Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Sekunyatheliswe izigidi eziningi zencwajana esiza ekufundeni ukufunda nokubhala ethi Apply Yourself to Reading and Writing ngezilimi ezingaphezu kuka-100

Imfundo YeBhayibheli Ikhuthaza Ukufunda Nokubhala

Imfundo YeBhayibheli Ikhuthaza Ukufunda Nokubhala

“Ukuzifundela nokubhala kuyilungelo labantu, ithuluzi elibanika amandla nendlela yokuthuthukisa ukuphila nezimo zabo zenhlalo.”​—UNESCO. *

IMIBIKO ibonisa ukuthi emhlabeni wonke kunabantu abangaphezu kwezigidi ezingu-700 abaneminyaka esuka ku-15 kuye phezulu, abangakwazi ukufunda noma ukubhala. Ngenxa yalokho, abakwazi ukuzitholela ulwazi, oluhlanganisa imfundo emayelana nokuziphatha nokuba nobuhlobo noNkulunkulu ‘eyalotshelwa ukuba kufundiswe thina,’ etholakala eBhayibhelini. (Roma 15:4) Ngakho, emazweni amaningi, oFakazi BakaJehova bafundisa abantu iBhayibheli baphinde babafundise ukufunda nokubhala ​—konke lokhu bakwenza mahhala. Ingabe lolu hlelo luye lwaphumelela?

Cabanga ngomsebenzi woFakazi BakaJehova eMexico, okuyizwe elikhuluma iSpanishi ngokuyinhloko. Kusukela ngo-1946, oFakazi baye bafundisa abantu abangaphezu kuka-152 000 ukufunda nokubhala, kamuva iningi labo lafundisa abanye. OFakazi bathole izincwadi eziningi ezivela kuhulumeni ezibancoma ngomsebenzi abawenzayo. Enye yalezi zincwadi ithi: “UMnyango Wezemfundo uyawubona futhi uyawuncoma umsebenzi eniwenzayo, oweseka uhlelo lokuthuthukisa iMfundo Yabantu Abadala.”

Abasha nasebekhulile, bonke bazuzile kulolu hlelo. Ngokwesibonelo, uJosefina wayeneminyaka engu-101 lapho ebhalisa kuleli kilasi futhi waliphothula ngempumelelo ngemva kweminyaka emibili!

Nakuba ulimi oluyinhloko olukhulunywa eMexico kuyiSpanishi, amakilasi okufunda nokubhala akhona nangezinye izilimi. Ngo-2013, lolu hlelo lwafundisa amaqembu angu-8 ehlukahlukene abomdabu ukufunda nokubhala ngolimi abaluncela.

Ngempela, ukufunda nokubhala kuyigugu elenza abantu bakwazi ukufunda izinto eziningi. Kodwa ngaphezu kwakho konke, ukufunda nokubhala kwenza abantu bazo zonke izinhlobo bakwazi ukuzifundela iBhayibheli​—incwadi ephefumulelwe uNkulunkulu engabakhulula ekugqilazweni izinkolelo-ze, inkolo yamanga nokuziphatha okulimazayo.​—Johane 8:32.

^ isig. 2 I-United Nations Educational, Scientific, and Cultural Organization.