Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

“Lwasithinta Kakhulu Uthando Abasibonisa Lona!”

“Lwasithinta Kakhulu Uthando Abasibonisa Lona!”

NGOMGQIBELO, April 25, 2015, kwaba nokuzamazama komhlaba okwaba ngu-7.8 esikalini sokulinganisa amandla okuzamazama komhlaba, eNepal, izwe elinezintaba elisenyakatho yezwe laseNdiya. Lokhu kuzamazama komhlaba kwashaya ingxenye engamakhilomitha angu-80 enyakatho-ntshonalanga yenhloko-dolobha, iKathmandu. Ngokudabukisayo, kwafa abantu abangaphezu kuka-8 500, okwenza lokhu kuzamazama kwaba yinhlekelele yemvelo eyabulala abantu abaningi kunezinye eNepal. Imizi engaphezu kwengxenye yesigidi yacekeleka phansi. KunoFakazi BakaJehova abangu-2 200 eNepal futhi iningi labo lalihlala ezindaweni ezathinteka. Ngokudabukisayo, kwashona uFakazi oyedwa nezingane zakhe ezimbili.

UFakazi ogama lakhe linguMichelle wathi, “Ukuzamazama komhlaba kwenzeka ngesikhathi amabandla amaningi asezindaweni ezathinteka kakhulu enemihlangano yawo yobuKristu. Ukube kwenzeka abaningi besemakhaya, ngabe baningi abalimala.” Kungani labo ababesemihlanganweni basinda? Indlela amaHholo OMbuso aklanywe ngayo yaba wusizo olukhulu.

“MANJE SESIYAZIBONA IZINZUZO”

AmaHholo OMbuso esimanje aseNepal aklanywe ngendlela yokuthi angawiswa ukuzamazama komhlaba. UMan Bahadur, owayekade akha amaHholo OMbuso, uthi: “Sasivame ukubuzwa ukuthi kungani sakha izisekelo eziqine kangaka zezakhiwo ezincane. Manje sesiyazibona izinzuzo!” Ngemva kokuzamazama komhlaba, sathola imvume yokuba senze amaHholo OMbuso abe izindawo zokukhosela. Naphezu kokundindizela okwakusaqhubeka, oFakazi BakaJehova kanye nomakhelwane babo babezizwa bephephile kuwo.

OFakazi BakaJehova nomakhelwane bakhosela emaHholo OMbuso

Ngokushesha abadala abangamaKristu baqala ukucinga amalungu ebandla ayengakatholakali. UFakazi okuthiwa uBabita wathi, “Abadala babeka inhlalakahle yabantu basebandleni kuqala kuneyabo. Lwasithinta kakhulu uthando abasibonisa lona!” Ngakusasa, amalungu amathathu ekomiti eliqondisa umsebenzi woFakazi BakaJehova eNepal basebenzisana nezikhonzi ezijikelezayo, noma ababonisi besigodi futhi baqala ukuvakashela amabandla ukuze bahlole ukuthi yini edingekayo basekele nabadala bendawo.

UGary Breaux, owayevela endlunkulu yomhlaba wonke yoFakazi BakaJehova, wavakashela ababethintwe ukuzamazama

Ngemva kwezinsuku eziyisithupha kube nokuzamazama komhlaba, uGary Breaux, owayevela endlunkulu yomhlaba wonke yoFakazi e-United States, weza eNepal nomkakhe, uRuby. UReuben, oyilungu lekomiti eliqondisa umsebenzi woFakazi BakaJehova eNepal, wathi: “Ngenxa yokudideka eKathmandu kanye nokundindizela okwakusaqhubeka, sasingaqiniseki ukuthi uMfoweth’ uBreaux wayezokwazi yini ukuza. Kodwa wayezimisele ukuza—futhi wafika! OFakazi bendawo bakwazisa kakhulu ukufika kwakhe.”

‘SIZIZWA SISONDELENE KAKHULU KUNANINI NGAPHAMBILI’

USilas, osebenza ehhovisi loFakazi eNepal, wathi: “Ngokushesha nje ngemva kokulungiswa kwezingcingo zethu, zase zikhala imini nobusuku! OFakazi esikanye nabo emhlabeni wonke babekhathazekile ngathi. Nakuba abanye babekhuluma izilimi esasingaziqondi, sasiluzwa uthando lwabo nokuzimisela kwabo ukusisiza.”

Iqembu loFakazi labezempilo elalivela eYurophu lasiza ababethintekile

OFakazi bendawo bahambisa ukudla emaHholo OMbuso izinsuku eziningana ukuze basize abaswele. Ngaphezu kwalokho, kwamiswa iKomiti Yokusiza Ezinhlekeleleni futhi ngokushesha izinto zokusiza zafika zilandelana, eziningi zazo zazivela eBangladesh, eNdiya, naseJapane. Ngemva kwezinsuku ezimbalwa, iqembu labezempilo elalakhiwa oFakazi ababevela eYurophu lafika, labe selihlela indawo elalizosebenzela kuyo kwelinye lamaHholo OMbuso. Ngokushesha baqala ukusebenza, bengagcini nje ngokuhlola ukuthi ababethintekile banjani kodwa bebasiza nokuba babhekane nokukhungatheka.

Echaza indlela abaningi ababezizwa ngayo, owesifazane okuthiwa u-Uttara wathi: “Ukuzamazama komhlaba kwakushaqisa futhi kwethusa. Kodwa ngemva kwakho konke, sazizwa sisondelene nakakhulu nomndeni wethu ongokomoya kunanini ngaphambili.” Yebo, ukuzamazama akuzange kuludambise uthando abantu bakaJehova abanalo ngaye nangomunye nomunye. Kunalokho, kwalwenza lwaqina.