Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Ungakwazi Ukumelana Nesilingo!

Ungakwazi Ukumelana Nesilingo!

“Kwakungeyona inhloso yami ukubuka izithombe zobulili ezingcolile. Kodwa lapho ngisebenzisa i-Internet kwavela isikhangiso. Nami angazi ukuthi kwenzekani, kodwa ngavele ngasivula.”—UCODY. *

“Intombazane enhle yaqala ukuhlekisana nami emsebenzini. Ngolunye usuku yathi kungcono siye ehhotela ‘siyozijabulisa.’ Ngangazi kahle ukuthi ifunani.”—UDYLAN.

ABANYE abantu babheka isilingo njengento efiselekayo. Nokho abanye basibheka njengesitha esiphikelelayo abangathanda ukusinqoba. Wena ucabangani? Lapho ubhekene nesilingo, ingabe kufanele usivumele sikunqobe noma umelane naso?

Kuyiqiniso ukuthi akuzona zonke izilingo eziholela ezinkingeni ezinkulu. Ngokwesibonelo, ukudla ikhekhe kungafanele ngeke kukubulale. Kodwa ukuvumela ezinye izilingo zisinqobe—ngokukhethekile lezo eziholela ekuziphatheni kabi ngokobulili—kungaletha imiphumela ebuhlungu. IBhayibheli liyaxwayisa: “Noma ubani [ophingayo] . . . uswele inhliziyo; okwenzayo uchitha owakhe umphefumulo.”IzAga 6:32, 33.

Uma ufikelwa isilingo sokuziphatha kabi ngokobulili yini okufanele uyenze? IBhayibheli liyaphendula: “Yilokhu uNkulunkulu akuthandayo, ukungcweliswa kwenu, ukuba nidede ebufebeni; ukuze ngamunye wenu azi ukuthi angasilawula kanjani isitsha sakhe siqu ngokungcweliswa nangodumo.” (1 Thesalonika 4:3, 4) Ungawathola kanjani amandla okumelana naso? Ake sihlole izinyathelo ezintathu ezingakusiza.

Isinyathelo 1: Qapha Amehlo Akho

Ukubuka izinto ezivusa inkanuko kukhulisa izifiso ezimbi. Ekhuluma ngokuhlobana kokubuka nokufisa, uJesu waxwayisa: “Wonke umuntu oqhubeka ebuka owesifazane aze amkhanuke, usephingile naye kakade enhliziyweni yakhe.” Ekhuluma ngendlela eyihaba, wanxusa: “Manje, uma lelo liso lakho lesokunene likwenza ukhubeke, likhiphe ulilahle kude.” (Mathewu 5:28, 29) Wayeqondeni uJesu ngala mazwi? Ukuze simelane nesilingo, kumelwe sithathe isinyathelo futhi singabuki izithombe ezivusa inkanuko.

Lapho ubona izithombe ezivusa inkanuko, bheka kwenye indawo

 Isibonelo: Ake sithi uxhoshwa ithoshi. Ingabe uyaqhubeka uligqolozele? Cha! Uyawasusa amehlo akho kulo noma uwavale. Ngendlela efanayo, uma ubona isithombe esivusa inkanuko—encwadini, kuyithelevishini noma kwenye indawo—susa amehlo akho kuso. Vikela ingqondo yakho ekulimaleni. UJuan, owayengumlutha wezithombe zobulili ezingcolile, uthi: “Lapho ngibona owesifazane omuhle, ngokuvamile ngiye ngifune ukumbuka ngokuphindaphindiwe. Ngakho ngiphoqa amehlo ami ukuba abheke kwenye indawo, bese ngithi: ‘Thandaza kuJehova! Nakanjani kudingeka uthandaze manje!’ Ngemva kokuthandaza, isilingo siyaphela.”Mathewu 6:9, 13; 1 Korinte 10:13.

Cabanga nangendoda ethembekile uJobe eyathi: “Ngenzé isivumelwano namehlo ami. Ngakho ngingaba kanjani ngonaka intombi?” (Jobe 31:1) Zama ukwenza isivumelwano esifanayo.

Zama lokhu: Lapho ubona izithombe ezingcolile, susa amehlo akho ngokushesha. Lingisa umlobi weBhayibheli owathandaza: “Yenza ukuba amehlo ami adlule angakuboni okungenanzuzo.”IHubo 119:37.

Isinyathelo 2: Qapha Imicabango Yakho

Ngenxa yokuthi sonke asiphelele, ngezinye izikhathi kungaba nzima ukubhekana nezifiso ezimbi. IBhayibheli lithi: “Yilowo nalowo ulingwa ngokuhehwa nangokuhungwa yisifiso sakhe siqu. Khona-ke isifiso, lapho sesakhekile, sizala isono.” (Jakobe 1:14, 15) Yini ongayenza ukuze ugweme ukwenza isono?

