UMBONO WEBHAYIBHELI
Umthandazo
Ingabe ukhona olalela imithandazo yethu?
“O Muzwi womthandazo, impela abantu bayo yonke inyama bayokuza kuwe.”—IHubo 65:2.
OKUSHIWO ABANTU
Abantu baye bathi kubonakala sengathi ‘imithandazo iphelela emoyeni.’ Abantu ababhekene nokuhlupheka bangase bathambekele kakhudlwana ekungabazeni ukuthi imithandazo yabo iyalalelwa.
OKUSHIWO YIBHAYIBHELI
“Amehlo kaJehova [uNkulunkulu] aphezu kwabalungileyo, nezindlebe zakhe zisekunxuseni kwabo; kodwa uJehova umelene nabenza izinto ezimbi,” kusho iBhayibheli. (1 Petru 3:12) Ngokusobala uNkulunkulu uyayilalela imithandazo. Nokho, ulalela ngokukhethekile imithandazo yalabo abagcina imiyalo yakhe. Ngokuphathelene nokuzimisela kukaNkulunkulu ukusilalela lapho sithandaza, omunye umBhalo uthi: “Yilokhu ukuqiniseka esinakho kuye, ukuthi, kungakhathaliseki ukuthi yini esiyicelayo ngokwentando yakhe, uyasizwa.” (1 Johane 5:14) Ngakho, labo abathandaza ngobuqotho kudingeka bazi ukuthi luhlobo luni lwezicelo ezingase zivumelane nentando kaNkulunkulu.
Kufanele sithandaze kanjani?
“Lapho uthandaza, ungaphindaphindi izinto ezifanayo.”—Mathewu 6:7.
OKUSHIWO ABANTU
Amalungu ezinkolo ezihlukahlukene—njengobuBuddha, ubuKatolika, ubuHindu nobuSulumane—aye afundiswa ukusebenzisa amarosari ukuze aphindaphinde futhi alandelanise imithandazo yawo.
OKUSHIWO YIBHAYIBHELI
Imithandazo kufanele isuke enhliziyweni futhi ishiwo ngobuqotho; akufanele ibanjwe ngekhanda bese ishiwo njengomlolozelo. ImiBhalo iyasikhuthaza: “Lapho uthandaza, ungaphindaphindi izinto ezifanayo, njengoba nje kwenza abantu bezizwe, ngoba bacabanga ukuthi bayozwiwa ngokusebenzisa kwabo amazwi amaningi. Ngakho, ningazifanisi nabo, ngoba uNkulunkulu uYihlo uyazazi izinto enizidingayo ningakaceli nakucela kuye.”—Mathewu 6:7, 8.
OKWENZA KUBALULEKE
Lapho umuntu ethandaza ngendlela engamukeleki kuNkulunkulu, kungenzeka umane uzichithela isikhathi nje noma ucasula uNkulunkulu. IBhayibheli lixwayisa ngokuthi imithandazo eyenziwa yilabo abangafuni ukwenza ngokuvumelana nentando kaNkulunkulu ‘iyanengeka’ kuye.—IzAga 28:9.
Ubani okufanele sithandaze kuye?
“Funani uJehova, esatholakala. Mbizeni eseseduze.”—Isaya 55:6.
OKUSHIWO ABANTU
Amanye amakholwa athandaza kuMariya noma kwezinye izidalwa, njengezingelosi nabanye abantu abanikwa iziqu zokuthi “osanta.” Phakathi kwalaba kukhona “uSanta” Anthony wasePadua, okuthiwa unakekela “izidingo ezingokomoya nezesikhasana,” kanye “noSanta” Jude, obhekwa njengosanta ongumvikeli “ezimweni eziphuthumayo.” Amakholwa amaningi athandaza kulabo “santa” nasezingelosini ngethemba lokuthi lezi zidalwa zizowanxusela kuNkulunkulu.
OKUSHIWO YIBHAYIBHELI
Abakhulekeli beqiniso kufanele bathandaze ‘kuBaba wethu osemazulwini.’ (Mathewu 6:9) IBhayibheli liyakhuthaza: “Ningakhathazeki ngalutho, kodwa kukho konke izicelo zenu mazaziwe nguNkulunkulu ngomthandazo nangokunxusa kanye nokubonga.”—Filipi 4:6.