U-Isaya 46:1-13
46 UBheli uyagoba, + uNebo uyafola.
Izithixo zabo zilayishwe ezilwaneni, ezilwaneni ezithwala imithwalo, +Njengemithwalo esinda izilwane ezikhathele.
2 Bayafola bagobe bobabili;Abakwazi ukuthwala imithwalo,*Baya ekuthunjweni.
3 “O wena ndlu kaJakobe, ngilalele, nani nonke enisele endlini ka-Israyeli, +Nina enginisekele kusukela nizalwa, nganinakekela kusukela esibelethweni. +
4 Ngiyolokhu ngingofanayo nize niguge; +Ngiyoqhubeka nginisekela kuze kube yilapho izinwele zenu sezimpunga.
Njengoba ngenzile ngizonithwala, nginisekele nginikhulule. +
5 Nizongifanisa nobani noma ningilinganise nobani noma ningiqhathanise nobani, +Ukuze sifane? +
6 Kukhona labo abakhipha igolide esikhwameni sabo;Bakala isiliva esikalini.
Baqasha osebenza ngensimbi, alenze libe ngunkulunkulu. +
Bayamkhothamela, yebo, bamkhonze. +
7 Bametshatha ehlombe; +Bayamthwala bambeke endaweni yakhe, ame nje lapho.
Akasuki endaweni yakhe. +
Bayammemeza kodwa akaphenduli;Akakwazi kusindisa muntu ekucindezelekeni. +
8 Kukhumbuleni lokhu, niqunge isibindi.
Nicabange ngakho ezinhliziyweni, nina zeqamthetho.
9 Khumbulani izinto zakudala,* zesikhathi esidlule,Ukuthi nginguNkulunkulu* futhi akekho omunye.
NginguNkulunkulu akekho ofana nami. +
10 Ngibikezela isiphetho kusukela ekuqaleni,Kusukela kudala ngibikezela izinto ezingakenziwa. +
Ngithi, ‘Isinqumo* sami siyokuma, +Ngizokwenza noma yini engiyithandayo.’ +
11 Ngibiza inyoni edla inyama empumalanga. +
Ngibiza umuntu ozofeza injongo* yami ezweni elikude. +
Ngikhulumile futhi ngizokuletha.
Ngikuhlosile futhi ngizokwenza. +
12 Ngilaleleni nina eninezinhliziyo ezilukhuni,*Nina enikude nokulunga.
13 Ngikusondezile ukulunga kwami;Akukude,Nensindiso yami ngeke yephuze ukufika. +
Ngizonika insindiso eZiyoni, nginike no-Israyeli ubuhle bami.” +
Imibhalo yaphansi
^ Okuwukuthi, izithixo ezithwelwe yizilwane.
^ NgesiHebheru, “zokuqala.”
^ Noma, “ngingowaPhezulu.”
^ Noma, “Injongo; Iseluleko.”
^ Noma, “isinqumo; iseluleko.”
^ NgesiHebheru, “ezinamandla.”