Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

 Fundisa Izingane Zakho

URahabi Wayezinaka Izindaba Ayezizwa

URahabi Wayezinaka Izindaba Ayezizwa

AKE sibuyele emuva eminyakeni engu-3 500 edlule. Sisemzini waseJeriko, ezweni laseKhanani. Intokazi egama layo linguRahabi ihlala kulo muzi. Yazalwa ngemva kokuba uMose ekhiphe ama-Israyeli ebugqilini baseGibhithe nangemva kokuwela kwawo uLwandle Olubomvu enhlabathini eyomile! Ayikho imisakazo, amathelevishini noma i-Internet, kodwa uRahabi uyazi ngalesi simangaliso—nakuba senzeka kude nalapho ehlala khona. Uyazi ukuthi wasazi kanjani?— *

Akungabazeki ukuthi izihambi zazixoxa ngalezi zimangaliso. Njengoba ekhula, uRahabi uyakhumbula ukuthi uJehova wabenzelani abantu bakhe. Uzwa nezinye izinto ezimangazayo ngama-Israyeli. Ngemva kokuchitha iminyaka engu-40 ehlane, ama-Israyeli angena eKhanani futhi uNkulunkulu ubelokhu ewasiza ekunqobeni noma yiziphi izitha zawo. Manje uRahabi uthola ukuthi ama-Israyeli akanise ngaphesheya koMfula iJordani ukusuka eJeriko!

Ngobunye ubusuku, kufika amadoda amabili angawazi. Anqume ukungena emzini kaRahabi ngoba ayazi ukuthi unendawo yokungenisa izihambi. Uyawangenisa. Phakathi nobusuku, inkosi yaseJeriko ithola ukuthi kunezinhloli zakwa-Israyeli ezingene eJeriko nokuthi zifikele endlini kaRahabi. Inkosi ibe isithumela izithunywa kuRahabi, zifike zithi makakhiphe amadoda angene emzini wakhe. Uyazi yini ukuthi uRahabi usetholeni ngala madoda nokuthi yini asekwenzile ngalokho?—

Ngaphambi kokufika kwezithunywa zenkosi, uRahabi wathola ukuthi izivakashi zakhe ziyizinhloli zakwa-Israyeli. Ngakho, wazicashisa ophahleni lwendlu, futhi manje utshela lezi zithunywa zenkosi: “Yebo, afikile kimi lawo madoda . . . Kuthe ngesikhathi sokuvalwa kwesango sekuhlwile aphuma lawo madoda.” URahabi uthi: “Wasukeleni masinyane.”

Ucabanga ukuthi kungani uRahabi evikele lezi zinhloli?— Uyazichazela ukuthi kungani: “Ngiyazi ukuthi ngokuqinisekile uJehova uzoninika lona leli zwe . . . Ngoba siyizwile indlela uJehova omisa ngayo amanzi oLwandle Olubomvu  phambi kwenu lapho niphuma eGibhithe.” Usezwe nangokunye ukunqoba uJehova abusise ngakho ama-Israyeli.

Ngokuqinisekile, uJehova wajabula ngokuthi uRahabi wavikela lezi zinhloli, njengoba iBhayibheli lisitshela kumaHebheru 11:31. Wajabula nalapho encenga izinhloli: ‘Ngicela nifunge, ngenxa yokuthi nginibonise umusa, lapho iJeriko livinjezelwa kumelwe nimlonde ubaba nomama nabafowethu nawodadewethu.’ Izinhloli zithembisa ukukwenza lokho uma yena ezolandela iziqondiso zazo. Uyazazi lezo ziqondiso?—

Izinhloli zithi: ‘Thatha le ntambo ebomvu futhi kufanele uyibophe efasiteleni lakho bese uqoqela zonke izihlobo zakho kanye nawe endlini yakho. Uma ukwenza lokho, wonke umuntu olapho uyosinda.’ URahabi wenza njengoba lezi zinhloli zishilo. Uyazi ukuthi kwenzekani ngemva kwalokho?—

Ama-Israyeli ayafika akanise ngaphandle kwezindonga zaseJeriko. Amasha azungeze umuzi ngokuthula kanye ngosuku izinsuku eziyisithupha. Ngosuku lwesikhombisa, amasha izikhathi eziyisikhombisa bese ememeza kakhulu. Izindonga ziyadilika—ngaphandle kwezomuzi okulenga kuwo intambo ebomvu efasiteleni! URahabi nomndeni wakhe bayasinda.—Joshuwa 2:1-24; 6:1-5, 14, 15, 20-25.

Singafundani kulokho okwenziwa uRahabi?— Akazange alalele kuphela izinto ezazenziwa uNkulunkulu ukuze avikele abantu baKhe, kodwa naye wabasiza lapho ethola ithuba lokwenza kanjalo. Yebo, uRahabi wakhetha ukukhonza uJehova kanye nabantu baKhe! Ingabe nawe uzokwenza okufanayo?— Sithandazela ukuba wenze kanjalo.

^ isig. 3 Uma ufunda lesi sihloko nezingane, udwí uyisikhumbuzo sokuba ume ubuze izingane umbuzo.