Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Qaphela Okuhle Kwabanye

Qaphela Okuhle Kwabanye

Inkinga

Ukuqosha kungenza umuntu abe nobandlululo. Umuntu oqhoshayo uzibona ebaluleke kakhulu. Uzibona ephakeme bese ebheka abanye abantu abahlukile kuye njengabaphansi. Noma yimuphi umuntu angawela kulolu gibe. I-Encyclopædia Britannica ithi: “Ngokwezinga elithile—abantu abaningi bezinhlanga ezihlukahlukene babheka indlela yabo yokuphila, ukudla kwabo, izingubo zabo, imikhuba yabo, izinkolelo zabo, nezinto zabo eziyigugu, njalo njalo, njengokungcono kakhulu kunokwabanye. Singayigwema kanjani le ndlela yokucabanga eyiphutha?

Lokho Okushiwo YiBhayibheli

“Ngokuthobeka kwengqondo nibheka abanye njengabakhulu kunani.”—FILIPI 2:3.

Kusho ukuthini lokhu? Ukuze sigweme ukuqhosha, kudingeka sifunde ukuthobeka. Ukuthobeka kwenza siqaphele ukuthi abanye abantu bangcono kunathi kwezinye izinto ekuphileni. Alukho uhlanga olulodwa lwabantu olunazo zonke izimfanelo ezinhle namakhono.

Cabanga ngesibonelo sikaStefan. Wakhulela ezweni lobuKhomanisi kodwa wayinqoba imizwa yobandlululo ayenayo ngabantu basemazweni angewona awobuKhomanisi. Uthi: “Ngikholelwa ukuthi ukubheka abanye njengabakhulu kunawe kuyindlela ebalulekile yokulwa nobadlululo. Angazi yonke into. Kunokuthile engingakufunda komunye umuntu.”

Ongakwenza

Zama ukubhekana namaqiniso futhi ukwamukele ukuthi uyawenza amaphutha. Kwamukele ukuthi abanye bangazenza kangcono ezinye izinto kunawe. Ungacabangi ukuthi bonke abantu bohlanga oluthile banamaphutha afanayo.

Kunokuba nombono ongemuhle ngomuntu wolunye uhlanga, zibuze:

Kwamukele ukuthi abanye bangazenza kangcono ezinye izinto kunawe

  • ‘Ingabe izinto engingazithandi ngalowo muntu zimbi ngempela, noma zimane nje zehlukile?’

  • ‘Ingabe lo muntu angabheka amaphutha kimi?’

  • ‘Yiziphi izici lo muntu enza kangcono kuzo kunami?’

Uma uphendula le mibuzo ngokwethembeka, ngeke ugcine nje ngokunqoba ubandlululo onalo ngalowo muntu kodwa futhi uyothola nezinto ozithandayo ngaye.