ISIHLOKO ESIFUNDWAYO 27
INGOMA 73 Sinikeze Isibindi
Yiba Nesibindi NjengoZadoki
‘UZadoki wayeyinsizwa enamandla nenesibindi.’—1 IZIKR. 12:28.
AMAPHUZU ABALULEKILE
Indlela isibonelo sikaZadoki esingasisiza ngayo sibe nesibindi.
1-2. Wayengubani uZadoki? (1 IziKronike 12:22, 26-28)
AKE ubone ngeso lengqondo isixuku samadoda angaphezu kuka-340 000 ehlangene ukuze azobeka uDavide ukuba abe inkosi yawo wonke u-Israyeli. Kwaphela izinsuku ezintathu kulokhu kuzwakala izingxoxo ezimnandi, izingoma ezimnandi zokudumisa nabantu abajabule abahlekayo bezwakala ezintabeni ezinamagquma eduze neHebroni. (1 IziKr. 12:39) Cishe abantu abaningi babengeke bayinake insizwa okuthiwa uZadoki eyayikuleso sixuku esikhulu. Nokho, uJehova wenza isiqinisekiso sokuba sazi ukuthi uZadoki wayelapho. (Funda eyoku-1 IziKronike 12:22, 26-28.) Wayengubani uZadoki?
2 UZadoki wayengumpristi owayesebenzelana eduze noMpristi Ophakeme u-Abhiyathara. UZadoki wayephinde abe umboni owayekwazi ukuqonda intando kaNkulunkulu futhi uNkulunkulu wayemnike ukuqonda okumangalisayo. (2 Sam. 15:27) Abantu babeya kuZadoki lapho bedinga iseluleko esihlakaniphile. Okunye ngaye ukuthi wayeyindoda enesibindi. Kulesi sihloko sizofunda ngokuthi uZadoki wasibonisa kanjani isibindi.
3. (a) Kungani abakhulekeli bakaJehova kudingeka babe nesibindi? (b) Sizoxoxa ngani kulesi sihloko?
3 Kulezi zinsuku zokugcina, iya iba namandla indlela uSathane ahlasela ngayo abantu bakaNkulunkulu. (1 Pet. 5:8) Kudingeka sibe nesibindi njengoba silinde uJehova ukuba aqede ngoSathane nangezwe lakhe elibi. (IHu. 31:24) Ake sixoxe ngezindlela ezintathu esingalingisa ngazo isibindi sikaZadoki.
SEKELA UMBUSO KANKULUNKULU
4. Kungani abantu bakaJehova bedinga isibindi ukuze basekele uMbuso kaNkulunkulu? (Bheka nesithombe.)
4 Njengabantu bakaJehova, siwusekela ngenhliziyo yonke uMbuso kaNkulunkulu, kodwa ngokuvamile ukuze senze kanjalo kudingeka sibe nesibindi. (Math. 6:33) Ngokwesibonelo, kule lizwe elibi sidinga isibindi ukuze siphile ngemithetho kaJehova sishumayele nezindaba ezinhle zoMbuso. (1 Thes. 2:2) Ngokuvamile kudinga isibindi ukungathathi hlangothi kwezepolitiki ezweni eliya ngokuya lihlukana phakathi ngenxa yezindaba zepolitiki. (Joh. 18:36) Abantu bakaJehova abaningi baye babhekana nezinkinga zezimali, bashaywa noma baboshwa ngenxa yokuthi abahlanganyeli kwezepolitiki noma kwezempi.
5. Kungani uZadoki ayedinga isibindi ukuze asekele uDavide?
5 UZadoki akayanga eHebroni ukuze nje ayojabula noDavide njengoba ayebekwa njengenkosi. Waya khona ehlomile elungele impi. (1 IziKr. 12:38) Wayezimisele ukuya noDavide empini avikele u-Israyeli ezitheni zakhe. Nakuba uZadoki ayengenaso isipiliyoni esitheni empini, wayeyindoda enesibindi.
