Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Isihloko Esisesembozweni

Indlela Yokunciphisa Amathuba Okuthola Izifo

Indlela Yokunciphisa Amathuba Okuthola Izifo

Nsuku zonke umzimba wakho ulwa nezitha ezinyenyayo nezingabonakali kodwa ezingakubulala. Abahlaseli abavela ngaphandle, abanjengama-bacterium, ama-virus nezilokazane eziphila ngezinye, bayibeka engozini impilo yakho. * Mancane amathuba okuba wazi ngalezo zimpi ngoba amasosha akho omzimba axosha noma abulale iningi lalaba bahlaseli ngaphambi kokuba kuvele izimpawu zokugula. Nokho, ngezinye izikhathi, amagciwane angakugulisa. Ezimweni ezinjalo, kungase kudingeke uqinise isimiso sakho somzimba sokuzivikela ngemithi nangezinye izindlela zokwelashwa.

Kwaphela izinkulungwane zeminyaka abantu bazi okuncane kakhulu mayelana nobungozi bezilokazane ezincane noma ezingabonakali ngamehlo. Nokho, lapho ososayensi bangekhulu le-19, beqinisekisa ukuhlobana phakathi kwamagciwane nezifo, sabe sesikuhlomela kangcono ukuzivikela. Kusukela lapho abacwaningi bezokwelapha sebeziqedile noma bazinciphisa kakhulu izifo ezithile, ezihlanganisa ingxibongo novendle. Nokho, muva nje, ezinye ezinjenge-yellow fever nodenga zibuyile. Kungani? Cabanga ngalezi zizathu:

  • Minyaka yonke, izigidi zabantu ezivakashela amazwe ahlukahlukene emhlabeni wonke, zivame ukuhamba namagciwane abangela izifo. Ngokwesihloko esikumagazini i-Clinical Infectious Diseases, “cishe zonke izifo eziyingozi nezithelelanayo” zingasakazwa abantu abavakashela amazwe omhlaba.

  • Amanye amagciwane awasazweli kuzibulali-magciwane. I-World Health Organization ithi: “Umhlaba uya enkathini yokungasebenzi kwezibulali-magciwane, lapho izifo ezivamile . . . zingaphinda zibulale.”

  • Iziyaluyalu nendlala emphakathini kuvame ukukhinyabeza imizamo yohulumeni yokuvimba ukusakazeka kwezifo.

  • Abantu abaningi abanalo ulwazi lwezindlela zokuvikela izifo.

Naphezu kwalezi zimo ezithusayo, kuningi ongakwenza ukuze uzivikele wena nomndeni wakho. Lokhu okulandelayo kuzobonisa ukuthi ngisho noma uhlala ezweni elisathuthuka, kunezindlela ezilula nezisebenzayo ongazisebenzisa.

^ isig. 3 Amagciwane amaningi awagulisi. Lolu chungechunge lwezihloko lugxile ezilokazaneni ezingabonakali nezinye izinto ezigulisayo ezibeka ukuphila kwakho engozini.