Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

INDLELA YOKUQEDA UKUZONDANA OKUNGAPHELI

3 | Khipha Inzondo Engqondweni Yakho

3 | Khipha Inzondo Engqondweni Yakho

IBhayibheli Lithi:

“Maniguqulwe ngokushintsha ingqondo yenu, ukuze nizitholele ngokwenu okuyintando kaNkulunkulu enhle neyamukelekayo nephelele.”​ROMA 12:2.

Lokho Okukushoyo:

Izinto esizicabangayo zibalulekile kuNkulunkulu. (Jeremiya 17:10) Kumele senze okungaphezu nje kokugwema izenzo noma amazwi alimazayo. Ukuzondana okungapheli kuqala engqondweni nasenhliziyweni. Ngakho, kumele sisiphule yonke iminonjana yenzondo esemicabangweni yethu nasezinhliziyweni zethu. Kungaleyo ndlela kuphela ‘esingaguqulwa’ ngayo ngempela futhi sinqobe ukuzondana okungapheli.

Lokho Ongakwenza:

Hlola ngobuqotho indlela ozizwa nocabanga ngayo ngabanye​—ikakhulukazi labo bolunye uhlanga noma ubuzwe. Zibuze: ‘Ngibabheka kanjani? Ingabe indlela engibabheka ngayo isekelwe kulokho engikwaziyo ngabo? Noma isekelwe obandlululweni?’ Gwema izinkundla zokuxhumana, amamuvi noma ezinye izinhlobo zokuzijabulisa eziveza inzondo nodlame.

IZwi likaNkulunkulu lingasisiza sinqobe inzondo esengqondweni nasenhliziyweni yethu

Akulula ngaso sonke isikhathi ukuhlola imicabango nemizwa yethu ngendlela enobulungisa. Kodwa iZwi likaNkulunkulu lingasisiza sikwazi “ukuqonda imicabango nezinhloso zenhliziyo.” (Hebheru 4:12) Ngakho qhubeka uhlola iBhayibheli. Qhathanisa lokho elikufundisayo nalokho okucabangayo bese wenza konke okusemandleni ukuze uvumelanise lokho okucabangayo nalokho okufundiswa yiBhayibheli. IZwi likaNkulunkulu lingasisiza sinqobe inzondo ‘embelwe ngokuqinile’ engqondweni nasenhliziyweni yethu.​—2 Korinte 10:4, 5.