6. UDavide wambekela kanjani uZadoki isibonelo esihle sokuba nesibindi? (IHubo 138:3)
6 Umpristi ofana noZadoki wakufunda kuphi ukuba nesibindi esingaka? Wayazi amadoda amaningi anamandla nanesibindi. Akungabazeki ukuthi wafunda esibonelweni sawo. Ngokwesibonelo, isibonelo sikaDavide ‘sokuhola u-Israyeli emikhankasweni yakhe yempi’ ngesibindi senza wonke u-Israyeli wamsekela ngenhliziyo yonke. (1 IziKr. 11:1, 2) UDavide wayencike kuJehova ngaso sonke isikhathi ukuze amsize alwe nezitha zakhe. (IHu. 28:7; funda iHubo 138:3.) UZadoki wafunda nakwamanye amadoda anesibindi ayekanye naye—amadoda anjengoJehoyada nendodana yakhe eyiqhawe uBhenaya kanye nezinduna ezingu-22 ezasekela uDavide. (1 IziKr. 11:22-25; 12:26-28) La madoda ayezimisele ukusekela ubukhosi bukaDavide.
7. (a) Yiziphi izibonelo zosuku lwanamuhla zabantu ababonisa isibindi esingafunda kuzo? (b) Ufundani esibonelweni sikaMfoweth’ Nsilu esikuvidiyo?
7 Siba namandla nesibindi lapho sicabanga ngezibonelo zalabo abasekele ukubusa kukaJehova ngesibindi. INkosi yethu, uKristu Jesu yamelana ngokuqinile nokucindezelwa ukuba ibe ingxenye yesimiso sikaSathane sezepolitiki. (Math. 4:8-11; Joh. 6:14, 15) Yayihlale incike kuJehova ukuba ayinike amandla. Sinanezibonelo eziningi zosuku lwanamuhla zezinsizwa ezinqabile ukujoyina impi noma ukuhlanganyela kwezombusazwe. Sikukhuthaza ukuba ufunde ngezibonelo zazo ku-jw.org/zu. a
SIZA ABAFOWENU
8. Kunini lapho abadala bengase badinge isibindi ukuze basize abafowabo ngezindlela ezingokoqobo?
8 Abantu bakaJehova bayakuthanda ukusizana. (2 Kor. 8:4) Nokho, ngezinye izikhathi kudinga isibindi ukwenza kanjalo. Ngokwesibonelo, lapho kunempi abadala bendawo bayaqaphela ukuthi abafowabo nodadewabo badinga ukukhuthazwa, ukusekelwa, mhlawumbe nokusizwa ngokomoya noma ngokwenyama. Ngenxa yokuthi bathanda abafowabo nodadewabo, abadala babeka ukuphila kwabo engozini ukuze babasize ngezinto abazidingayo. (Joh. 15:12, 13) Ngokwenza kanjalo, balandela isibonelo sikaZadoki sokuba nesibindi.
9. Njengoba kulandiswe kweyesi-2 Samuweli 15:27-29, yini uDavide atshela uZadoki ukuba ayenze? (Bheka nesithombe.)
9 Ukuphila kukaDavide kwakusengozini. Indodana yakhe u-Absalomu yayizimisele ukumbulala ukuze kube yiyo eba inkosi. (2 Sam. 15:12, 13) UDavide kwadingeka ahambe ngokushesha eJerusalema! Wathi ezincekwini zakhe: “Sukumani sibaleke, ngoba akekho noyedwa kithi ozophunyuka ku-Absalomu!” (2 Sam. 15:14) Njengoba izinceku zakhe zazihamba, uDavide waqaphela ukuthi othile kwakuzodingeka asale ukuze amtshele ngamacebo ka-Absalomu. Ngakho wayala uZadoki nabanye abapristi ukuba babuyele edolobheni ukuze babe izimpimpi zakhe. (Funda eyesi-2 Samuweli 15:27-29.) Kwakudingeka baqaphelisise. Lokho uDavide ayekutshele abapristi ukuba bakwenze kwakuyingozi futhi kwakusongela nokuphila kwabo. Cabanga ngalokho u-Absalomu—indoda ezazisayo, engaxoleli nengathembekile—ayengakwenza kuZadoki nakwabanye abapristi ukube wathola ukuthi babeyizimpimpi zikaDavide ukuze bamvikele!
10. UZadoki nalabo ayekanye nabo bamvikela kanjani uDavide?
10 UDavide wacela uZadoki noHushayi omunye umngani kaDavide oqotho ukuba bamsize ngecebo lakhe. (2 Sam. 15:32-37) Elandela lelo cebo, uHushayi wakwazi ukwenza u-Absalomu amethembe, wabe esemeluleka ngokuthi wayengamhlasela kanjani uDavide, okwakuyonika uDavide ithuba lokuba alungele impi. Ngemva kwalokho uHushayi watshela uZadoki no-Abhiyathara ngalelo cebo. (2 Sam. 17:8-16) Lawo madoda amabili abe esethumela umyalezo kuDavide emazisa ngecebo lika-Absalomu. (2 Sam. 17:17) Ngosizo lukaJehova, uZadoki nabanye abapristi badlala indima ebalulekile ekuvikeleni ukuphila kukaDavide.—2 Sam. 17:21, 22.
