Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Indoda Ethobekile Nenesibindi

Indoda Ethobekile Nenesibindi

Ezentsha Yethu

Indoda Ethobekile Nenesibindi

UJONA—INGXENYE 1

Iziyalezo: Yenza lesi sivivinyo endaweni ethule. Njengoba ufunda imiBhalo, zibone ngeso lengqondo uhilelekile kuleso senzakalo. Sibone ngeso lengqondo. Yizwa amazwi. Zizwe ngendlela abalingiswa abazizwa ngayo. Yenza le ndaba iphile.

1 HLAZIYA ISIGCAWU.—FUNDA UJONA 1:1-17; 2:10–3:5.

Ucabanga ukuthi ulwandle nesivunguvungu kwakunjani?

․․․․․

Amazwi kaJona nawababesemkhunjini akutshela ukuthi babezizwa kanjani?

․․․․․

Chaza ukuthi cishe uJona wayecabangani ngesikhathi eshona phansi olwandle nangemva kokugwinywa inhlanzi enkulu. (Funda uJona 2:1-9.)

․․․․․

2 CWANINGISISA.

Kwakuhlala abantu abanjani eNineve futhi cishe kungani uJona ayemadolonzima ngokuya kubo ekuqaleni? (Nahume 3:1)

․․․․․

Ucabanga ukuthi iNineve “laliwumuzi omkhulu kuNkulunkulu” ngamuphi umqondo? (Jona 3:3; 2 Petru 3:9)

․․․․․

Ukungagwegwesi kukaJona lapho ekhuluma ngamaphutha akhe nangoNkulunkulu wakhe kwembulani ngaye? (Phinda ufunde uJona 1:9, 10.)

․․․․․

Cishe uJona wakwazi kanjani okwenzeka emkhunjini ngemva kokuba ephonswe olwandle? (Phinda ufunde uJona 1:15, 16.)

․․․․․

3 SEBENZISA OKUFUNDILE. BHALA LOKHO OKUFUNDILE MAYELANA . . .

Nokwesaba.

․․․․․

Nokuthobeka.

․․․․․

Nesibindi.

․․․․․

Nombono kaJehova ngabantu, ngisho nalabo esingase sicabange ukuthi babi.

․․․․․

4 YINI EKUHLABE UMXHWELE KAKHULU NGALOKHU KULANDISA, FUTHI NGANI?

․․․․․

Ukuze ucwaninge ngokwengeziwe, bheka INqabayokulinda ka-January 1, 2009, amakhasi 25-28.

FUNDA EZINYE IZINCWADI EZISEKELWE EBHAYIBHELINI KUYI-INTERNET, KULELI KHELI: www.watchtower.org