U-Isaya 59:1-21
59 Bheka! Isandla sikaJehova asisifushane ukuba singehluleka ukusindisa, +Nendlebe yakhe ayithuntubezekile* ukuba ingehluleka ukuzwa. +
2 Cha, iziphambeko zenu zinihlukanisile noNkulunkulu wenu. +
Izono zenu zimenze wanifihlela ubuso bakhe,Uyenqaba ukunilalela. +
3 Ngoba izintende zezandla zenu zingcoliswe yigazi +Neminwe yenu yisiphambeko.
Izindebe zenu zikhuluma amanga, + nolimi lwenu luvungazela ukungalungi.
4 Akekho omemezayo efuna ukulunga, +Akekho oya enkantolo ngokwethembeka.
Bathembela entweni engekho + bakhulume into engathi shu.
Bakhulelwa inkathazo bazale okulimazayo. +
5 Bachamisela amaqanda enyoka enesihlungu,Beluka ulwembu lwesicabucabu. +
Noma ubani odla amaqanda ayo angafa,Eqandeni eliphihlizwayo kuphuma inyoka enesihlungu.
6 Ulwembu lwabo ngeke lusebenze njengengubo,Ngeke bazimboze ngalokho abakwenzayo. +
Imisebenzi yabo iyalimaza,Izenzo zabo zobudlova zisezandleni zabo. +
7 Izinyawo zabo zigijimela ekwenzeni okubi,Bayashesha ukuchitha igazi elingenacala. +
Imicabango yabo iyimicabango elimazayo;Ukucekela phansi nokubhubhisa kusezindleleni zabo. +
8 Abayazanga indlela yokuthula,Abukho ubulungisa ezindleleni zabo. +
Izindlela zabo bayazigwegwisa;Akekho ohamba kuzo oyoba nokuthula. +
9 Yingakho ubulungisa bukude nathi,Nokulunga kungasifici.
Silokhu sithembe ukuthola ukukhanya, kodwa kukhona ubumnyama;Ukuthola ukukhanya okukhulu, kodwa silokhu sihamba ebumnyameni. +
10 Silokhu siphumputha udonga njengezimpumputhe;Njengalabo abangenawo amehlo siyaqhubeka siphumputha. +
Sikhubeka emini bebade njengasebumnyameni bakusihlwa;Phakathi kwabayizidlakela sinjengabantu abafile.
11 Sonke siqhubeka sibhonga njengamabhereSikhale njengamajuba.
Sethemba ukuthola ubulungisa kodwa abukho;Ukuthola insindiso kodwa ikude nathi.
12 Ngoba sikuvukele kaningi; +Isono sethu ngasinye sifakaza ngokumelene nathi. +
Sikwazi kahle ukuvukela kwethu;Sizazi kahle iziphambeko zethu. +
13 Seqe umthetho samphika uJehova;Simfulathele uNkulunkulu wethu.
Sikhulume ngokucindezela nangokuvukela; +Sikhulelwe amanga savungazela amazwi angamanga avela enhliziyweni. +
14 Ubulungisa buhlehlisiwe, +Nokulunga kumele kude; +Ngoba iqiniso* likhubekile esigcawini,Okulungile akukwazi ukungena.
15 Iqiniso alisekho, *+Noma ubani oyekayo ukwenza okubi uyaphangwa.
UJehova wakubona lokhu futhi kwamdumaza,*Ngoba babungekho ubulungisa. +
16 Wabona ukuthi kwakungekho muntu,Wamangala ukuthi kwakungekho muntu olamulayo.Ngakho ingalo yakhe yaletha insindiso,*Nokulunga kwakhe kwamsekela.
17 Khona-ke wagqoka ukulunga njengokungathi yijazi lensimbiNesigqoko sokuzivikela sensindiso* ekhanda lakhe. +
Wagqoka izingubo zempindiselo njengesembatho +Wazisonga ngentshiseko njengokungathi ngejazi.*
18 Uyobanika umvuzo ngenxa yalokho abakwenzile: +
Uyoba nolaka ezitheni zakhe, aphindisele ezitheni zakhe. +
Uyobuyisela iziqhingi okuzifanele.
19 Kusukela entshonalanga bayokwesaba igama likaJehovaKusukela empumalanga besabe inkazimulo yakhe,Ngoba uyofika njengomfula okhukhulayo,Oqhutshwa ngumoya kaJehova.
20 “UMhlengi + uyofika + eZiyoni,Uyofika kwabakwaJakobe abaphendukayo esonweni,” + kusho uJehova.
21 “Kodwa mina, yilesi isivumelwano sami nabo,” + kusho uJehova. “Umoya wami ophezu kwakho namazwi ami engiwafake emlonyeni wakho—ngeke kususwe emlonyeni wakho, emlonyeni wezingane zakho* noma emlonyeni wabazukulu bakho,”* kusho uJehova, “kusukela manje kuze kube phakade.”
Imibhalo yaphansi
^ NgesiHebheru, “ayisindi.”
^ Noma, “ukwethembeka.”
^ Noma, “Ukwethembeka akusekho.”
^ NgesiHebheru, “kwakukubi emehlweni akhe.”
^ Noma, “yamenza wanqoba.”
^ Noma, “ngejazi elingenamikhono.”
^ Noma, “sokunqoba.”
^ NgesiHebheru, “wembewu yakho.”
^ NgesiHebheru, “wembewu yembewu yakho.”