11. Singasilingisa kanjani isibindi sikaZadoki lapho sisiza abafowethu?
11 Uma sicelwa ukuba sisize abafowethu lapho ukuphila kwabo kusongelwa, singasibonisa kanjani isibindi esifana nesikaZadoki? (1) Landela iziqondiso. Ezimweni ezinjalo, kubalulekile ukuba sihlale sinobunye. Lalela iziqondiso zehhovisi legatsha lasendaweni. (Heb. 13:17) Abadala kufanele belokhu behlola iziqondiso zokuthi singakulungela kanjani ukugadla kwenhlekelele nesiqondiso senhlangano salokho okufanele sikwenze lapho kugadla inhlekelele. (1 Kor. 14:33, 40) (2) Yiba nesibindi kodwa uqaphe. (IzAga 22:3) Yenza ngokuhlakanipha. Ungafaki ukuphila kwakho engozini ngokungenasidingo. (3) Thembela kuJehova. Khumbula ukuthi uJehova uyikhathalela kakhulu inhlalakahle yakho neyabafowenu. Angakusiza ukuba usize abafowenu ngokuphepha.
12-13. Ufundani kulokho okwenzeka kuViktor noVitalii? (Bheka nesithombe.)
12 Cabanga ngoViktor noVitalii, abazalwane ababili ababehambisela abakholwa nabo ukudla namanzi e-Ukraine. UViktor uthi, “Sasikucinga yonke indawo ukudla. Ngokuvamile kwakuqhuma izibhamu ngalapho esasikhona. Omunye umzalwane wanikela ngokudla kwesitolo sakhe. Lowo mnikelo wanikeza abamemezeli abaningi lokho ababekudinga ukuze baphile okwesikhathi esithile. Njengoba sasilayisha izinto elolini yethu, kwaqhuma ibhomu endaweni engamamitha angaba ngu-20 ukusuka lapho sasikhona. Phakathi naleso sikhathi ngancenga uJehova ukuba angiphe isibindi ukuze ngiqhubeke ngisiza abamemezeli.”
13 UVitalii uthi, “Kwakudingeka sibe nesibindi ngempela. Uhambo lwami lokuqala lwathatha amahora angu-12. Ngangithandaza kuJehova indlela yonke.” UVitalii wayenesibindi kodwa futhi wayeqaphile. Uyenezela: “Ngangilokhu ngicela uJehova ukuba angiphe ukuhlakanipha nesizotha. Ngangishayela emigwaqeni egunyazwe iziphathimandla kuphela. Ukholo lwami lwaqina lapho ngizibonela mathupha indlela abafowethu nodadewethu ababebambisene ngayo. Babesusa izinto eziyisiphazamiso emgwaqeni, balande futhi balayishe ukudla nezingubo zokugqoka nezinye izinto ezibalulekile bakufake elolini, basinika ukudla nendawo yokuphumula njengoba sasiqhubeka nohambo lwethu.”
HLALE UQOTHO KUJEHOVA
14. Kungasithinta kanjani ukubona umuntu esimthandayo eyeka ukuba qotho kuJehova?
14 Olunye uvivinyo olunzima kakhulu esingase sibhekane nalo ukubona ilungu lomndeni noma umngani oseduze eshiya uJehova. (IHu. 78:40; IzAga 24:10) Uma sisondelene kakhulu nalowo muntu kuba nzima nakakhulu ukwamukela leso simo. Uma wake wabhekana naleso simo esibuhlungu, isibonelo sikaZadoki sokuba qotho singakuqinisa.
