Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

 ISIHLOKO ESIYINHLOKO | INGABE KUFANELE UTHANDAZE?

Kungani Abantu Bethandaza?

Kungani Abantu Bethandaza?

Ingabe ujwayelene nokuthandaza? Abantu abaningi bayathandaza, ngisho nalabo abangakholelwa kuNkulunkulu. Kodwa kungani abantu bethandaza? Ngokwenhlolo-vo eyenziwa eFrance, ingxenye yezakhamuzi zakhona iyathandaza noma izindle ngezinye izikhathi “ukuze izizwe ingcono.” Njengabantu abaningi baseYurophu, lezi zakhamuzi azithandazi ngoba zikhonza uNkulunkulu. Kunalokho zisuke zifuna “induduzo elethwa ukuthandaza.” Ngakolunye uhlangothi, amanye amakholwa athandaza kuphela lapho edinga okuthile, elindele ukuba uNkulunkulu aphendule izicelo zawo ngokushesha.Isaya 26:16.

Kuthiwani ngawe? Ingabe ucabanga ukuthi umthandazo umane nje uyindlela yokukusiza unciphise ukukhathazeka? Uma ukholelwa kuNkulunkulu, ingabe uyayibona indlela umthandazo okusiza ngayo ekuphileni kwakho? Noma ingabe unomuzwa wokuthi imithandazo yakho ayiphendulwa? IBhayibheli lingakusiza ukuba ungabheki umthandazo njengendlela yokukwenza uzizwe ungcono, kodwa njengendlela eyigugu yokukusiza usondele kuNkulunkulu.