PHAPHAMA! Meyi 2015 | Ithemba Labangenamakhaya Nabampofu

IBhayibheli aligcini ngokusibonisa ukuthi bangasizakala kanjani kwamanje abangenamakhaya nabampofu kodwa liphinde libikezele ngesikhathi lapho ubuphofu nokungabi nakhaya kuyophela khona.

UKUBUKA OKWEZWE

Ukuhlolisisa I-Asia

Yiziphi izinselele amazwe ase-Asia ahlangabezana nazo uma kuziwa ekufundiseni nasekuvikeleni izakhamuzi zawo? Ingabe ukuhlakanipha okuseBhayibhelini kungasiza?

ISIHLOKO ESISESEMBOZWENI

Ithemba Labangenamakhaya Nabampofu

Amacebiso awusizo eBhayibheli angathuthukisa kokubili ukulondeka kwakho ngokomnotho nempilo yakho engokomzwelo.

USIZO LOMNDENI

Ukufundisa Izingane Ukulalela

Ingabe wena nengane yakho nihlale niqophisana futhi njalo kubonakala sengathi kugcina yona? Amacebiso amahlanu angakusiza ukhulise izingane.

“UNkulunkulu Uyasisiza Ukuba Silulame”

Abantu abathathu abathunjwa lapho kuhlaselwa isikole saseBeslan ngo-2004 bachaza indlela abakwaze ngayo ukubhekana nalesi senzakalo esethusayo.

EZASENDULO

U-al-Khwarizmi

Lo mArabhu wangekhulu lesi-8 kuthiwa nguye owenza “ithuluzi lezibalo elibaluleke kunawo wonke ake asungulwa.”

UMBONO WEBHAYIBHELI

Ubudlova

UNkulunkulu ububheka kanjani ubudlova? Ingabe abantu abanobudlova bangashintsha?

INGABE KWAKLANYWA?

Isitho Esikhanyisayo Sembambela YaseHawaii

Lesi silwane senza okwaso ukukhanya—kodwa hhayi ngenjongo yokuba sibone noma sibonwe.

Ezinye Izihloko Ezikuyi-Internet

Ngicela, Ngiyabonga

UKhwezi ufunda ukuthi ukusho la magama kwenza umehluko omkhulu.