Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

‘Nibaluleke kakhulu.’—MATHEWU 10:31

Ingabe UNkulunkulu Unendaba Nawe?

Ingabe UNkulunkulu Unendaba Nawe?

ESIKUFUNDA ENDALWENI

Imizuzu engu-60 yokuqala ngemva kokuba ingane izelwe iyisikhathi esibucayi kakhulu. Kungani? Kungenxa yokuthi uma umama egona ingane yakhe ngalesi sikhathi kuyayisiza ikhule kahle. a

Yini eyenza umama ayibonise uthando ingane yakhe ezelwe? Kuyi-Journal of Perinatal Education, uProfesa uJeannette Crenshaw uthi ukunyuka kwamazinga ehomoni okuthiwa i-oxytocin yikona “okwenza imizwa kamama yothando ikhule njengoba ebuka usana lwakhe, eluthinta futhi eluncelisa.” Enye ihomoni “isiza umama ukuba akwazi ukuzwelana nosana lwakhe” futhi asondelane nalo. Kungani lokhu kuphawuleka?

Lokhu kusondelana okuphakathi kukamama nosana lwakhe kwahlelwa uMdali wethu onothando, uJehova uNkulunkulu. b UDavide inkosi wabonga uNkulunkulu ‘ngokumkhipha esiswini’ sikamama wakhe nokumenza azizwe ephephile ezandleni zakhe. Wathandaza: “Ngiphonswé phezu kwakho ngisuka esibelethweni; ubunguNkulunkulu wami kwasesiswini sikamama.”—IHubo 22:9, 10

CABANGA NGALOKHU: Uma uNkulunkulu ekwazile ukwenza ukuba umama akwazi ukubonisa ingane yakhe uzwela futhi ayinikeze ekudingayo, akufanele yini siphethe ngokuthi uNkulunkulu unendaba nomuntu ngamunye njengoba “siyinzalo” yakhe?—IzEnzo 17:29.

ESIKUFUNDA EBHAYIBHELINI NGENDLELA UNKULUNKULU ASINAKEKELA NGAYO

UJesu Kristu owazi uMdali ukwedlula noma ubani, washo la mazwi: “Ondlunkulu ababili abathengiswa yini ngohlamvu lwemali lwenani elincane? Nokho ngeke kuwele phansi namunye wabo uYihlo angazi. Kodwa zona kanye izinwele zekhanda lenu zibaliwe zonke. Ngakho-ke ningesabi: Nina nibaluleke ukudlula ondlunkulu abaningi.”—Mathewu 10:29-31.

Bambalwa kakhulu kithi abanaka zonke izinyoni ezincane, ingasaphathwa eyokunaka uma eyodwa yazo iwela phansi. Kodwa uBaba wethu osezulwini unaka inyoni ngayinye! Izinyoni, ngisho zingaba ziningi kangakanani, azisoze zabaluleka kuyena ukudlula abantu. Yini esiyifundayo kulokhu? Akufanele ucabange ukuthi uNkulunkulu akanandaba nawe. Kunalokho, qiniseka ukuthi ukuthanda kakhulu!

UNkulunkulu uyasithanda futhi unendaba nokuthi kwenzekani kithi

ImiBhalo iyasiqinisekisa

  • “Amehlo kaJehova akuyo yonke indawo, aqapha ababi nabahle.”—IZAGA 15:3.

  • “Amehlo kaJehova akwabalungile, nezindlebe zakhe zisekukhaleleni kwabo usizo.”—IHUBO 34:15.

  • “Ngizojabula ngithokoze ngomusa wakho wothando, ngokuthi ukubonile ukuhlupheka kwami; wazile ngezingcindezi zomphefumulo wami.”—IHUBO 31:7.

“NGANGICABANGA UKUTHI UNKULUNKULU AKANGITHANDI”

Kungasisiza yini ukwazi ukuthi uNkulunkulu uyasithanda futhi unendaba nokuthi kwenzekani kithi? Kungasisiza. UHannah, c waseNgilandi uchaza indlela ukwazi uNkulunkulu okwamsiza ngayo:

“Izikhathi eziningi ngangicabanga ukuthi uJehova akangithandi futhi akayiphenduli imithandazo yami ngoba ngangingenalo ukholo. Nganginomuzwa wokuthi wayengijezisa futhi enganginaki ngoba ngangingabalukile kuye. Ngangizitshela ukuthi uNkulunkulu akanandaba nami.”

Kodwa manje uHannah akasangabazi ukuthi uJehova umnakile futhi uyamthanda. Yini eyashintsha indlela ayezizwa ngayo? Uthi, “Kwaba ushintsho olwenzeka kancane kancane. Eminyakeni eminingi edlule, ngalalela inkulumo esekelwe eBhayibhelini eyayikhuluma ngokuthi uJesu wasifela. Yangisiza ngabona ukuthi uJehova uyangithanda. Lapho ngibona uJehova ephendula imithandazo yami, ngangivele ngikhale ngoba lokho kwakungitshela ukuthi uyangithanda. Ukufunda iBhayibheli nokuya emihlanganweni yobuKristu kungifundise okuningi ngobuntu bukaJehova, nendlela azizwa angayo ngathi. Manje ngiyabona ukuthi uJehova usithanda sonke futhi uyafisa ukunakekela umuntu ngamunye.”

Kuyasikhuthaza lokho okushiwo uHannah. Kodwa ungaqiniseka kanjani ukuthi uNkulunkulu uyayiqonda indlela ozizwa ngayo? Isihloko esilandelayo sizowuphendula lo mbuzo.

a Uma omama beba nokucindezeleka ngemva kokubeletha, kuba nzima ukusondelana nezingane zabo. Kodwa akufanele omama bazibeke icala ngalokho. I-U.S. National Institute of Mental Health ithi ukucindezeleka okuba khona ngemva kokubeletha, “izikhathi eziningi kubangelwa ukushintsha komzimba nokwemizwa . . . hhayi ngoba kusuke kukhona okuthile umama wengane akwenzile noma angakwenzanga.” Ukuze uthole okwengeziwe ngale ndaba, bheka isihloko esithi “Ngakunqoba Ukucindezeleka Kwangemva Kokubeletha” kuyi-Phaphama! ka-Agasti 8, 2002.

b IBhayibheli lithi igama likaNkulunkulu uJehova.—IHubo 83:18.

c Amanye amagama akulezi zihloko ashintshiwe.