15. Kungani uZadoki ayedinga isibindi ukuze ahlale eqotho kuJehova? (1 AmaKhosi 1:5-8)
15 UZadoki wahlala eqotho kuJehova lapho umngani wakhe ayesondelene naye u-Abhiyathara ekhetha ukungabi qotho. Lokho kwenzeka ngasekupheleni kokubusa kukaDavide. Njengoba uDavide ayesemdala futhi esezokufa, indodana yakhe u-Adoniya yazama ukuthatha ubukhosi uJehova ayebuthembise uSolomoni. (1 IziKr. 22:9, 10) U-Abhiyathara wakhetha ukusekela u-Adoniya. (Funda eyoku-1 AmaKhosi 1:5-8.) Ngokwenza kanjalo, u-Abhiyathara wayengabonisi ukungabiqotho kuDavide nje kuphela kodwa nakuJehova! Cabanga nje indlela okungenzeka uZadoki wadumazeka ngayo futhi wezwa ubuhlungu! Yena no-Abhiyathara babesebenze ndawonye njengabapristi iminyaka engaphezu kwengu-40. (2 Sam. 8:17) Babewunakekele ndawonye “uMphongolo kaNkulunkulu weqiniso.” (2 Sam. 15:29) Ekuqaleni, womabili la madoda asekela ubukhosi bukaDavide—benza nezinye izinto eziningi enkonzweni kaJehova.—2 Sam. 19:11-14.
16. Yini okungenzeka yasiza uZadoki wahlala eqotho?
16 UZadoki wahlala eqotho kuJehova nakuba u-Abhiyathara engabanga qotho kuJehova. UDavide akazange akungabaze ukuba qotho kukaZadoki. Lapho uDavide ezwa ngecebo lika-Adoniya, wakhetha uZadoki, uNathani noBhenaya ukuba bagcobe uSolomoni njengenkosi. (1 AmaKh. 1:32-34) Kumele ukuba kwamqinisa futhi kwamkhuthaza uZadoki ukuba nabakhulekeli bakaJehova abaqotho abanjengoNathani kanye nabanye ababesekela iNkosi uDavide. (1 AmaKh. 1:38, 39) Lapho uSolomoni eba inkosi, ‘wabeka uZadoki umpristi esikhundleni sika-Abhiyathara.’—1 AmaKh. 2:35.
17. Ungamlingisa kanjani uZadoki uma umuntu osondelene naye eyeka ukuba qotho kuJehova?
17 Ungamlingisa kanjani uZadoki? Uma umuntu osondelene naye ekhetha ukushiya uJehova, kwenze kucace ukuthi wena ukhetha ukuba qotho kuJehova. (Josh. 24:15) UJehova uzokunika amandla nesibindi osidingayo. Thandaza kuJehova futhi uhlale usondelene nabanye abakhulekeli bakhe abaqotho. UJehova uyajabula ngokuba qotho kwakho futhi uyokuvuza.—2 Sam. 22:26.
18. Ufundani endabeni kaMarco noSidse?
18 Cabanga ngesibonelo sikaMarco nomkakhe uSidse abanamadodakazi amabili akhetha ukushiya iqiniso. UMarco uthi: “Kusukela ngosuku izingane zakho ezizalwa ngalo, uzithanda kakhulu. Ungenza noma yini ukuze uzivikele ezingozini. Ngakho lapho zikhetha ukushiya uJehova, lokho kukuzwisa ubuhlungu obukhulu.” Uyaqhubeka: “Kodwa uJehova ubelokhu esisiza ukuba sikhuthazele. Uye waqikelela ukuthi lapho ngilusizi ngenxa yalokho okwenzeka umkami usuke enawo amandla okungikhuthaza futhi lapho elusizi ngisuke nginawo amandla okumkhuthaza.” USidse uyenezela: “Besingeke sikwazi ukukhuthazela ukube uJehova ubengasiniki amandla okukhuthazela ebesiwadinga. Ngangihlushwa umuzwa wokuthi kwakuyiphutha lami, ngakho ngatshela uJehova indlela engangizizwa ngayo. Ngemva kwesikhashana, kweza udade okwase kuphele iminyaka eminingi singabonani, wabeka izandla zakhe emahlombe ami, wangibuka emehlweni, wabe esethi: ‘Sidse, ungakholwa ukuthi akulona iphutha lakho!’ Ngosizo lukaJehova ngikwazile ukuqhubeka ngimkhonza.”
19. Yini ozimisele ukuyenza?
19 UJehova ufuna bonke abakhulekeli bakhe babe nesibindi njengoZadoki. (2 Thim. 1:7) Nokho, akafuni sithembele emandleni ethu. Ufuna sithembele kuye. Ngakho lapho udinga isibindi, phendukela kuJehova. Ungaqiniseka ngokuthi uyokwenza ube nesibindi njengoZadoki!—1 Pet. 5:10.
INGOMA 126 Lindani, Niqine, Nibe Namandla
a Bukela ividiyo ethi Okwenza AmaKristu Eqiniso Adinge Isibindi—Ukuze Angathathi Hlangothi ku-jw.org/zu.