U-Isaya 18:1-7
-
Umyalezo ngokumelene neTopiya (1-7)
18 Maye ngezwe lezinambuzane ezibhuzayo ezinamaphiko,Elisesifundeni semifula yaseTopiya! +
2 Lithumela izithunywa ngolwandle,Zihambe emanzini ngemikhumbi yemihlanga, lithi:
“Hambani, nina zithunywa ezinejubane,Niye esizweni esinabantu abade nabanesikhumba esihle,*Esizweni esesatshwa yonke indawo, +Esizweni esinamandla nesinqobayo,*Izwe laso elikhukhulwe yimifula.”
3 Nina nonke enakhe ezweni nani nonke enihlala emhlabeni,Eniyokubona kuyoba njengesibonakaliso* esiphakanyiswe ezintabeni,Niyozwa umsindo onjengowokushaywa kophondo.
4 Ngoba yilokhu uJehova akushilo kimi:
“Ngizohlala ngingaphazamisekile futhi ngibheke indawo* yami emisiwe,Njengomoya oshisayo ohambisana nokukhanya kwelanga,Njengamazolo ekushiseni kwangesikhathi sokuvuna.
5 Ngoba ngaphambi kokuvuna,Lapho izimbali seziqedile ukuqhakaza futhi ziba amagilebhisi avuthwayo,Amahlumela ayonqunywa ngesikele sokuthena izihlahlaImiliba iyosuswa.
6 Izidumbu zabo ziyoshiyelwa izinyoni zasezintabeni ezidla inyamaNezilwane zasemhlabeni.
Izinyoni ezidla inyama ziyohlala kuzo ehlobo,Nazo zonke izilwane zasemhlabeni ziyohlala kuzo ngesikhathi sokuvuna.
7 Ngaleso sikhathi kuyolethwa isipho kuJehova wamabutho,Sivela esizweni esinabantu abade nabanesikhumba esihle,*Esizweni esesatshwa yonke indawo,Esizweni esinamandla nesinqobayo,*Izwe laso elikhukhulwe yimifulaSiye endaweni ebizwa ngegama likaJehova wamabutho, iNtaba iZiyoni.” +
Imibhalo yaphansi
^ NgesiHebheru, “esizweni esilulekile nesisulekile.”
^ Noma, “Esizweni esinezikhwepha nesinyathelayo.”
^ Noma, “njengesigxobo esiwuphawu.”
^ Noma kungaba, “ngisendaweni.”
^ NgesiHebheru, “esizweni esilulekile nesisulekile.”
^ Noma, “Esizweni esinezikhwepha nesinyathelayo.”