INGABE SAKLANYWA?
Isitho Esikhanyisayo Semfinyezi
ISIBANI noma isitho esikhanyisayo sohlobo oluthile lwemfinyezi sembozwe amazenga alekene abangela ukuba ukukhanya okukhishwa yilesi sinambuzane kugqame kakhulu. *
Cabanga Ngalokhu: Abacwaningi bathole ukuthi amazenga amancanyana emboze isitho esikhanyisayo sezinhlobo ezithile zezimfinyezi amise okwendlela othayela noma ama-tiles afulela ngayo. La mazenga ayaphakama ekugcineni ngama-micrometer amathathu
Ingabe lokhu kungalithuthukisa izinga lokukhanya kwezibani ezincanyana zikagesi (diodes), ezisetshenziswa ezintweni zobuchwepheshe? Ukuze bathole impendulo, ososayensi bamboza lezi zibani ngokuthile okusamazenga afuze lawo atholakala esithweni esikhanyisayo semfinyezi. Waba yini umphumela? Lezi zibani zakhipha ukukhanya okuphindwe ngamaphesenti angu-55 kunokujwayelekile! Isazi sesayensi u-Annick Bay uthi: “Into ebaluleke kakhulu ngalolu cwaningo ukuthi lusibonisa ukuthi kukhulu kangakanani esingakufunda ngokubhekisisa izinto zemvelo.”
Ucabangani? Ingabe isitho esikhanyisayo semfinyezi saba khona ngokuziphendukela kwemvelo, noma ingabe saklanywa?
^ isig. 3 Ososayensi abakacwaningi ngazo zonke izinhlobo zezimfinyezi.