Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

 INGXOXO NOTHILE | MASSIMO TISTARELLI

Umklami Wamarobhothi Uchaza Ngokholo Lwakhe

Umklami Wamarobhothi Uchaza Ngokholo Lwakhe

UProfesa uMassimo Tistarelli ungusosayensi eNyuvesi yaseSassari e-Italy. Ungomunye wabahleli bomagazini abathathu besayensi abasakazwa emhlabeni jikelele futhi uye wahlanganyela ekubhaleni izihloko zesayensi ezingaphezu kwekhulu. Ucwaninga ngendlela abantu abakwazi ngayo ukuhlukanisa ubuso babantu futhi benze izinto ezibonakala zilula njengokunqaka ibhola. Ube eseklama izimiso zokubona zamarobhothi ezilingisa lokho esikwenzayo. I-Phaphama! yambuza ngokholo lwakhe nangomsebenzi wakhe njengososayensi.

Iyiphi inkolo owakhulela kuyo?

Abazali bami babengamaKatolika ayengalubhadi esontweni. Ngiseyinsizwa, ngangingakholelwa ukuthi ukhona uNkulunkulu. Ngafundiswa ukuthi izinto eziphilayo zaba khona ngokuziphendukela kwemvelo futhi lokho ngakwamukela njengokuyiqiniso. Nokho, nakuba ngangingakholelwa ekutheni ukhona uMdali, nganginomuzwa wokuthi kumelwe ukuba kukhona okuthile okuphakeme kunathi. Ukuze ngithole ukuthi kuyini, ngahlola inkolo yobuBuddha, eyobuHindu neyobuTao kodwa izimfundiso zazo azingigculisanga.

Yini eyakwenza waba nesithakazelo kuyisayensi?

Kusukela ngimncane, ngangiyithanda imishini. Ngangize ngihlukanise ngisho namathoyizi ami kagesi ngibuye ngiwahlanganise. Njengoba ubaba ayengunjiniyela wezokuxhumana, ngangivame ukumbuza imibuzo engapheli ngendlela imisakazo nezingcingo okusebenza ngayo.

Yini ebihilelekile emsebenzini wakho njengososayensi?

Ngafundela ukuba unjiniyela wama-electronic eNyuvesi yaseGenoa, ngabe sengenza ucwaningo ngendlela yokuklama amarobhothi ukuze ngithole iziqu eziphakeme. Ngangigxile ekucwaningeni ngesimiso somuntu sokubona nasekutholeni izindlela zokusilingisa lapho ngiklama amarobhothi.

Kungani isimiso sethu sokubona sakuhlaba umxhwele?

Siyinkimbinkimbi ngokumangalisayo, njengoba singahileli amehlo  nje kuphela—sihlanganisa ngisho nokukwazi ukuqonda lokho esikubonayo. Ngokwesibonelo, cabanga ngalokho okwenzekayo lapho unqaka ibhola. Njengoba ugijima uyolinqaka, i-lens yeso lakho igxilisa isithombe sebhola kuyi-retina. Leso sithombe siyadlula siye kuyi-retina kuye ngokuthi ibhola neso kuya ngakuphi. Yiqiniso, ngokuvamile ugcina iso lakho ligxile ebholeni. Isithombe sebhola sibe sesima singanyakazi kuyi-retina kuyilapho indawo engemva kwalo ibonakala “ihamba.”

Ngesikhathi esifanayo, isimiso sakho sokubona silinganisa isivinini sokuhamba kwebhola nohlangothi eliya kulo. Ngokuthakazelisayo, ukulinganisa kuqala kuyi-retina njengoba iso lihlaziya isivinini sokuhamba kwebhola. Inzwa yakho yokubona ibe isidlulisa imiyalezo evela kuyi-retina iyiyise ebuchosheni, obuqhubeka nokuhlaziya lokho kwaziswa bese bukutshela ukuba unqake ibhola. Ukuba inkimbinkimbi kwayo yonke le nqubo kuyakhexisa.

