Dlulela kokuphakathi

Ukuthweswa Iziqu Kwekilasi Le-133 E-Watchtower Bible School of Gilead

NgoMgqibelo, September 8, 2012

Ukuthweswa Iziqu Kwekilasi Le-133 E-Watchtower Bible School of Gilead

Ngemva kwezinyanga ezinhlanu betadisha iBhayibheli ngokujulile, abafundi abangu-48 baphothula e-Watchtower Bible School of Gilead futhi bathweswa iziqu esikhungweni semfundo soFakazi BakaJehova ePatterson, eNew York. Esimisweni sokuthweswa iziqu kwakunabantu abangu-9 694, abanye kubo kungamalungu omndeni, abangane kanye nabanye.

Kusukela ngo-1943, izikhonzi ezingomakadebona ezingaphezu kuka-8000 ziye zaqeqeshelwa inkonzo yezithunywa zevangeli. Njengoba kusetshenziswa iBhayibheli njengencwadi eyinhloko lesi sikole, siqinisa ukholo lwabafundi futhi sibasize ukuba bathuthukise izimfanelo ezingokomoya ezidingekayo ukuze babhekane nezinselele ezihlukahlukene enkonzweni yezithunywa zevangeli.

“Cabanga Ngokujulile Ngezinto Ezithandekayo.” U-Anthony Morris, oyilungu leNdikimba Ebusayo YoFakazi BakaJehova futhi owayengusihlalo wesimiso, wasekela isingeniso sakhe kweyabaseFilipi 4:8: “Noma yiziphi izinto ezithandekayo, . . . qhubekani nicabanga ngalezi zinto.”

UMfoweth’uMorris wabonisa ukuthi ukucabanga ngezinto ezithandekayo kungasisiza sigcine isimo sengqondo esihle kuleli zwe elingathandeki. Wathi, “Qhubeka ufuna izinto ezithandekayo, futhi uzenze uthandeke.”

Ngokwesibonelo, uBaba wethu osezulwini usibekela isibonelo esihle kulokhu, akagxili emaphutheni ethu. (IHubo 130:3) UMfoweth’uMorris wanxusa izilaleli, “Ungagxili emaphutheni abafowenu nodadewenu, kunalokho hlala uthandeka.”

“Thola Ulwazi—Kodwa Ungahlakaniphi Ngokweqile.” UHarold Corkern, oyilungu leKomiti Yegatsha e-United States, waxoxa ngalesi sihloko esisekelwe kumShumayeli 7:16. UNkulunkulu ufuna ukuba sisebenzise ulwazi ngendlela efanele, singaluvumeli ukuba “lusenze siqhoshe.”

UMfoweth’uCorkern waphinde waveza isidingo sokuba nothando lapho seluleka noma siqondisa abanye. Akufanele silindele okungaphezu kwalokho uNkulunkulu akulindele kwabanye. Wanxusa, “Uma usebenzisa ukuhlakanipha, ulwazi nokuqonda kwakho kahle, abafowenu nodadewenu bayokujabulela ukuba nawe.

“Ungazikhohlwa Izenzo ZikaNkulunkulu.” (IHubo 78:7) UGuy Pierce weNdikimba Ebusayo waqala inkulumo yakhe ngokuchaza ukuthi indlela ingane eziphatha ngayo—enhle noma embi—ibonisa lokho abazali bayo abayikho. (IzAga 20:11) Ngokufanayo, indlela esiziphatha ngayo ibonisa lokho uBaba wethu osezulwini ayikho. “Izingane zikaNkulunkulu nezingane zikaDeveli zibonakala ngalokhu: Wonke umuntu ongaqhubeki enza ukulunga akaveli kuNkulunkulu.”—1 Johane 3:10.

UMfoweth’uPierce wathi abafundi baye bamenyelwa eSikoleni saseGileyadi ngenxa yezimfanelo zabo zobuKristu ezinhle, ezihlanganisa nokuthobeka. Wabakhumbuza ukuba bahlale bethobekile. Imfundo yabo ayizange ibenze babe ngcono kunabanye. Kunalokho, manje bakulungele kangcono ukwenezela ebunyeni bobuzalwane bomhlaba wonke nasekubekeni isibonelo sokuthobeka. (IHubo 133:1) Wathi, “Manje niyiqonda kangcono imiBhalo futhi lokho kuzonisiza ukuba niqhubeke nikhula olwazini nasekuqondeni uJehova uNkulunkulu.”

“Lokho Esikwenzile Yilokho Obekufanele Sikwenze.” UWilliam Samuelson, umbonisi woMnyango WeZikole Ezingokwasezulwini, wabuza: “Yini okufanele siyenze lapho izifiso nemizwa yethu kungavumelani nesabelo esisinikiwe?” Singafunda emazwini akuLuka 17:7-10: “Lapho seniqedile ukwenza konke enabelwe khona, anothi, ‘Siyizinceku ezingelusizo lwalutho. Lokho esikwenzile yilokho obekufanele sikwenze.’” Uma siqhathaniswa neNkosi yethu, uJehova, ngokuqinisekile ‘asilusizo lwalutho.’

Abafundi bachitha amasonto amaningi betadisha ekilasini. Kungenzeka abanye bakuthola kunzima lokho. Eqhubeka, uMfoweth’uSamuelson wathi, “Kodwa nenze lokho obekufanele nikwenze futhi manje niyabona ukuthi lokho kunizuzise kanjani, kunenze naba nokholo oluqinile.” UMfoweth’uSamuelson waphetha ngala mazwi: “Njengezinceku ezithenjwayo, kwangathi ningalazisa njalo ilungelo lokukhonza iNkosi yendawo yonke.”

