NgokukaMarku 10:1-52
10 Wasukuma, wahamba waya emingceleni yaseJudiya ngaphesheya kweJordani, izixuku zaphinde zaqoqanela kuye. Njengenjwayelo, waphinde wazifundisa. +
2 AbaFarisi basondela kuye behlose ukumvivinya, bambuza ukuthi kwakungokomthetho yini ukuba indoda idivose umkayo. +
3 Wabaphendula wathi: “UMose waniyala wathini?”
4 Bathi: “UMose wavuma ukuba kubhalwe isitifiketi sokumxosha futhi amdivose.” +
5 Kodwa uJesu wathi kubo: “Wanilobela lowo myalo + ngenxa yokucabangela izinhliziyo zenu ezilukhuni. +
6 Nokho, kusukela ekuqaleni kwendalo, ‘Wabadala kwaba owesilisa nowesifazane. +
7 Ngenxa yaleso sizathu, indoda iyoshiya uyise nonina, +
8 laba ababili bayoba nyamanye,’ + ngakho abasebabili, kodwa sebenyamanye.
9 Ngakho-ke, lokho uNkulunkulu akubophele ndawonye makungahlukaniswa muntu.” +
10 Lapho sebebuyele endlini, abafundi bambuza ngalokhu.
11 Wathi kubo: “Noma ubani odivosa umkakhe ashade nomunye, uyaphinga, +
12 futhi uma kwenzeka owesifazane, ngemva kokudivosa umyeni wakhe, ashade nomunye, uyaphinga.” +
13 Abantu babe sebeletha abantwana kuye ukuze abathinte, kodwa abafundi babakhuza. +
14 Lapho ebona lokhu, uJesu wathukuthela wathi kubo: “Bayekeni abantwana beze kimi; ningabavimbi, ngoba uMbuso kaNkulunkulu ungowabanjalo. +
15 Ngiqinisile ngithi kini, noma ubani ongawamukeli uMbuso kaNkulunkulu njengomntwana akasoze angena kuwo.” +
16 Wabagona abantwana, wababusisa, ebabeka izandla. +
17 Njengoba ayehamba, umuntu othile wagijima waya kuye, wafike waguqa ngamadolo phambi kwakhe wambuza lo mbuzo: “Mfundisi Omuhle, yini okumelwe ngiyenze ukuze ngizuze ifa lokuphila okuphakade?” +
18 UJesu wathi kuye: “Kungani uthi ngimuhle? Akekho omuhle ngaphandle koyedwa, uNkulunkulu. +
19 Uyayazi imiyalo ethi: ‘Ungabulali, + ungaphingi, + ungebi, + ungafakazi amanga, + ungaphambi abantu, + hlonipha uyihlo nonyoko.’ ” +
20 Lo muntu wathi kuye: “Mfundisi, zonke lezi zinto ngizigcinile kusukela ebusheni bami.”
21 UJesu wambuka wezwa emthanda, wathi kuye, “Yinye into esele okumelwe uyenze: Hamba, uthengise lokho onakho uphe abahluphekayo, uyoba nengcebo ezulwini; bese uza ube umlandeli wami.” +
22 Kodwa wadabuka ngenxa yaleyo mpendulo, wahamba elusizi ngoba wayenempahla eningi. +
23 Ngemva kokuqalaza, uJesu wathi kubafundi bakhe: “Yeka ukuthi kuyoba nzima kangakanani ngalabo abanemali ukungena eMbusweni kaNkulunkulu!” +
24 Kodwa la mazwi akhe abamangaza abafundi. UJesu wabe esethi kubo: “Bantwana, yeka ukuthi kunzima kangakanani ukungena eMbusweni kaNkulunkulu!
25 Kulula ukuba ikamela lichushe embotsheni yenaliti kunokuba isicebi singene eMbusweni kaNkulunkulu.” +
26 Bakhexa nakakhulu bathi kuye:* “Kanti ubani ongasindiswa?” +
27 Ebabheka ngqo, uJesu wathi kubo: “Kubantu akunakwenzeka, kodwa akunjalo kuNkulunkulu, ngoba zonke izinto zingenzeka kuNkulunkulu.” +
28 UPetru wathi kuye: “Bheka! Sishiye zonke izinto sakulandela.” +
29 UJesu wathi: “Ngiqinisile ngithi kini, akekho oshiye indlu noma abafowabo noma odadewabo noma unina noma uyise noma abantwana noma amasimu ngenxa yami nangenxa yezindaba ezinhle +
30 ongeke athole kwamanje izindlu, abafowabo, odadewabo, onina, abantwana namasimu izikhathi eziphindwe kawu-100, kanye nokushushiswa + futhi esikhathini* esizayo athole ukuphila okuphakade.
