Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Unganquma Kanjani?

Unganquma Kanjani?

“Umhlaba nezinto ezisemkhathini kungakwazi ukuzidala futhi kuzozidala kona ngokwakho.”​—UStephen Hawking noLeonard Mlodinow, ososayensi, ngo-2010.

“UNkulunkulu wadala amazulu nomhlaba.”​—IBhayibheli, kuGenesise 1:1.

Umhlaba nezinto ezisemkhathini nezinto eziphilayo kwadalwa uNkulunkulu yini noma kwazivelela? Amazwi ososayensi ababili acashunwe kulesi sihloko namazwi okuqala eBhayibheli anikeza izimpendulo zalo mbuzo ezingafani nhlobo. Yomibili le mibono inabantu abayisekelayo. Noma kunjalo, abantu abaningi abaqiniseki. Abantu bayaphikisana ngalokhu ezincwadini ezithandwa kakhulu nasezinhlelweni ze-TV.

Kungenzeka ukuthi othisha bakho esikoleni babesho ngokuqiniseka ukuthi umhlaba nezinto ezisemkhathini kanye nezinto eziphilayo kwavele kwazivelela nokuthi akekho uMdali owakudala. Kodwa ingabe bukhona ubufakazi othisha bakho abakunika bona bokuthi akekho uMdali? Ngakolunye uhlangothi, kungenzeka wake wezwa abaholi benkolo beshumayela ngokuthi ukhona uMdali. Kodwa ingabe bakunika ubufakazi obusekela abakushoyo? Noma bakutshela ukuthi kumele umane ukholelwe nje kuNkulunkulu ngaphandle kobufakazi?

Akungabazeki ukuthi wake wacabanga ngalo mbuzo futhi kungenzeka waba nomuzwa wokuthi akekho ongasho ngokuqiniseka ukuthi ukhona uMdali. Ungase uzibuze futhi: Ibaluleke ngempela yini impendulo yokuthi ukhona yini uMdali noma cha?

Lo magazini i-Phaphama! uzoqale ukubonise amanye amaqiniso aye enza abantu abaningi bakholelwa kuMdali. Uzobe usuchaza ukuthi kungani ibalulekile impendulo yalo mbuzo mayelana nemvelaphi yokuphila emhlabeni.