Lapho unemicabango emibi, yeka ukucabanga uthandaze

Lapho uba nezifiso ezimbi, khumbula ukuthi ungakhetha ukuthi usabela kanjani kuzo. Yilwa nalezo zifiso. Zisuse engqondweni yakho. Ungavumi ukucabanga ngezenzo zobulili ezingcolile. Owesilisa ogama lakhe linguTroy, owayengumlutha wezithombe ezingcolile zobulili kuyi-Internet, uthi: “Ngangilwa ukuze ngisuse imicabango emibi engqondweni yami ngokucabanga ngezinto ezinhle. Kwakungelula. Ngehluleka kaningi. Kodwa ekugcineni ngafunda ukulawula ukucabanga kwami.” Owesifazane ogama lakhe lingu-Elsa, owayelingeka ukuba aziphathe kabi ngokobulili ngesikhathi esemusha, uyakhumbula:  “Ukuba matasa nokuthandaza kuJehova kwangisiza ukuba ngixoshe imicabango emibi.”

Zama lokhu: Lapho ufikelwa imicabango emibi, ngokushesha yeka ukucabanga uthandaze. Yilwa nemicabango emibi ngokufaka engqondweni yakho “noma yiziphi izinto eziyiqiniso, noma yiziphi izinto ezibaluleke ngempela, noma yiziphi izinto ezilungileyo, noma yiziphi izinto ezihlanzekile, noma yiziphi izinto ezithandekayo, noma yiziphi izinto okukhulunywa kahle ngazo, noma yibuphi ubuhle obukhona nanoma yini ekhona ekufanelekelayo ukudunyiswa.”Filipi 4:8.

Isinyathelo 3: Qapha Indlela Ohamba Ngayo

Ukuhlangana kwesifiso, isilingo nethuba lokusanelisa, kungasifaka enkingeni kalula. (IzAga 7:6-23) Yini ongayenza ukuze ugweme ukungena enkingeni?

“Ngingena kuyi-Internet kuphela lapho bekhona abanye”

Nasi iseluleko esihlakaniphile seBhayibheli: “Unokuqonda lowo oboné inhlekelele wabe esecasha, kodwa abangenalwazi baye badlula ngakuyo futhi kumelwe bakhokhe.” (IzAga 22:3) Ngakho qapha indlela ohamba ngayo. Zilindele izimo ezingakufaka enkingeni bese uyazigwema. (IzAga 7:25) Owesilisa ogama lakhe linguFilipe owanqoba umkhuba wokubuka izithombe zobulili ezingcolile uthi: “Ngibeke i-computer endaweni esobala futhi ngafaka kuyo uhlelo oluvimba izingosi ezimbi. Ngingena kuyi-Internet kuphela lapho bekhona abanye.” UTroy okukhulunywe ngaye ekuqaleni uthi: “Ngiyakugwema ukubukela ama-movie avusa inkanuko nokuzihlanganisa nabantu abakhuluma ngocansi ngendlela ehlambalazayo. Angifuni ukuzibeka engozini.”

Zama lokhu: Ngobuqotho hlola ubuthakathaka bakho bese uhlela kusenesikhathi ukugwema izimo ezingakuchaya esilingweni.Mathewu 6:13.

UNGAPHELELWA AMANDLA!

Kuthiwani uma unqotshwa isilingo naphezu kwemizamo yakho eqotho? Ungadikibali uphele amandla. IBhayibheli lithi: “Olungile angawa ngisho nakasikhombisa, kodwa ngokuqinisekile uyovuka.” (IzAga 24:16) UBaba wethu osezulwini usikhuthaza ukuba ‘sivuke.’ Ingabe uzolwamukela usizo lwakhe lothando? Ungalokothi uyeke ukuthandaza. Yakha ukholo lwakho ngokufunda iZwi lakhe. Qinisa ukuzimisela kwakho ngokuya emihlanganweni yobuKristu. Lalela lesi sithembiso esivela kuNkulunkulu: “Ngizokuqinisa. Impela ngizokusiza.”Isaya 41:10.

UCody okukhulunywe ngaye ekuqaleni uthi: “Kwadingeka ngilwe kanzima ukuze nginqobe umkhuba wokubuka izithombe zobulili ezingcolile. Ngehluleka kaningi, kodwa ngosizo lukaNkulunkulu ngagcina ngikwazile ukuwunqoba.” UDylan, naye okukhulunywe ngaye ekuqaleni, uthi: “Kwasala kancane ukuba ngilale nomuntu engisebenza naye. Kodwa ngenqaba ngathi ‘Cha!’ Kuyangijabulisa ukuba nonembeza ohlanzekile. Okubaluleke nakakhulu ukwazi ukuthi uJehova uyaziqhenya ngami.”

Lapho umelana ngokuqinile nesilingo, ungaqiniseka ngokuthi uNkulunkulu uyoziqhenya ngawe!IzAga 27:11.

^ isig. 2 Amagama kulesi sihloko ashintshiwe.