Duteronomi 13:1-18
-
Indlela yokuphatha izihlubuki (1-18)
13 “Uma kungenzeka kuvuke phakathi kwenu umprofethi noma umuntu obikezela ngamaphupho aninike isibonakaliso noma ibika,
2 bese sigcwaliseka leso sibonakaliso noma ibika akhulume ngalo kini, bese ethi, ‘Masilandele abanye onkulunkulu, onkulunkulu eningazange nibazi, sibakhonze,’
3 akumelwe niwalalele amazwi alowo mprofethi noma alowo mphuphi, + ngoba uJehova uNkulunkulu wenu uyanivivinya + ukuze abone ukuthi niyamthanda yini uJehova uNkulunkulu wenu ngayo yonke inhliziyo yenu nangawo wonke umphefumulo* wenu. +
4 Kufanele nilandele uJehova uNkulunkulu wenu, nguye okufanele nimesabe, yimiyalo yakhe okufanele niyigcine, yizwi lakhe okufanele nililalele; nguye okufanele nimkhonze, futhi nguye okufanele ninamathele kuye. +
5 Kodwa lowo mprofethi noma lowo mphuphi kufanele abulawe + ngoba ugqugquzele ukuba kuvukelwe uJehova uNkulunkulu wenu—owanikhipha ezweni laseGibhithe nowanikhulula endlini yobugqila—ukuze aniphambukise endleleni uJehova uNkulunkulu wenu aniyale ukuba nihambe ngayo. Kumelwe nisuse okubi phakathi kwenu. +
6 “Uma umfowenu, indodana kanyoko, noma indodana yakho noma indodakazi yakho noma umkakho omthandayo noma umngane wakho oseduze,* ezama ukukuyenga ekusithekeni, ethi, ‘Masihambe siyokhonza abanye onkulunkulu,’ + onkulunkulu eningazange nibazi, nina nokhokho benu,
7 kusukela konkulunkulu bezizwe ezinizungezile, eziseduze kwakho noma ezikude nawe, kusukela kolunye uhlangothi lomhlaba kuya kolunye uhlangothi lomhlaba,
8 ungakwenzi lokho akufunayo futhi ungamlaleli, + akufanele umhawukele noma ube nozwela noma umvikele;
9 kunalokho kufanele umbulale nakanjani. + Yisandla sakho okufanele simshaye kuqala ukuze simbulale, bese kamuva kulandele isandla sabo bonke abantu. +
10 Kumelwe umshaye ngamatshe aze afe + ngoba ubefuna ukukuphambukisa kuJehova uNkulunkulu wakho, okukhiphe ezweni laseGibhithe, endlini yobugqila.
11 Khona-ke wonke u-Israyeli uyokuzwa futhi esabe, ngeke aphinde enze into embi njengale phakathi kwakho. +
12 “Uma kungenzeka uzwe kuthiwa kwelinye lamadolobha akho, uJehova uNkulunkulu wakho akunika lona,
13 ‘Kuphume amadoda angelusizo lwalutho phakathi kwakho ukuze aphambukise abakhe edolobheni lawo, athi: “Masihambeni siyokhonza abanye onkulunkulu,” onkulunkulu ebeningabazi,’
14 kufanele uyibhekisise leyo ndaba, wenze uphenyo olunzulu futhi ubuzisise; + uma kutholakala ukuthi ngempela le nto enengekayo yenziwe phakathi kwakho,
15 kufanele nakanjani ubashaye ngenkemba abakhe kulelo dolobha. + Kufanele ulibhubhise ngenkemba lelo dolobha, lona nakho konke okukulo, kuhlanganise nemfuyo ekulo. +
16 Ngemva kwalokho yonke impahla yalo kufanele uyiqoqele maphakathi nesigcawu salo, ushise idolobha ngomlilo, futhi impahla yalo iyoba umnikelo oshiswayo oya kuJehova uNkulunkulu wakho. Lelo dolobha liyoba yizindunduma zamatshe unomphela. Akufanele nanini liphinde lakhiwe kabusha.
17 Ayikho into ehlukaniselwe ukubhujiswa isandla sakho okufanele siyithathe, + ukuze uJehova angabe esathukuthela, kodwa akubonise isihe nozwela futhi akwandise, njengoba nje efungile kokhokho bakho. +
18 Ngoba kufanele umlalele uJehova* uNkulunkulu wakho ngokugcina yonke imiyalo yakhe engikuyala ngayo namuhla, kanjalo wenze okulungile emehlweni kaJehova uNkulunkulu wakho. +
Imibhalo yaphansi
^ Bheka uHlu Lwezincazelo Zamagama.
^ Noma, “umngane wakho onjengomphefumulo wakho.”
^ Noma, “ulilalele izwi likaJehova.”