Lingasifundisani IBhayibheli?
Le ncwadi yenzelwe ukukusiza ufunde lokho iBhayibheli elikushoyo mayelana nokuthi kungani sihlupheka, kwenzekani uma sesifile, singaba kanjani nomndeni ojabulayo, nokunye.
Yini UNkulunkulu Ayihlosile Ngathi?
Kungenzeka uyafisa ukwazi ukuthi kungani kunezinkinga ezingaka emhlabeni. IBhayibheli lisifundisa ukuthi maduze uNkulunkulu uzoqeda ukuhlupheka, ukugula nokufa.
ISAHLUKO 1
Ungubani UNkulunkulu?
Ucabanga ukuthi uNkulunkulu uyakukhathalela? Funda ngobuntu bakhe nokuthi ungaba kanjani umngane wakhe.
ISAHLUKO 2
IBhayibheli—Incwadi Evela KuNkulunkulu
IBhayibheli lingakusiza kanjani ezinkingeni zakho? Kungani ungazethemba iziprofetho zalo?
ISAHLUKO 3
Uhloseni UNkulunkulu Ngabantu?
Kuzoba njani ukuphila ezweni elisha lapho umhlaba usuyipharadesi?
ISAHLUKO 4
Ungubani UJesu Kristu?
Funda ukuthi kungani uJesu enguMesiya owayethenjisiwe, wavelaphi, nokuthi kungani eyiNdodana kaJehova ezelwe yodwa.
ISAHLUKO 5
Isihlengo—Yisipho SikaNkulunkulu Esikhulu Kunazo Zonke
Siyini isihlengo? Ungazuza kanjani kuso?
ISAHLUKO 6
Siyaphi Uma Sesifile?
Funda lokho iBhayibheli elikushoyo ngokuthi bakuphi abafileyo nokuthi kungani abantu befa.
ISAHLUKO 7
Abafileyo Bazovuka!
Uke washonelwa umuntu omthandayo? Uyoke uphinde umbone? Funda ukuthi iBhayibheli lithini mayelana novuko.
ISAHLUKO 8
Uyini UMbuso KaNkulunkulu?
Abantu abaningi bayazi umthandazo othi ‘Baba Wethu Osezulwini’. Kusho ukuthini ukuthini ukuthi: “UMbuso wakho mawufike”?
ISAHLUKO 9
Usuzobhubha Yini Umhlaba?
Izenzo zabantu kanye nendlela abacabanga ngayo, kubonisa ukuthi siphila ezinsukwini zokugcina, njengoba iBhayibheli lasho.
ISAHLUKO 10
Iqiniso Mayelana Nezingelosi Namademoni
IBhayibheli likhuluma ngamademoni nezingelosi. Zikhona yini ngempela? Zingasisiza noma zisilimaze?
ISAHLUKO 11
Kungani Kunosizi Olungaka?
Abantu abaningi bacabanga ukuthi uNkulunkulu oyimbangela yobubi obugcwele emhlabeni. Wena ucabangani? Funda lokho uNkulunkulu athi kuyimbangela yezinto ezimbi.
ISAHLUKO 12
Ungaba Kanjani Umngane KaNkulunkulu?
Ungakwazi ukuphila ngendlela ejabulisa uJehova. Empeleni ungaba umngane wakhe.
ISAHLUKO 13
Bonisa Ukuthi Uyakuhlonipha Ukuphila
Uzizwa kanjani uNkulunkulu ngokukhipha isisu, ukufaka igazi nendlela esiphatha ngayo izilwane?
ISAHLUKO 14
Ningaba Umndeni Ojabulayo
Amadoda, amakhosikazi, abazali nezingane kufanele balingise uthando lukaJesu. Sifundani kuJesu?
ISAHLUKO 15
Indlela Efanele Yokukhonza UNkulunkulu
Izinto eziyisithupha ezibonisa labo abasenkolweni yeqiniso.
ISAHLUKO 16
Khonza UNkulunkulu Ngendlela Ayifunayo
Yiziphi izinkinga ongabhekana nazo lapho uxoxela abanye ngezinkolelo zakho? Ungabaxoxela kanjani ngaphandle kokubaphoxa?
ISAHLUKO 17
Umthandazo Uyilungelo Elikhethekile
Uyakulalela yini uNkulunkulu lapho uthandaza? Ukuze uphendule lowo mbuzo kumelwe uqonde lokho iBhayibheli elikushoyo ngomthandazo.
ISAHLUKO 18
Ngikunikele Yini Ukuphila Kwami KuNkulunkulu Bese Ngiyabhapathizwa?
Yiziphi izinto okumelwe umKristu azenze ngaphambi kokuba abhapathizwe? Funda ukuthi kumelelani ukubhapathizwa nokuthi kumelwe kwenziwe kanjani.
ISAHLUKO 19
Hlala Useduze NoJehova
Singabonisa kanjani ukuthi siyamthanda uNkulunkulu nokuthi siyabonga ngakho konke asenzele kona?
Imibhalo Esekugcineni
Izincazelo zamagama asetshenziswe encwadini ethi Lingasifundisani IBhayibheli?