Duteronomi 17:1-20
17 “Ungamenzeli umhlatshelo uJehova uNkulunkulu wakho ngenkunzi noma ngemvu enanoma yisiphi isici, ngoba kuyoba yinto enengekayo kuJehova uNkulunkulu wakho. +
2 “Ake sithi kutholakala umuntu wesilisa noma wesifazane phakathi kwakho, kwelinye lamadolobha akho uJehova uNkulunkulu wakho akunika wona, owenza okubi emehlweni kaJehova uNkulunkulu wakho ephula isivumelwano sakhe, +
3 aphambuke ayokhulekela abanye onkulunkulu abakhothamele noma akhothamele ilanga noma inyanga noma lonke ibutho lamazulu, + into engingazange ngiyiyale. +
4 Lapho ubikelwa ngaleyo ndaba noma uzwa ngayo, kufanele uyiphenyisise. Uma kutholakala ukuthi kuyiqiniso + ukuthi le nto enengekayo yenziwe kwa-Israyeli,
5 leyo ndoda noma lowo wesifazane owenze le nto embi kumelwe umkhiphele ngaphandle emasangweni edolobha, leyo ndoda noma lowo wesifazane kumelwe ashaywe ngamatshe aze afe. +
6 Lowo ozobulawa kufanele abulawe ngobufakazi* babantu ababili noma abathathu. + Akumelwe abulawe ngobufakazi bomuntu oyedwa. +
7 Isandla sofakazi yiso okufanele simshaye kuqala ukuze simbulale, kamuva kulandele isandla sabo bonke abantu. Kumelwe ususe okubi phakathi kwakho. +
8 “Uma kwenzeka kuvela icala kwelinye lamadolobha akho okunzima kakhulu ukuba ukhiphe isahlulelo kulo, kungaba icala elihilela ukuchithwa kwegazi + noma isikhalazo, noma kuye kwenziwa ubudlova noma kube nezingxabano, kufanele usuke uye endaweni uJehova uNkulunkulu wakho ayikhethayo. +
9 Hamba uye kubapristi abangamaLevi nakumahluleli + oyobe esebenza ngalezo zinsuku ufike wethule udaba lwakho, bona bayokhipha isinqumo. +
10 Ngemva kwalokho kumelwe wenze ngokuvumelana nesinqumo abasenze besendaweni uJehova ayikhethayo. Qikelela ukuthi wenza ngokuvumelana nakho konke abakuyala ngakho.
11 Kumelwe wenze ngokuvumelana nomthetho abakubonisa wona nangokuvumelana nesinqumo sabo. + Ungaphambuki esinqumweni abayosikhipha, ngokuya kwesokudla noma kwesobunxele. +
12 Umuntu ogabadelayo ngokungamlaleli umpristi okhonza uJehova uNkulunkulu wakho noma umahluleli kumelwe afe. + Kumelwe ususe okubi kwa-Israyeli. +
13 Bonke abantu bayozwa futhi besabe, ngeke baphinde bagabadele. +
14 “Lapho ungena ezweni uJehova uNkulunkulu wakho akunika lona, usulithathile futhi uhlala kulo, bese uthi, ‘Mangizibekele inkosi phezu kwami njengazo zonke izizwe ezingizungezile,’ +
15 uma kwenzeka kanjalo, kufanele nakanjani ubeke inkosi uJehova uNkulunkulu wakho ayikhethayo. + Kufanele ukhethe inkosi phakathi kwabafowenu. Awuvunyelwe ukubeka isifiki esingeyena umfowenu ukuba sibe inkosi yakho.
16 Nokho, akufanele izitholele amahhashi amaningi + noma yenze abantu babuyele eGibhithe ukuze bathole amahhashi engeziwe, + ngoba uJehova wathi kuwe, ‘Akumelwe nanini ubuyele emuva ngale ndlela.’
17 Akufanele nokuba izithathele abafazi abaningi, ukuze inhliziyo yayo ingaphambuki; + futhi akufanele izitholele isiliva negolide eliningi kakhulu. +
18 Lapho ihlala esihlalweni sobukhosi sombuso wayo, kumelwe izibhalele encwadini* ikhophi yalo Mthetho ezowufunda, iwususela kulowo owawugcinwa abapristi abangamaLevi. +
19 “Kumelwe uhlale ukuyo, iwufunde zonke izinsuku zokuphila kwayo, + ukuze ifunde ukwesaba uJehova uNkulunkulu wayo, igcine wonke amazwi alo Mthetho nalezi ziqondiso ngokuzenza. +
20 Ngaleyo ndlela inhliziyo yayo ngeke iziphakamise ngaphezu kwabafowabo futhi ngeke iphambuke kulowo myalo iye kwesokudla noma kwesobunxele, ukuze ihlale isikhathi eside embusweni wayo, yona nabantwana bayo phakathi kuka-Israyeli.