INDLELA YOKUQEDA UKUZONDANA OKUNGAPHELI
2 | Ungaziphindiseleli
IBhayibheli Lithi:
“Ningabuyiseli muntu okubi ngokubi. . . . Uma kungenzeka, ngokusemandleni enu, yibani nokuthula nabo bonke abantu. Ningaziphindiseleli, . . . ngoba kulotshiwe ukuthi: ‘“Impindiselo ingeyami; ngizobuyisela mina,” kusho uJehova.’”—ROMA 12:17-19.
Lokho Okukushoyo:
Nakuba kungokwemvelo ukucasuka lapho siphathwe kabi, uNkulunkulu akafuni ukuba siziphindiselele. Kunalokho, uyasinxusa ukuba simlinde ngoba maduzane uzoqeda konke ukungabi nabulungisa.—IHubo 37:7, 10.
Lokho Ongakwenza:
Lapho abantu abanesono beziphindiselela, kubhebhezela ukuzondana okungapheli. Ngakho, uma othile ekuphathe kabi noma ekuzwise ubuhlungu, ungaziphindiseleli. Zama ukwehlisa umoya, uphendule ngendlela enokuthula. Kwezinye izimo kungase kube ngcono uvele uyidlulise indaba. (IzAga 19:11) Kuyavunywa, uma kunesizathu esizwakalayo, ungase ukhethe ukuxoxa ngayo inkinga. Ngokwesibonelo, ezimweni lapho ube isisulu sobugebengu, ungase ukhethe ukubika leyo ndaba emaphoyiseni noma eziphathimandleni.
Ukuziphindiselela kuwukuzilimaza
Kuthiwani uma kubonakala ingekho indlela enokuthula yokuxazulula inkinga? Noma kuthiwani uma usuzame konke okusemandleni ukuyilungisa ngendlela enokuthula? Ungaziphindiseleli. Lokho kungase kwenze isimo sibe sibi nakakhulu. Kunalokho, zama ukunqanda ukuzondana okungapheli. Ungafunda ukuthemba indlela kaNkulunkulu yokuxazulula inkinga. “Thembela kuye, yena uyokusiza.”—IHubo 37:3-5.