Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

INGXENYE 4

UNkulunkulu Wenza Isivumelwano No-Abrahama

UNkulunkulu Wenza Isivumelwano No-Abrahama

U-Abrahama ulalela uNkulunkulu ngokholo, futhi uJehova uthembisa ukumbusisa nokwandisa inzalo yakhe

SEKUDLULE iminyaka engaba ngu-350 ngemva kukaZamcolo wosuku lukaNowa. Inzalamizi engu-Abrahama yayihlala ezweni elichumayo lase-Uri, indawo namuhla ebizwa ngokuthi i-Iraq. U-Abrahama wayeyindoda enokholo oluphawulekayo. Kodwa manje ukholo lwakhe lwavivinywa.

UJehova watshela u-Abrahama ukuba ashiye izwe azalelwa kulo aye ezweni angalazi, okwaba yiKhanani. U-Abrahama walalela ngaphandle kokungabaza. Wathatha umkhaya wakhe, owawuhlanganisa umkakhe uSara, umshana wakhe uLoti, futhi ngemva kohambo olude, wahlala ematendeni eKhanani. Esivumelwaneni uJehova asenza no-Abrahama, wamthembisa ukuthi kwakuyovela isizwe esikhulu kuye, ukuthi yonke imindeni yomhlaba yayiyobusiswa ngaye nokuthi inzalo yakhe yayiyonikwa izwe laseKhanani.

U-Abrahama noLoti bachuma, baba nemihlambi emikhulu yezimvu nezinkomo. Ngaphandle kobugovu, u-Abrahama wathi uLoti akakhethe noma iyiphi indawo ayithandayo. ULoti wakhetha isifunda esivundile saseMfuleni iJordani futhi wahlala eduze nomuzi waseSodoma. Kodwa abantu baseSodoma babengaziphethe kahle—beyizoni ezinkulu phambi kukaJehova.

Kamuva uJehova uNkulunkulu wabuye waqinisekisa u-Abrahama ngokuthi inzalo yakhe yayizoba ningi njengezinkayezi zezulu. U-Abrahama waba nokholo kuleso sithembiso. Kepha umka-Abrahama othandekayo, uSara, wayelokhu engenabantwana. Kwathi lapho u-Abrahama eneminyaka engu-99 ubudala, uSara esecela eminyakeni engu-90, uNkulunkulu watshela u-Abrahama ukuthi yena noSara babezoba nendodana. Njengoba uNkulunkulu ayeshilo, uSara wazala u-Isaka. U-Abrahama waba nezinye izingane, kodwa uMkhululi owayethenjiswe e-Edene wayezovela ngo-Isaka.

Phakathi naleso sikhathi, uLoti nomkhaya wakhe babehlala eSodoma, kodwa uLoti olungile akazange afane nabantu bakulowo muzi ababengaziphethe kahle. Lapho uJehova enquma ukwahlulela iSodoma, waqale wathuma izingelosi ukuba ziyoxwayisa uLoti ngembubhiso eyayizofika. Izingelosi zanxusa uLoti nomkhaya wakhe ukuba babaleke eSodoma futhi bangabheki emuva. UNkulunkulu wayesenza ukuba kune umlilo nesibabule eSodoma nasemzini owonakele owawuseduzane, iGomora, wabhubhisa bonke ababehlala khona. ULoti namadodakazi akhe amabili baphunyuka. Kodwa umkaLoti wabheka emuva, mhlawumbe efisa izinto ayezishiyile. Ngenxa yalokhu kungalaleli, wakhokha ngokuphila kwakhe.

—Isekelwe kuGenesise 11:10–19:38