Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

ISIHLOKO ESISESEMBOZWENI | SESASHONAPHI ISIYALO?

Isiyalo Esisebenzayo

Isiyalo Esisebenzayo

KUYAVUNYWA, ukuba umzali kuwumsebenzi onzima. Kodwa ukugodla isiyalo lapho sidingeka kungenza lowo msebenzi ube nzima nakakhulu. Kungani? Ngoba ngaphandle kwesiyalo (1) izingane ziqhubeka zizenzela umathanda, okuyinto ebakhandlayo abazali, futhi (2) abazali banikeza isiqondiso esiguquguqukayo, okwenza izingane zidideke.

Ngakolunye uhlangothi, isiyalo esilinganiselayo nesinothando singaqeqesha ukucabanga kwengane futhi silungise ukuziphatha kwayo. Siphinde sisize izingane zizizwe zilondekile njengoba zikhulela ekubeni abantu abazimele. Kodwa ungasitholaphi isiqondiso esinokwethenjelwa sokuyala izingane zakho?

Ukubaluleka Kwezimiso ZeBhayibheli

OFakazi BakaJehova, abangabanyathelisi balo magazini, bakholelwa ukuthi iBhayibheli linalezi zinzuzo elithi linazo, ‘eyokufundisa, eyokusola, eyokuqondisa izinto, neyokuyala ekulungeni.’ (2 Thimothewu 3:16) IBhayibheli aliyona nje kuphela incwadi yeziqondiso zokukhulisa izingane; izimiso zalo zinikeza imindeni iziqondiso ezisebenzayo. Ake sicabangele izibonelo ezithile.

IBHAYIBHELI LITHI: “Ubuwula buboshelwe enhliziyweni yomntwana.”—IzAga 22:15.

Nakuba izingane zingaba ezicabangelayo nezinomusa ngendlela ejabulisayo, zithambekele ekwenzeni izinto eziwubuwula. Ngaleso sizathu, izingane ziyasidinga isiyalo. (IzAga 13:24) Ukwamukela lelo qiniso kuzokusiza ufeze indima yakho njengomzali.

IBHAYIBHELI LITHI: “Ungamgodleli umntwana isiyalo.”—IzAga 23:13.

Akudingeki wesabe ukuthi isiyalo esinokulinganisela sizolimaza izingane zakho noma sizibangele ukuba zikuzonde lapho sezikhulile. Lapho sinikezwa ngothando, siyozisiza zifunde ukwamukela iseluleko ngokuthobeka—ikhono ezizolidinga ngisho nalapho sezikhulile.—Hebheru 12:11.

IBHAYIBHELI LITHI: “Noma yini umuntu ayihlwanyelayo, uyovuna yona futhi.”—Galathiya 6:7.

Kungokwemvelo ukuba abazali bafune ukuvikela izingane zabo, futhi kube kufanele. Nokho, nalapho ukulinganisela kuyadingeka. Awuzenzeli umusa izingane zakho “ngokuzitakula” ekubhekaneni nemiphumela yeziphambeko zazo noma ngokuzivikela lapho uthisha noma omunye umuntu omdala ekutshela ngezenzo zazo ezingalungile. Kunalokho, bheka labo bantu njengababambisene nawe. Ngokwenza kanjalo, ufundisa izingane zakho ukuhlonipha igunya—kuhlanganise nelakho.Kolose 3:20.

IBHAYIBHELI LITHI: “Umntwana oyekwayo uyobangela unina amahloni.”—IzAga 29:15.

Yiba nothando, ungaguquguquki futhi ube obonelelayo

Nakuba abazali kungafanele bahlukumeze, kudingeka bagweme nokunye okuwukweqisa—ukuyekelela. Incwadi ethi The Price of Privilege ithi, “Izingane ezinabazali abayekelelayo azikuqondi ngokugcwele ukuthi ekhaya, abantu abadala yibona abanegunya.” Uma ungalisebenzisi igunya lakho, ingane yakho ingase icabange ukuthi iyona ephethe. Nakanjani, iyokwenza izinqumo ezingahlakaniphile eziyobangela wena nayo usizi.—IzAga 17:25; 29:21.

IBHAYIBHELI LITHI: ‘Indoda iyonamathela kumkayo, futhi laba ababili bayoba nyamanye.’—Mathewu 19:5.

NgokweBhayibheli, indoda nowesifazane kufanele bashade ngaphambi kokuba nezingane futhi kufanele baqhubeke bendawonye nangemva kokuba izingane sezikhulile zahamba. (Mathewu 19:5, 6) Ngalowo mqondo, uba inkosikazi noma umyeni kuqala—bese uba umzali kamuva. Kodwa, uma uphambanisa izinto eziza kuqala, ingane yakho ingase ‘izicabange inkulu kunalokho okudingeka ukuba ikucabange.’ (Roma 12:3) Ubuhlobo “obusekelwe enganeni” bungase busenze buthaka isibopho somshado.

Usizo Lwabazali

Ukuze ufinyelele umgomo wakho njengomzali, isiyalo sakho kufanele sincike kulezi zimiso ezilandelayo.

Yiba nothando. “Ningabathukuthelisi abantwana benu, ukuze bangadangali.”—Kolose 3:21.

Ungaguquguquki. “Izwi lenu elingu-Yebo malisho uYebo, u-Cha wenu, asho uCha.”—Mathewu 5:37.

Yiba obonelelayo. “Kuzodingeka ngiqondise izigwegwe kuwe ngezinga elifanelekile.”—Jeremiya 30:11. *

^ isig. 21 Ukuze uthole ulwazi olwengeziwe, vakashela ingosi ethi jw.org/zu. Bheka ngaphansi kwesithi IZIMFUNDISO ZEBHAYIBHELI > ABASHADILE NABAZALI, lapho uzothola nezihloko ezinjengezithi “Ukuyala Izingane,” “Indlela Yokusebenzelana Nengane Eneconsi,” nesithi “Indlela Yokuyala Ingane Yakho Esithombile.