Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

ISIHLOKO ESISESEMBOZWENi

Ukuphila Kwaqala Kanjani?

Ukuphila Kwaqala Kanjani?

Ungawuqedela kanjani lo musho olandelayo?

UKUPHILA KUWUMPHUMELA ․․․․․.

  1. WOKUZIPHENDUKELA KWEMVELO

  2. WOKUDALWA

ABANYE bangase bacabange ukuthi umuntu onothando lwezesayensi angakhetha “ukuziphendukela kwemvelo” nokuthi umuntu onothando lwezenkolo angakhetha “ukudalwa.”

Kodwa akunjalo ngaso sonke isikhathi. Abantu abaningi abafundile, kuhlanganise nososayensi abaningana, abavumelani nemfundiso yokuthi izinto zazivelela.

Cabanga ngoGerard, onguprofesa emkhakheni wesayensi yezinambuzane, owafundiswa ngokuziphendukela kwemvelo ekolishi. Uthi: “Lapho ngenza izivivinyo, oprofesa ngangibanikeza izimpendulo abazifunayo—kodwa mina ngangingazikholelwa.”

Kungani ngisho nabanye abantu abanothando lwezesayensi, bekuthola kunzima ukwamukela ukuthi ukuphila kwaqala ngokuziphendukela kwemvelo? Ukuphendula lowo mbuzo, cabanga ngale mibuzo emibili edida abacwaningi abaningi: (1) Ukuphila kwaqala kanjani? (2) Izinto eziphilayo zakheka kanjani?