzi zombuso kaNkulunkulu. Imizamo neminikelo yenu yokusiza oFakazi BakaJehova enikanye nabo nomphakathi kwaziswa kakhulu.”
Washo kanjalo uKasim Reed, imeya yedolobha lase-Atlanta, eGeorgia, e-U.S.A. Le ncwadi yayamukela oFakazi BakaJehova emihlanganweni yesifunda eyayizoqhutshwa lapho.
Ngokufanayo, uMkhandlu-dolobha wase-Atlanta wakhipha isimemezelo esasamukela izihambeli zalo mhlangano. Sasithi: “KunoFakazi BakaJehova abacishe babe izigidi ezingu-8 emhlabeni wonke, abahlanganisa . . . amakhulu avela ezizweni nasezilimini ezihlukahlukene, kodwa . . . nihlanganiswe imigomo efanayo . . . Nifuna ukudumisa uJehova, uNkulunkulu weBhayibheli noMdali wazo zonke izinto.”
Kwaba nemihlangano yesifunda emithathu ngu-July nango-August 2014, emibili yayo eyayiqhutshwa ngesiNgisi nowodwa ngolimi lwesiSpanishi. Izihambeli zazivela emazweni angaba ngu-28, futhi izimiso zesiNgisi zazihunyushelwa olimini lwesiRussia nesiJapane ukuze kuzuze izihambeli ezikhuluma lezo zilimi. Kwaba nengqikithi yabangu-95,689 kuleyo mihlangano emithathu.
Phakathi no-2014, oFakazi BakaJehova baba nemihlangano yezizwe emikhulu engu-24 emazweni angu-9, kuhlanganise nengu-16 ezindaweni ezihlukahlukene e-United States.