31 Kodwa abaningi abangabokuqala bayoba ngabokugcina nabokugcina babe ngabokuqala.” +
32 UJesu nabafundi bakhe babekhuphuka ngendlela beya eJerusalema, uJesu wayehamba phambili, abafundi bakhe bamangala, kodwa labo ababelandela baqala ukwesaba. Waphinde wabizela eceleni abayiShumi Nambili* wabatshela lezi zinto ezase zizomehlela: +
33 “Bhekani! Sikhuphukela eJerusalema, iNdodana yomuntu izonikelwa kubapristi abakhulu nakubabhali. Bazoyinika isigwebo sokufa bayinikele kubantu bezizwe,
34 bahlekise ngayo bayikhafulele, bayibhaxabule bayibulale, kodwa izovuka ngemva kwezinsuku ezintathu.” +
35 UJakobe noJohane, amadodana kaZebedewu, + beza kuye bathi: “Mfundisi, sifuna usenzele noma yini esiyicela kuwe.” +
36 Wathi kubo: “Nifuna nginenzeleni?”
37 Bathi kuye: “Sivumele ukuba omunye ahlale ngakwesokudla sakho, omunye ngakwesobunxele sakho, enkazimulweni yakho.” +
38 Kodwa uJesu wathi kubo: “Anikwazi enikucelayo. Ningakwazi yini ukuphuza indebe engiyiphuzayo noma ukubhapathizwa ngobhapathizo engibhapathizwa ngalo?” +
39 Bathi kuye: “Singakwazi.” UJesu wathi kubo: “Indebe engiyiphuzayo niyoyiphuza futhi niyobhapathizwa ngobhapathizo engibhapathizwa ngalo. +
40 Kodwa ukuhlala ngakwesokudla sami noma ngakwesobunxele sami akukhona okwami ukuba ngiphane ngakho, kodwa kungokwalabo okulungiselelwe bona.”
41 Lapho abanye abayishumi bezwa ngalokho, babathukuthelela oJakobe noJohane. +
42 Kodwa uJesu wababiza, wathi kubo: “Niyazi ukuthi labo ababonakala bebusa* izizwe, bazenza izingqongqo phezu kwazo nezikhulu zazo, basebenzisa igunya phezu kwazo. +
43 Akumelwe kube njalo phakathi kwenu; kodwa noma ubani ofuna ukuba mkhulu phakathi kwenu kumelwe abe yisikhonzi senu, +
44 futhi noma ubani ofuna ukuba owokuqala phakathi kwenu kumelwe abe inceku yenu nonke.
45 Ngoba ngisho neNdodana yomuntu ayizelanga ukukhonzwa, kodwa ukukhonza + nokunikela ngokuphila kwayo kube isihlengo sabaningi.” +
46 Bafika eJeriko. Kodwa njengoba yena nabafundi bakhe nesixuku esikhulu bephuma eJeriko, uBartimewu (indodana kaThimewu), isinxibi* esiyimpumputhe, wayehlezi eceleni komgwaqo. +
47 Lapho ezwa ukuthi kwakunguJesu umNazaretha, wamemeza wathi: “Ndodana kaDavide, + Jesu, yiba nesihe kimi!” +
48 Abaningi bamkhuza bathi akathule, kodwa waqhubeka ememeza nakakhulu, ethi: “Ndodana kaDavide, yiba nesihe kimi!”
49 Ngakho uJesu wama, wathi: “Mbizeni eze kimi.” Bayibiza le mpumputhe, bethi kuyo: “Yiba nesibindi! Sukuma; uyakubiza.”
50 Ilahla ingubo yayo yangaphandle, yagxuma yama ngezinyawo yaya kuJesu.
51 UJesu wathi kuyo: “Ufuna ngikwenzeleni?” Le mpumputhe yathi kuye: “Rabuni,* ngenze ngiphinde ngibone.”
52 UJesu wathi kuyo: “Hamba. Ukholo lwakho lukuphilisile.” + Masinyane yaphinde yabona, + yabe isimlandela endleleni.
Imibhalo yaphansi
^ Noma kungaba, “komunye nomunye.”
^ Noma, “esimisweni sezinto.” Bheka uHlu Lwezincazelo Zamagama.
^ Okuwukuthi, abaphostoli abangu-12.
^ Noma, “ababhekwa njengababusa.”
^ Umuntu ocela imali nezinye izinto kwabanye.
^ Incazelo: “Mfundisi.”