Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

  AMAZWE NABANTU

Ukuvakashela EBrazil

Ukuvakashela EBrazil

Lesi sidlo esiconsisa amathe okuthiwa i-feijoada siwukudla komdabu kwaseBrazil

Inyoni okuthiwa i-toucan

EKUQALENI, eBrazil kwakuhlala umphakathi ophila ngokuzingela nokulima. Abahloli bamazwe abangamaPutukezi bafika nenkolo yamaRoma Katolika, ngenxa yalokho, kwakhiwa amasonto nezindawo zokukhulekela—ezinye ezazihlotshiswe ngokhuni olunezikhoxe ezinanyekwe ngemifanekiso yamahlamvu eyenziwe ngegolide.

Kusukela maphakathi nekhulu le-16 kuya maphakathi nekhulu le-19, cishe bayizigidi ezine abantu base-Afrika abathuthwa ngemikhumbi ethwala izigqila bayiswa eBrazil ukuze bayosebenza emasimini. Laba bantu bahamba namasiko abo abasaqhubeka nawo, njengezinkolo ezibizwa ngokuthi i-Afro-Brazilian njengehlelo le-macumba nele-candomblé. Ithonya labantu base-Afrika liyabonakala nasemculweni, emdansweni nasekudleni kwaseBrazil.

Ukudla komdabu okuthiwa i-feijoada, okuthathelwe ohlotsheni lokudla lwamaPutukezi, kuyisitshulu esenziwe ngezinhlobonhlobo zenyama kanye nobhontshisi omnyama, bese sidliwa nelayisi kanye nohlobo lwemifino okuthiwa yi-collard. Ngekhulu le-19 nelama-20, izigidi zabantu abasuka eYurophu (ikakhulukazi e-Italy, ePoland  naseSpain), eJapane nakwezinye izindawo, zathuthela kuleli zwe.

Namuhla, kunoFakazi BakaJehova abangaba ngu-750-000 emabandleni angaphezu kuka-11 000 kulo lonke elaseBrazil. Baqhuba izifundo zeBhayibheli ezingaphezu kuka-800 000. Ukuze kulungiselelwe izindawo zokukhulekela, kunamaqembu okwakha angu-31 ahambela lonke leli zwe ukuze asebenze noFakazi bendawo ekwakheni nasekulungiseni amaHholo OMbuso angaba ngu-250 kuya ku-300 unyaka ngamunye. Kusukela ngo-March 2000, kuye kwakhiwa noma kwalungiswa amaHholo angu-3 647.

INGABE BEWAZI?

UMfula i-Amazon iwona onamanzi amaningi ngaphezu kwayo yonke imifula futhi ugeleza ibanga elingaphezu kwamakhilomitha angu-6 275

Isizalo soMfula i-Amazon siyikhaya likadukathole wehlathi lemvula emhlabeni