Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Meyi 6-12

IHUBO 36-37

Meyi 6-12

Ingoma 87 Nomthandazo | Amazwi Okuvula (1 umz.)

INGCEBO ESEZWINI LIKANKULUNKULU

1. “Ungathukutheli Ngenxa Yabantu Ababi”

(10 imiz.)

Abantu ababi basibangela ubuhlungu nokuhlupheka (Hu 36:​1-4; w17.04 10 ¶4)

Ukuthukuthelela “abantu ababi” kuyasilimaza nathi (Hu 37:​1, 7, 8; w22.06 10 ¶10)

Ukuthembela ezithembisweni zikaJehova kusinikeza ukuthula (Hu 37:​10, 11; w03 12/1 13 ¶20)

ZIBUZE, ‘Ingabe ngichitha isikhathi sami esiningi ngibukela izindaba ezibonisa izenzo ezimbi?’

2. Amagugu Angokomoya

(10 imiz.)

  • Hu 36:6 —Yini okungenzeka ukuthi umhubi wayeyisho lapho ethi ukulunga kukaJehova “kunjengezintaba eziphakeme [noma kunjengezintaba “zikaNkulunkulu,” mbhw.]”? (it-2-E 445)

  • Yimaphi amagugu owathole ekufundweni kweBhayibheli kwaleli sonto?

3. Ukufundwa KweBhayibheli

YIBA UMSHUMAYELI NOMFUNDISI ONGCONO ENSIMINI

4. Ukuqala Ingxoxo

(3 imiz.) ENDLINI NGENDLU. (lmd isifundo 1 iphuzu 5)

5. Ukubuyela Koxoxe Naye

(4 imiz.) UKUSHUMAYELA NGOKWETHUKELA. Cela ukuqhubela umuntu isifundo seBhayibheli oke wasenqaba ngaphambili. (lmd isifundo 9 iphuzu 4)

6. Inkulumo

(5 imiz.) ijwbv 45—Isihloko: Lisho Ukuthini IHubo 37:4? (th isifundo 13)

UKUPHILA NJENGAMAKRISTU

Ingoma 33

7. Ingabe Uzilungele ‘Izikhathi Zokucindezeleka’?

(15 imiz.) Ingxoxo.

Ngenxa yezinhlekelele zemvelo nezinhlekelele ezenziwa abantu, abafowethu nodadewethu emhlabeni wonke baye balahlekelwa izinto zabo, bezwa nobuhlungu bokushonelwa abantu ababathandayo. (Hu 9:​9, 10) Ngokudabukisayo, iqiniso liwukuthi ‘izikhathi zokucindezeleka’ zingasihlasela noma yinini, ngakho sonke kudingeka sizilungiselele izikhathi ezinjalo.

Ngaphezu kokwenza amalungiselelo angokoqobo, a yini engasisiza lapho kugadla inhlekelele?

  • Lungiselela ingqondo yakho: Kwamukele ukuthi izinhlekelele ziyenzeka, bese ucabanga ngokuthi yini ongayenza lapho zigadla. Gwema ukunamathela ngokweqile ezintweni onazo. Lokhu kuzokusiza uhlakaniphe ugxile ekusindiseni ukuphila kwakho nokuphila kwabanye esikhundleni sokuzama ukusindisa izinto onazo. (Gen 19:16; Hu 36:9) Kuzophinde kukusize nangemva kwenhlekelele ukwazi ukubhekana nesimo njengoba sinjalo, kunciphise nokukhathazeka ngenxa yokulahlekelwa izinto onazo.—Hu 37:19

  • Gcina ukholo lwakho luqinile: Kholelwa ukuthi uJehova uyakwazi futhi uyafuna ukukunakekela. (Hu 37:18) Ngaphambi kokuba kugadle inhlekelele, hlale uzikhumbuza ukuthi uJehova uzoqondisa futhi asekele izinceku zakhe ngisho noma kungase kusinde ‘ukuphila kwazo’ kuphela.—Jer 45:5; Hu 37:​23, 24

Ngokugcina izithembiso zikaJehova zicacile ezingqondweni zethu, simenza “inqaba [yethu] ngesikhathi sokucindezeleka.”—Hu 37:39.

Dlala IVIDIYO ethi Ingabe Ukulungele Ukubhekana Nenhlekelele? Ngemva kwalokho, buza izilaleli le mibuzo:

  • UJehova angasisiza kanjani phakathi nezikhathi zenhlekelele?

  • Yini esingayenza ukuze sizilungiselele?

  • Singabasiza kanjani labo abaye bahlaselwa izinhlekelele?

8. ISifundo SeBhayibheli Sebandla

(30 imiz.) bt isahl. 9 ¶8-16

Amazwi Okuphetha (3 imiz.) | Ingoma 57 Nomthandazo