Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

 SONDELA KUNKULUNKULU

“UNkulunkulu Uthanda Umuphi Onamileyo”

“UNkulunkulu Uthanda Umuphi Onamileyo”

Yisipho esinjani esingakwenza ujabule ngempela? Akungabazeki ukuthi iningi lethu lingajabula lapho lithola isipho esivela kumuntu oshukunyiswa uthando hhayi okupha ngoba ezizwa ebophekile. Lapho kuziwa endabeni yokupha, isisusa sibalulekile. Sibalulekile kithi. Okubaluleke nakakhulu ukuthi sibalulekile kuNkulunkulu. Cabangela amazwi aphefumulelwe omphostoli uPawulu alotshwe kweyesi-2 Korinte 9:7.

Kungani uPawulu aloba la mazwi? Wayefuna ukukhuthaza amaKristu aseKorinte ukuba asekele umsebenzi wokusiza amaKristu aseJudiya ayeswele. Ingabe wazama ukuphoqa abaseKorinte ukuba baphe ngenkani? Cha, ngokuphambene nalokho waloba: “Yilowo nalowo makenze njengoba nje enqumile enhliziyweni yakhe, kungabi ngokudabuka noma ngaphansi kokucindezelwa, ngoba uNkulunkulu uthanda umuphi onamileyo.” Ake sisihlolisise lesi sikhuthazo.

“Njengoba nje enqumile enhliziyweni yakhe.” UPawulu uthi umKristu oqotho upha ngoba “enqumile enhliziyweni yakhe” ukwenza kanjalo. Ngesikhathi esifanayo, umKristu uzinika isikhathi sokucabanga ngezidingo zamanye amaKristu. Esinye isazi sithi igama lolimi lokuqala elithi “enqumile” “linomqondo wokunquma kusengaphambili.” Ngakho umKristu uyacabangisisa ngezidingo zamaKristu akanye nawo futhi azibuze ukuthi yini angayenza ukuze anelise lezo zidingo.—1 Johane 3:17.

“Kungabi ngokudabuka noma ngaphansi kokucindezelwa.” UPawulu uveza izinhlobo ezimbili zokupha okumelwe amaKristu azigweme—ukuba madolonzima nokuphoqwa. Igama lesiGreki elithi “ngokudabuka” ngokwezwi nezwi lisho ukuthi “ngosizi.” Enye incwadi ithi, umuphi odabukile noma omadolonzima upha “ngenhliziyo ebuhlungu ngenxa yokulahlekelwa imali.” Umuphi ophoqwayo upha ngoba ezizwa ebophekile. Ubani kithi ufuna ukwamukela isipho kumuphi omadolonzima noma ophoqwayo?

“UNkulunkulu uthanda umuphi onamileyo.” UPawulu uthi lapho umKristu enquma ukupha, kumelwe akwenze ngokwenama noma ngokujabula. Ngempela injabulo ibangelwa ukupha ngenxa yezisusa ezinhle. (IzEnzo 20:35) Umuphi onamileyo ngeke akwazi ukuyifihla injabulo yakhe. Empeleni, igama elithi “onamileyo” lingachaza kokubili umuzwa wangaphakathi nokubukeka komuphi. Umuphi onamileyo uthinta izinhliziyo zethu. Ujabulisa nenhliziyo kaJehova. Enye inguqulo ithi: “UNkulunkulu uthanda abantu abathanda ukupha.”—Contemporary English Version.

“UNkulunkulu uthanda abantu abathanda ukupha.”

Amazwi kaPawulu aphefumulelwe ayisiqondiso kumaKristu endabeni yokupha. Kungakhathaliseki ukuthi siphana ngesikhathi sethu, amandla noma izinto ezibonakalayo, masikwenze lokho ngokuzithandela ngoba sifuna ukuthola injabulo yangempela ngokwenzela abanye okuhle, ikakhulukazi labo abaswele. Ukupha okunjalo ngeke kugcine ngokusijabulisa kodwa kuyosenza sithandeke kuNkulunkulu ngoba “uthanda umuphi onamileyo.”

Izahluko zeBhayibheli ongazifunda ngo-September

eyoku-1 neyesi-2 Korinte