Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

INcwadi Ongayethemba—Ingxenye 7

UMbuso Wezwe Wesikhombisa

INcwadi Ongayethemba—Ingxenye 7

Lesi yisihloko sokugcina ochungechungeni lwezihloko eziyisikhombisa ze-“Phaphama!” ezikhuluma ngemibuso eyisikhombisa emlandweni weBhayibheli. Injongo iwukubonisa ukuthi iBhayibheli lithembekile futhi liphefumulelwe uNkulunkulu nokuthi linomyalezo wethemba ngokuphela kokuhlupheka okubangelwa ukubusa kabi kwabantu.

SIPHILA esikhathini esikhetheke kakhulu nesibalulekile—sokuvela kombuso wezwe wesikhombisa womlando oseBhayibhelini. Ngaphezu kwalokho, lo mbuso yiwo kuphela okhulunyelwa yiBhayibheli ngokwesiprofetho, ngoba eminye eyisithupha engaphambi kwawo iyatholakala emlandweni weBhayibheli. Ngokuphathelene nemibuso eyisikhombisa, noma “amakhosi,” iBhayibheli labikezela: “Kukhona amakhosi ayisikhombisa: ayisihlanu asewile, enye ikhona, enye ayikafiki, kodwa lapho ifika kumelwe ihlale isikhashana.” *IsAmbulo 17:10.

Lapho kulotshwa la mazwi eminyakeni engaphezudlwana kwengu-1 900 edlule, “amakhosi” amahlanu kwayisikhombisa noma imibuso yezombangazwe, ‘ayesewile.’ KwakuyiGibhithe, i-Asiriya, iBhabhiloni, amaMede namaPheresiya, neGrisi. Inkulumo ethi “enye ikhona,” yayibhekisele embusweni waseRoma. Kodwa iRoma lalingeke lime kuze kuba phakade. Kwakuzoba nomunye umbuso, kodwa isiprofetho sathi: ‘Awukafiki.’ Ngokuvumelana nesiprofetho seBhayibheli, ‘inkosi’ yesikhombisa yavela emhlabeni! Kwaba yimuphi lowo mbuso? Ingabe uzobusa kuze kube phakade? Uma kungenjalo, uyokuwa kanjani? IBhayibheli liyicacisa kahle le ndaba.

Isiprofetho Esinokwethenjelwa

Umbuso wesikhombisa waqala ukubonakala lapho iNgilandi iqala ukugqama enyakatho-ntshonalanga yoMbuso WaseRoma. Ngawo-1760, leli zwe eliyisiqhingi lase liwuMbuso WaseBrithani onamandla. IBrithani yaqhubeka nokudlondlobala kwezomnotho namandla, futhi ngekhulu le-19, yayisiyizwe elicebe kakhulu nelinamandla kunawo wonke emhlabeni. Incwadi ethile ithi, “UMbuso WaseBrithani, wawumkhulu kunayo yonke eyake yaba khona emhlabeni. Wawunezakhamuzi eziyizigidi ezingu-372 futhi uhlanganisa indawo engamakhilomitha-skwele ayizigidi ezingu-28.”

Nokho, impi yezwe yokuqala (1914-1918) yashukumisa iBrithani ukuba yakhe ubudlelwane obukhethekile ne-United States, eyayikade iyikoloni. Waba yini umphumela? UMbuso WaseBrithani wavumela ukwakheka kombimbi lwamaNgisi namaMelika, ngezindlela eziningi lona umbuso wezwe ombaxa-mbili okhuluma isiNgisi oye waqhubeka kwaze kwaba manje.—Bheka ibhokisi elithi  “Umbimbi Oluphawulekayo.”

Isiprofetho esikusAmbulo 17:10 sigcwalisa  esinye isiprofetho esitholakala encwadini kaDaniyeli. UDaniyeli wabhala ‘ngomfanekiso omkhulu’ owabonwa yinkosi yaseBhabhiloni uNebukhadinezari embonweni eyawunikwa uNkulunkulu. (Daniyeli 2:28, 31-43) UDaniyeli watshela inkosi ukuthi izingxenye zomzimba womfanekiso zazimelela imibuso yezombangazwe elandelanayo eyaqala ngeBhabhiloni, umbuso womhlaba wangaleso sikhathi. (Umbuso waseGibhithe nowase-Asiriya yayisifikile yadlula.) Umlando namuhla ugcizelela lokhu okulandelayo:

Ikhanda legolide lalimelela uMbuso WaseBhabhiloni.

Isifuba nezingalo zesiliva kwakumelela amaMede namaPheresiya.

Isisu namathanga okuyithusi kwakubhekisela eGrisi yasendulo.

Imilenze yensimbi yayifanekisela uMbuso WaseRoma.

Izinyawo, eziyingxube yensimbi nobumba, zifanekisela isimo esingabumbene esingokombangazwe nesezenhlalo phakathi nokubusa kwamaNgisi namaMelika.

