Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Into Oyidingayo IseBhayibhelini!

Into Oyidingayo IseBhayibhelini!

Into Oyidingayo IseBhayibhelini!

◼ Umbhangqwana okhuluma isiFulentshi ongoFakazi BakaJehova wangena efulethini elithile edolobheni lase-Ajaccio elisesiqhingini saseCorsica eMediterranean. Wacosha imvilophu engabhalwe lutho eyayinama-euro angamakhulu amane. Inkosikazi ichaza lokho abakwenza ngemva kwalokho: “Safaka isaziso ebhodini lomphakathi elisendaweni yokwamukela abantu, esasithi olahlekelwe yimvilophu angasishayela ucingo, safaka nenombolo yethu.”

Ngobusuku obulandelayo owesifazane othile wasishayela ucingo. Ngemva kokuba esesinikeze ubufakazi bokuthi nguyena olahlekelwe yimali, wahlela ukubonana nalo mbhangqwana. Emangele ukuthi kukhona owayengamtholisela imali yakhe, wafika nesixha sezimbali. Imvilophu eyayimlahlekele yayinomholo wakhe, futhi ngosuku olulandelayo wayezokuya eholidini inyanga yonke.

Phakathi neholidi, wathumelela lo mbhangqwana ikhadi, ewubonga ngesenzo sawo somusa. Ngemva kokuba lona wesifazane ebuyile eholidini, labo Fakazi ababili bamvakashela bakhuluma naye ngosizo olungokoqobo lweBhayibheli ekuphileni komkhaya nasekuziphatheni kwansuku zonke, izinto ezamthakazelisa.

Usebenzisa incwadi ethi Lifundisani Ngempela IBhayibheli? lo mbhangqwana wasebenzisa leli thuba ukuze baxoxe ngamaphuzu ambalwa asesahlukweni esithi “Indlela Yokwenza Ukuphila Komkhaya Wakho Kujabulise.” Lona wesifazane wahlabeka umxhwele, wathi: “Habe, yonke into engiyidingayo iseBhayibhelini!” Wabe esemukela isifundo seBhayibheli samahhala.

Incwadi ethi Okufundiswa IBhayibheli ayikhulumi nje ngokuphila komkhaya kuphela kodwa nangeqiniso ngoNkulunkulu noJesu Kristu, nangokuthi bakuphi abafileyo, kungani uNkulunkulu evumela ukuhlupheka nezinye izihloko eziningi ezikhathaza abantu. Ungacela ikhophi ngokugcwalisa lesi sigqebhezana bese usithumela ekhelini eliboniswe lapha noma ekhelini elifanele kwasekhasini 5 lalo magazini.

□ Ngicela ningilethele ikhophi yencwadi eboniswe lapha.

□ Bonisa ulimi.

□ Ngicela ningithinte mayelana nesifundo seBhayibheli sasekhaya samahhala.