“Khumbula Isiqinisekiso SikaJehova Lapho Ubhekene Nezinselele.” USam Roberson, ongumsizi wombonisi woMnyango WeZikole Ezingokwasezulwini, waxwayisa abafundi ngokudumazeka abayobhekana nakho ngezikhathi ezithile. Ngakho wabakhuthaza ukuba bakhumbule izibonelo eziningi zabantu okukhulunywa ngabo eBhayibhelini abathola isiqinisekiso sikaNkulunkulu. Ngokwesibonelo, uMose waqinisekisa uJoshuwa: “UJehova . . . ngeke akulahle noma akushiye ngokuphelele.” (Duteronomi 31:8) Lapho esezokufa, uJoshuwa wayengathi: “Akukho nelilodwa izwi kuwo wonke amazwi amahle uJehova uNkulunkulu wenu awakhulumile kini eliye laphutha.”—Joshuwa 23:14.

UJehova uNkulunkulu uthembisa izinceku zakhe: “Angisoze ngakushiya noma ngikulahle nganoma iyiphi indlela.” (Hebheru 13:5) Uyasiqinisekisa ngokuthi uyokwenza ngokuvumelana negama lakhe elithi Jehova (“Ubangela Ukuba Kube Khona”), abe yinoma yini ukuze anakekele izinceku zakhe. UMfoweth’uRoberson wanxusa, “Ungalokothi udikibale. Ungalokothi uyeke. Ungalokothi uphele amandla. Khumbula, akasoze nanini akushiye.”

“Izwi Labo Laphumela Kuwo Wonke Umhlaba.” (Roma 10:18) Besizwa umfundisi waseGileyadi uMark Noumair, abafundi abavela emazweni ahlukahlukene benza imiboniso futhi baxoxa ngezinto abaye bazijabulela lapho beshumayela ePatterson. Ngokwesibonelo, abashadikazi abavela eNingizimu Afrika bajabula kakhulu lapho behlangana nabesifazane abathathu abavela ezweni lakubo futhi bexoxa nabo ngesiZulu nangesiXhosa. Abanye abashadikazi abavela eSri Lanka bahlangana nendoda yaseNdiya enkosikazi wayo nendodakazi bahlala eSri Lanka. Le ndoda yayingakaze ilibone iBhayibheli, ngakho bayinikeza elabo.

“Bahlonyiselwe Ukwenza Umsebenzi Omuhle.” UGene Smalley ongumsizi eKomitini Yokubhala, waxoxa nabashadikazi abane ababethweswa iziqu. Ababili ababevela eSierra Leone baxoxa ngendlela ababekha ngayo amanzi ababewasebenzisa kwabo nsuku zonke. Kodwa lezo zinselele zazingelutho lapho ziqhathaniswa nenjabulo yokufundela abantu abangu-50 abanesithakazelo. Bonke laba bashadikazi bezwakalisa indlela isikole esibasize ngayo ukuba bayihlomele ngokuphelele yonke imisebenzi emihle ezabelweni zabo.—2 Thimothewu 3:16, 17.

“Khuthazela Kuze Kube Sekupheleni—Ngisho Naphakade.” UGerrit Lösch oyilungu leNdikimba Ebusayo, waqala inkulumo esiyihluthulelo ngokuchaza indlela abasubathi bebanga elide abagijima ngayo uma befuna ukuwuqeda ngokuphumelelayo umjaho. Nakuba kwezemidlalo kuphumelela umuntu oyedwa, emjahweni wobuKristu kuphumelela bonke abakhuthazela kuze kube sekupheleni.

Ukukhuthazela kusho ukukhonza uJehova ngokuqhubekayo, ukungaphelelwa ithemba lapho sibhekene nezingqinamba, ushushiso, izilingo noma ukudumazeka. UJesu wathi: “Lowo oye wakhuthazela kwaze kwaba sekupheleni nguye oyosindiswa.” (Mathewu 24:13) Yeka ukuthi kusiqinisa kanjani idolo ukwazi ukuthi uJehova noJesu bayakubona ukukhuthazela kwethu! UMfoweth’uLösch wabe esechaza amaphuzu angasisiza sikhuthazele naphezu kobunzima. Wathi:

  • Thandaza kuNkulunkulu, “onika ukukhuthazela” futhi “osithwalela umthwalo nsuku zonke.”—Roma 15:5; IHubo 68:19.

  • Zimisele ukungayekethisi, uqiniseka ngokuthi ‘uNkulunkulu uthembekile, futhi ngeke akuvumele ukuba ulingwe ngokungaphezu kwalokho ongakuthwala, kodwa kanye naleso silingo uyokwenza nendlela yokuphuma ukuze ukwazi ukusikhuthazelela.’—1 Korinte 10:13.

  • Ungalahlekelwa ithemba lakho lobuKristu. “Ngenxa yenjabulo eyayibekwe phambi [kukaJesu] wakhuthazelela isigxobo sokuhlushwa.”—Hebheru 12:2.

UMfoweth’uLösch wagcizelela ukuthi njengoba manje sesiseduze nentambo kulo mjaho, akusona isikhathi sokuyeka. “Masiwugijime ngokukhuthazela lo mncintiswano obekwe phambi kwethu.”—Hebheru 12:1.

Omunye wababezothweswa iziqu waphetha isimiso esimnandi ngokufunda incwadi evela kubafundi, ezwakalisa ukwazisa ngemfundo ewusizo abayitholile. Incwadi yaveza ukuthi imfundo ejulile yeBhayibheli ayijulisanga nje kuphela ukuqonda kwabo izinjongo zikaNkulunkulu kodwa iqinise nokholo lwabo. Yathi, “Sizimisele ukusebenzisa izinto ezinhle esizifundile.”