NgokwesAmbulo 17:10, umbuso wezwe wesikhombisa ‘kumelwe uhlale isikhashana.’ Siyoba side kangakanani leso sikhathi? Uyonyamalala kanjani emhlabeni? Kuyobe sekwenzekani ngemva kwalokho? UDaniyeli uyayiphendula le mibuzo.

Ithemba Ongaqiniseka Ngalo

Ngemva kokuchaza isithombe okukhulunywe ngaso, uDaniyeli wabhala: “Kwaqheshulwa itshe kungengazandla, lawushaya umfanekiso ezinyaweni zawo zensimbi nobumba olubunjiwe lazichoboza.” (Daniyeli 2:34) Lo mbukwane omangalisayo wawusho ukuthini?

UDaniyeli waqhubeka: “Ezinsukwini zalawo makhosi uNkulunkulu wezulu uyomisa umbuso ongeke neze uchithwe. Futhi lowo mbuso ngeke udluliselwe kwabanye abantu. Uyochoboza uqede yonke le mibuso [yomhlaba], wona uqobo ume kuze kube nini nanini.” * (Daniyeli 2:44, 45) Phawula la maphuzu abalulekile:

  1. UMbuso onqobayo omelelwa yitshe elikhulu, ‘umiswe’ uNkulunkulu ngokwakhe, hhayi ‘izandla’ zomuntu. Ngakho, ubizwa kufanele ngokuthi uMbuso kaNkulunkulu.

  2. UMbuso kaNkulunkulu “uyochoboza” yonke imibuso yabantu, kuhlanganise nombuso wezwe wesikhombisa. Kungani? Yonke le mibuso iyokwenqaba ukuyeka ukubusa futhi iyobhekana noNkulunkulu empini yokugcina enkulu endaweni engokomfanekiso okuthiwa iHar–Magedoni, noma i-Armagedoni. IBhayibheli likwenza kucace ukuthi le mpi ihilela ‘amakhosi omhlaba wonke owakhiwe.’—IsAmbulo 16:13, 14, 16.

  3.   Ngokungafani nemibuso yabantu ehlala isikhashana, kuhlanganise nemibuso yezwe eyisikhombisa, uMbuso kaNkulunkulu “ngeke neze uchithwe.” Kanti futhi uyobusa kuwo wonke umhlaba.—Daniyeli 2:35, 44.

Ukubhujiswa kokugcina kwabaphikisi bakaNkulunkulu kuyoba ukugcwaliseka okuwumbukwane kwesiprofetho esikuGenesise 3:15, okwakhulunywa ngaso esihlokweni sokuqala salolu chungechunge. INzalo yowesifazane, uJesu Kristu, yayiyochoboza inyoka engokomfanekiso, uSathane kanye nenzalo yakhe. (Galathiya 3:16) Inzalo kaSathane ihlanganisa bonke abantu abamukela izindlela zakhe ezimbi nabakhuthaza ukuzibusa ngokumelene nokubuswa uNkulunkulu noKristu.—IHubo 2:7-12.

Lokhu kusiletha embuzweni obaluleke kakhulu: Iyokwenzeka nini le mbubhiso yokugcina? “Itshe”—uMbuso kaNkulunkulu—liyoyisusa nini yonke iminonjana yokubusa komuntu? IBhayibheli liphendula lowo mbuzo ngokukhuluma ‘ngesibonakaliso’ esasiyophawula izinsuku zokugcina.—Mathewu 24:3.

Sibone “Isibonakaliso”!

Isibonakaliso sesiphelo sihlanganisa impi yembulunga yonke, “ukuzamazama okukhulu komhlaba,” “izifo eziwumshayabhuqe,” “nokusweleka kokudla” okungakaze kubonwe. (Luka 21:10, 11; Mathewu 24:7, 8; Marku 13:8) Okunye okwakuyophawula ‘izinsuku zokugcina,’ ukuwohloka kwezindinganiso zokuziphatha nezingokomoya emphakathini. (2 Thimothewu 3:1-5) Ingabe “zonke lezi zinto” sezenzekile? (Mathewu 24:8) Yebo—kangangokuthi abantu abaningi bayalesaba ikusasa. Iphephandaba i-Globe and Mail lathi: “Abanye ongqondongqondo abahlonishwayo kwezesayensi nasemphakathini bakhipha izimemezelo ezisabisayo ngokuphela kwesintu.”

Kodwa labo ngqongongqondo, bashaye phansi ngokuphathelene nalesi sici esibalulekile—isintu ngokwaso ngeke sishabalale. Empeleni, ukungenela koMbuso kaNkulunkulu kuyakuqinisekisa lokhu! Lapho ekhuluma ngesibonakaliso sokuphela, uJesu Kristu wathi: “Lezi zindaba ezinhle zombuso ziyoshunyayelwa emhlabeni wonke owakhiwe ngenjongo yobufakazi ezizweni zonke; khona-ke ukuphela kuyofika.” (Mathewu 24:14) Siye sagcwaliseka kanjani lesi siprofetho?