Yini eyakwenza wakholelwa kuMdali?

Ngo-1990, ngachitha izinyanga ezimbalwa eDublin, e-Ireland, ngenza ucwaningo eTrinity College. Njengoba sasisendleleni eya ekhaya nomkami uBarbara, sacabanga ngekusasa labantwana bethu. Sanquma nokuvakashela udadewethu owayengomunye woFakazi BakaJehova. Udadewethu wanginika incwadi ethi Life—How Did It Get Here? By Evolution or by Creation?, enyatheliswa oFakazi. Ucwaningo olujulile olwalwenziwe lapho ibhalwa lwangihlaba umxhwele. Kwabe sekuhlaluka kimi ukuthi ngangamukele imfundiso yokuziphendukela kwemvelo ngingazange ngiyihlolisise. Ngokwesibonelo, ngangicabanga ukuthi indaba yokuziphendukela kwemvelo ifakazelwa kahle imivubukulo. Kanti phinde. Ngempela, lapho ngiyihlola ngokwengeziwe indaba yokuziphendukela kwemvelo, ngagculiseka nakakhulu ukuthi abantu abakholelwa kule mfundiso bamane nje bazishaya isifuba ngeze.

Ngacabanga ngomsebenzi wami wamarobhothi. Ekabani imiklamo engangiyilingisa?

Ngabe sengicabanga ngomsebenzi wami wamarobhothi. Ekabani imiklamo engangiyilingisa? Ngangingenakuliklama irobhothi elikwazi ukunqaka ibhola njengathi. Irobhothi lingacushwa ukuba likwazi ukunqaka ibhola, kodwa kuphela ngaphansi kwezimo ezihleliwe. Alinakukwazi ukukwenza lokho ngaphansi kwezimo ezehlukile kulezo elicushelwe zona. Ikhono lethu lokufunda liphakeme kakhulu kunelomshini—kanti kwayona imishini inabaklami! Leli qiniso limane lingelinye kwamaningi angenza ngaphetha ngokuthi kumelwe ukuba ukhona owasidala.

Kungani waba omunye woFakazi BakaJehova?

Ngokwezinga elithile, kungenxa yokuthi mina noBarbara sazithanda izindlela zabo zokutadisha ezingakhi phezulu. Okwangihlaba umxhwele kakhulu ucwaningo abalwenzayo lapho bebhala izincwadi zabo. Ucwaningo olujulile luyabakhanga abantu abanjengami, abafuna ukuhlaziya imininingwane yezinto. Ngokwesibonelo, ngakhangwa kakhulu iziprofetho noma izibikezelo eziningi eziseBhayibhelini. Ukufunda ngazo kwangenza ngaqiniseka ukuthi ngempela iBhayibheli livela kuNkulunkulu. Ngo-1992, mina noBarbara sabhapathizwa saba ngoFakazi BakaJehova.

Ingabe ucwaningo lwakho lwesayensi lwalwenza buthaka ukholo lwakho?

Cha, isayensi iye yaluqinisa ukholo lwami. Ngokwesibonelo, cabanga ngendlela esikwazi ngayo ukuhlukanisa ubuso babantu. Usana lungakwazi ukwenza lokhu emahoreni ambalwa luzelwe. Mina nawe sisheshe simbone umuntu esimaziyo ngisho noma esesixukwini. Sikwazi ngisho nokuqonda imizwelo yakhe. Noma kunjalo, singase singaqapheli nhlobo ukuthi leli khono lokukwazi ukuhlukanisa lihlanganisa ukuhlaziywa kokwaziswa okuningi ngokuphazima kweso.

Yebo, ngiqiniseka ngokugcwele ukuthi isimiso sethu sokubona siyisipho esiyigugu esivela kuJehova uNkulunkulu. Izipho ezivela kuye, ezihlanganisa neBhayibheli, zingenza ngimbonge futhi ngixoxele abanye ngaye. Ngaphezu kwalokho, nginomuzwa wokuthi kufanele athole udumo ngemisebenzi yakhe.