Ufunda Uze Ufe
Ufunda Uze Ufe
UKSENIYA wazalwa ngo-1897. Waba namadodakazi amathathu, indodana, abazukulu abangu-15, nabantwana abangu-25 babazukulu. Kukho konke ukuphila kwakhe wayenza lokho abazali bakhe abamfundisa kona. Nakuba ayefike eMoscow engumbaleki ovela e-Abkhaz Republic eyayikhungethwe yimpi, ephakathi kweBlack Sea neCaucasus, wayanelisekile impela ngokuphila kwakhe, ikakhulu ngalokho ayekubiza ngokuthi inkolo yakhe eyifa.
Ngo-1993, indodakazi kaKseniya, uMeri, yaba ngomunye woFakazi BakaJehova. UMeri waqala ukuxoxa noKseniya ngoJehova uNkulunkulu nangeBhayibheli, kodwa wayengafuni ukumlalela. UKseniya wayelokhu ethi endodakazini yakhe, “Iminyaka isihambe kakhulu lapha kimi ukuthi ngingafunda into entsha.”
Noma kunjalo, indodakazi yakhe, uMeri; umkamzukulu wakhe, uLonda; nabantwana babazukulu bakhe, uNana noZaza, bonke ababebe ngoFakazi BakaJehova, baqhubeka bexoxa naye ngeBhayibheli. Ngobunye ubusuku ngo-1999, bafundela uKseniya umbhalo owamthinta inhliziyo. Wawunamazwi kaJesu athinta inhliziyo awasho kubaphostoli abathembekile lapho emisa iSidlo SeNkosi Sakusihlwa. (Luka 22:19, 20) Eneminyaka engu-102 ubudala, uKseniya wanquma ngalobo busuku ukuqala ukutadisha iBhayibheli.
“Ngemva kokuphila iminyaka engu-102,” kusho uKseniya, “ekugcineni ngaqonda ukuthi siphilelani. Manje sengiyazi ukuthi akukho lutho olungcono kunokukhonza uNkulunkulu wethu omangalisayo nonothando, uJehova. Ngisaphapheme futhi nginempilo ekahle. Ngiyakwazi ukufunda ngaphandle kwezibuko futhi ngisakukhuthalele ukuzihlanganisa nomndeni wami.”
Ngo-November 5, 2000, uKseniya wabhapathizwa. Uthi: “Manje senginikela ukuphila kwami kuJehova ukuze ngimkhonze ngothando. Ngihambisa omagazini namapheshana ngihlezi esitobhini sebhasi ngasekhaya. Izihlobo zivamile ukuvakasha, ngihlanganyele nazo iqiniso ngoJehova ngenjabulo.”
UKseniya ululindele ngamnyama usuku lapho ‘inyama yakhe iyoba ntsha kuneyomntwana, abuyele emihleni yobusha bakhe.’ (Jobe 33:25) Uma umuntu oneminyaka engaphezu kweyikhulu engaziboni eseguge kakhulu ukuba athole injongo yokuphila eBhayibhelini, wena-ke?