Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Thola Amaqiniso

Thola Amaqiniso

Inkinga

Ngokuvamile, ubandlululo lusekelwe ekungawazini amaqiniso. Cabanga ngalezi zibonelo ezilandelayo:

  • Abanye abaqashi benza iphutha lokukholelwa ukuthi abesifazane ngeke bakwazi ukwenza imisebenzi yesayensi noma yezobuchwepheshe.

  • EYurophu ngenkathi ephakathi, amaJuda amangalelwa ngamanga kwathiwa afaka ushevu emithonjeni yamanzi nangokuthi asakaza izifo. Ngenkathi yokubusa kwamaNazi, amaJuda aphinde amangalelwa ngamanga. Kodwa kulokhu ayemangalelwa ngokubanga izinkinga zezomnotho eJalimane. Zombili lezi zigameko zabangela ukuba amaJuda abandlululwe ngonya, olunye lwalolo bandlululo lusabonakala nanamuhla.

  • Abantu abaningi benza iphutha lokucabanga ukuthi wonke umuntu okhubazekile akajabule.

Abantu abakholelwa yizinganekwane ezinjengalezi bangase bakhombe izibonelo ezithile noma lokho abakubheka njengobufakazi obusekela umbono wabo. Bacabanga nokuthi noma ubani ongavumelani nabo wenziwa ukungazi.

Lokho Okushiwo YiBhayibheli

“Akukuhle ukuba umphefumulo ungabi nalo ulwazi.”—IZAGA 19:2.

Kusho ukuthini lokhu? Uma singawazi amaqiniso senza izinqumo ezimbi. Uma sikholelwa yizinganekwane kunokukholelwa amaqiniso, siyofinyelela iziphetho eziyiphutha ngabantu.

Indlela Okusiza Ngayo Ukwazi Amaqiniso

Uma siwazi amaqiniso ngabantu, mancane amathuba okuthi siyokholelwa yizinto ezijwayelekile kodwa ezingamanga ezishiwoyo ngabo. Lapho sesitholile ukuthi asitshelwanga iqiniso ngohlobo oluthile lwabantu ngeke sisakukholelwa ngokushesha esikuzwayo ngabanye abantu.

Ongakwenza

  • Khumbula ukuthi izinto ezingezinhle ezishiwoyo ngeqembu elithile labantu, azibhekiseli kumuntu ngamunye kulelo qembu.

  • Khumbula ukuthi awazi yonke into ngabanye abantu.

  • Zama ukuthola amaqiniso emithonjeni ethembekile.