Emazweni angaphezu kuka-230 oFakazi BakaJehova bamemezela uMbuso kaNkulunkulu. Empeleni, isihloko sikamagazini wabo oyinhloko, sithi INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova—uJehova yigama likaNkulunkulu. (IHubo 83:18) Uhlelo loFakazi lokufundisa ngeBhayibheli lusiza abantu nemindeni eminingi ukuba bashintshe izindlela zokuphila eziyingozi futhi bahlakulele ukuziphatha okuhlanzekile nokunokuthula okuvumelana nezindinganiso zikaNkulunkulu. (1 Korinte 6:9-11) Ngenxa yalokho, izigidi zabantu emhlabeni wonke ziyaqiniseka ukuthi ziyothola isivikelo sikaNkulunkulu lapho uMbuso wakhe ungenela ezindabeni zesintu.

Ngempela, ziyozibonela ngawazo ukugcwaliseka komthandazo kaKristu oyisibonelo, obuye ubizwe ngokuthi uMthandazo WeNkosi, othi  ngokwengxenye: “Mawufike umbuso wakho. Mayenziwe intando yakho emhlabeni njengasezulwini.” (Mathewu 6:10, IBhayibheli lesiZulu elivamile) Ingabe uke wazibuza ukuthi ukuphila kuyoba njani emhlabeni lapho bonke abantu sebethanda uNkulunkulu futhi bemlalela? Izindima zeBhayibheli ezilandelayo zingakusiza ubone ukuthi kungani ifaneleka inkulumo ethi ‘izindaba ezinhle.’

Lapho Intando KaNkulunkulu Yenziwa Emhlabeni . . .

IBhayibheli lithembisa ukuthi ukuthula kwangempela kuyochuma ngaphansi kokubusa koMbuso kaNkulunkulu

  • Kuyoba nokuthula kwangempela, hhayi nje ukungabi khona kwempi. ‘UJehova uqeda izimpi kuze kube semkhawulweni womhlaba. Umnsalo uyawuphula anqamule umkhonto ube yizicucu; izinqola uzishisa ngomlilo.’ (IHubo 46:8, 9) “Abamnene bayodla ifa lomhlaba, futhi ngempela bayothola injabulo enkulu ngokuchichima kokuthula.”—IHubo 37:11.

  • Bonke bayoba nensada yokudla. “Kuyoba khona inala yokusanhlamvu emhlabeni; kuyoba khona ukuchichima esiqongweni sezintaba.”—IHubo 72:16.

  • Bonke bayoba nempilo ephelele. “Akekho ohlala khona oyothi: ‘Ngiyagula.’”—Isaya 33:24.

  • Wonke umuntu uyokuba nekhaya elithokomele. “Ngokuqinisekile bayokwakha izindlu bahlale kuzo; nakanjani bayotshala izivini badle izithelo zazo. Ngeke bakhe kuhlale omunye; ngeke batshale kudle omunye.”—Isaya 65:21, 22.

  • Zonke izinhlobo zokuhlupheka ziyophela. “Itende likaNkulunkulu likanye nabantu, . . . Uyosula zonke izinyembezi emehlweni abo, ukufa ngeke kusaba khona, noma ukulila noma ukukhala noma ubuhlungu ngeke kusaba khona. Izinto zangaphambili zidlulile.”—IsAmbulo 21:3, 4.

Ingabe ziyakukhanga lezo zithembiso? Uma kunjalo, oFakazi BakaJehova bakukhuthaza ukuba ugxile ekufundeni iBhayibheli. Nakanjani, uma wenza kanjalo uyothola ubufakazi obengeziwe bokuthi ukubusa komuntu okunonya phezu komunye sekuzophela. Uyobona nokuthi iBhayibheli liyakufanelekela ukuba ulethembe ngokugcwele nokuthi ngempela liphefumulelwe uNkulunkulu.—2 Thimothewu 3:16. *

^ isig. 4 Ngenxa yokuthi le mibuso okukhulunywa ngayo eBhayibhelini yayivame ukubuswa yinkosi, le mibuso ngokwayo kuvame ukubhekiselwa kuyo ngokuthi “amakhosi,” “imibuso,” noma kokubili.—Daniyeli 8:20-22.

^ isig. 18 Ukuze uthole ukwaziswa okwengeziwe ngoMbuso kaNkulunkulu wasezulwini, bheka izahluko 8 no-9 encwadini ethi Lifundisani Ngempela IBhayibheli? enyatheliswa oFakazi BakaJehova.

^ isig. 35 Ukuze uthole okwengeziwe ngeBhayibheli, zizwe ukhululekile ukuxhumana noFakazi BakaJehova endaweni yakini, ngokubhalela ekhelini elifanele kwasekhasini 5, noma uvakashele ingosi ethi www.watchtower.org.