UTshwala
Ingabe iBhayibheli lithi akulungile ukuphuza utshwala ngokulinganisela?
Hu 104:14, 15; Shu 9:7; 10:19; 1Ti 5:23
-
Isibonelo esiseBhayibhelini esingakusiza:
-
Joh 2:1-11—UJesu wenza isimangaliso sokuqala lapho enza iwayini eliningi elimnandi futhi ngenxa yalokho umakoti nomkhwenyana abahlazeki emshadweni wabo
-
Yiziphi izingozi ezibangelwa ukuphuza ngokweqile noma ukudakwa?
Izinceku zikaNkulunkulu zikubheka kanjani ukudakwa?
1Ko 5:11; 6:9, 10; Efe 5:18; 1Ti 3:2, 3
-
Izibonelo eziseBhayibhelini ezingakusiza:
-
Gen 9:20-25—Njengoba uNowa esedakiwe, uvulela umzukulu wakhe ithuba lokwenza isono esibi kakhulu
-
1Sa 25:2, 3, 36—UNabali, indoda enokhahlo neyisiphukuphuku, yenza izinto ezihlazisayo ezihlanganisa nokudakwa kakhulu
-
Dan 5:1-6, 22, 23, 30, 31—INkosi uBhelishazari iphuza iwayini eliningi kakhulu, ibe seyithuka uJehova uNkulunkulu; inkosi ibulawa ngabo kanye lobu busuku
-
Kungani kudingeka siqaphele ukuthi siphuza kangakanani ngisho noma singadakwa?
IzA 23:20; Isay 5:11; Luk 21:34; 1Ti 3:8
Bheka nalo mBhalo 1Pe 4:3
Singamsiza kanjani omunye umKristu alwisane nomkhuba wokuphuza ngokweqile?
Rom 14:13, 21; 1Ko 13:4, 5; 1Th 4:4
Bheka nesithi “UkuziThiba”