Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

UMBONO WEBHAYIBHELI

Ubuhle Bangaphandle

Ubuhle Bangaphandle

Umbono olinganiselayo ngobuhle bangaphandle ungenza umuntu obengase angajabuli ajabule.

Kungani sibuthanda ubuhle?

Nakuba kungakaqondakali ukuthi kwenzeka ngandlelani, ingqondo yomuntu iyabubona ubuhle. IBhayibheli alichazi ukuthi kwenzeka kanjani, kodwa liyasembulela ukuthi kungani sikwazi ukubona ubuhle: UNkulunkulu wasidala saba nezimfanelo ezifana nezakhe. (Genesise 1:27; UmShumayeli 3:11) Wadala nomzimba womuntu oyinkimbinkimbi kakhulu, wawenza wabukeka futhi wasebenza ngendlela emangalisayo. Ngokuphathelene nalokhu, umqambi wezingoma wasendulo wathi: “Ngizokudumisa [Nkulunkulu] ngoba ngenziwe ngokumangalisayo ngendlela eyesabekayo.”—IHubo 139:14.

Kodwa namuhla, isimo sengqondo sabanye ngokuphathelene nobuhle bangaphandle sibonisa ukungalinganiseli—okuyisimo esigqugquzelwa abezemfashini nabezindaba. Ngokwencwadi ethi Body Image, ucwaningo oluye lwenziwa emazweni aseNtshonalanga “lubonisa ukuthi indlela umuntu azibona ebukeka ngayo yisona sici esiyinhloko endleleni azibheka ngayo.” Kodwa ukuba nalo mbono ongasabalele, kungasho ukushalazela isici esibaluleke nakakhulu—inhliziyo yomuntu.—1 Samuweli 16:7.

Ezindaweni eziningi indlela umuntu azibona ebukeka ngayo nokukhanga ngokobulili kugcizelelwa ngokweqile

Okuhambisana nokugxila ekubukekeni kwangaphandle yindlela okugcizelelwa ngayo ngokwedlulele ukukhanga ngokobulili, ikakhulu kwabesifazane. Umbiko we-American Psychological Association (APA) wango-2007 uthi: “Cishe kuzo zonke izinhlobo zemithombo yezindaba ezacwaningwa, kunobufakazi obuningi bokuthi abesifazane bavezwa ngendlela ehloselwe ukukhanga ngokobulili.” IBhayibheli lisikhuthaza ngokuqinile ukuba sikugweme ukuthonywa imikhuba enjalo—futhi kufanele!—Kolose 3:5, 6.

“Ukuhloba kwenu makungabi [okwangaphandle], kodwa makube umuntu osithekile wenhliziyo ogqoke isambatho esingenakonakala somoya onokuthula nobumnene, ongowenani elikhulu emehlweni kaNkulunkulu.”1 Petru 3:3, 4.

Kungani kuwukuhlakanipha ukuba nombono olinganiselayo?

Ngokuphathelene nobuhle bangaphandle, abanye bathi: “Ziqhenye ngento onayo!” Umbiko owenziwa i-APA uthi ezindaweni lapho ukucabanga okunje kuvamile khona, amantombazane akhulakhulile ngisho nasemancane afunda ukuzibheka ‘njengezinto zokubukwa, ukucubungulwa, nokukhanga abanye ngokubukeka kwawo.’ Umbono onjalo ungalimaza kakhulu. Eqinisweni, usuyinkinga enkulu kwezenhlalo nezempilo kangangokuthi ngokwe-APA, ‘ungase uholele ezinkingeni eziningi ezingokomzwelo.’ Lezi zinkinga zingahlanganisa ukukhathazeka ngokweqile “ngisho nokuzenyanya . . . , ukungadli ngendlela efanele, ukuzenyeza, kanye nokucindezeleka noma ukuzizwa uphansi.”

“Khipha ukukhathazeka enhliziyweni yakho, uphebeze inhlekelele enyameni yakho; ngoba ubusha nobungqabavu bokuphila kuyize.UmShumayeli 11:10.

Yimuphi umbono obonisa ukuhluzeka kwengqondo?

IBhayibheli lihlobanisa ‘ukuhluzeka kwengqondo’ nesizotha. (1 Thimothewu 2:9) Cabanga ngalokhu: Abantu abanesizotha abenzi ukubukeka kwabo kube iyona nto ebusa ukuphila kwabo, kunalokho banombono olinganiselayo ngabo. Bacabangela nemizwa yabanye, okubenza bahlonishwe futhi ngaphezu kwakho konke bathole umusa kaNkulunkulu. (Mika 6:8) Ngaphezu kwalokho, banamathuba amaningi okuthola abangane beqiniso nokukhanga abangane bomshado abafanelekayo, abangakhathaleli ukusondelana ngokomzimba nje kuphela kodwa nesibopho esijabulisayo nesihlala njalo.

Ngakho, ngezizathu eziningi ezinhle iBhayibheli lisikhuthaza ukuba sigxile kumuntu esinguye ngaphakathi—“umuntu osithekile wenhliziyo.” (1 Petru 3:3, 4) Impela ubuhle bangaphakathi abugugi. Eqinisweni, bungathuthuka ngokuhamba kwesikhathi! IzAga 16:31 zithi: “Ubumpunga bungumqhele wobuhle lapho butholakala endleleni yokulunga.” Ngakho, kungakhathaliseki iminyaka, abantu abalalela umyalo ophakeme weBhayibheli bazothola isihluthulelo sobuhle obuhlala njalo kanye nesithunzi nokwaneliseka.

“Ukukhanga kungase kube yinkohliso, nobuhle bungase bube yize; kodwa owesifazane owesaba uJehova nguye ozitholela udumo.”IzAga 31:30.