Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

 AMAZWE NABANTU

Ukuvakashela EPanama

Ukuvakashela EPanama

CISHE iPanama idume ngomsele wayo—umzila wamanzi oxhumanisa ulwandle i-Atlantic nePacific. Kodwa ngenxa yokuthi ilapho kuhlangana khona iNyakatho neNingizimu Melika, iPanama iphinde ihlanganise nabantu bamazwe ahlukahlukene. Igcwele izinhlobonhlobo zezinhlanga namasiko. Inani elikhulu labantu bakhona liyinzalo eyingxube yabomdabu behlangene nabaseYurophu.

INGABE BEWAZI? Ixoxo lasePanama elinombala osagolide (i-Atelopus zeteki) “livayizisa” imilenze yangaphambili ukuze likhange elobulili obuhlukile futhi lixwayise nezitha

Ngo-1501, lapho abahloli bamazwe baseSpain befika ePanama, bathola imiphakathi eminingi yabomdabu, eminye yayo esekhona namanje. Omunye wayo owamaGuna (ngaphambili ayebizwa ngokuthi amaKuna). AmaGuna amaningi ahlala endaweni yabomdabu eSan Blas Archipelago naseduze kogu lweCaribbean  ngasemngceleni ohlukanisa iPanama neColombia. Kule ndawo ayazingela, adobe ngezikebhe zokhuni ezigwedlwayo aphinde alime.

Emphakathini wamaGuna, lapho indoda ishada, iyahamba iyohlala nabasekhweni futhi ibasebenzele. Uma ngokuhamba kwesikhathi umkayo ezala indodakazi, indoda nomkhaya wayo bayokwazi ukuhamba ekhweni bayozakhela umuzi wabo.

Kunamabandla oFakazi BakaJehova angaba ngu-300 ePanama. Ngaphandle kweSpanishi, imihlangano iqhutshwa nangesiShayina, isiNgisi, isiGujarati, isiGuna, isiCreole saseHaiti, isiNgabere noLimi Lwezandla LwasePanama.