Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

ISIHLOKO ESIYINHLOKO | ONGAKWENZA UKUZE UTHANDE UMSEBENZI OWENZAYO

Ongakwenza Ukuze Uthande Umsebenzi Onzima

Ongakwenza Ukuze Uthande Umsebenzi Onzima

“Wonke umuntu adle futhi empeleni aphuze abone okuhle ngawo wonke umsebenzi wakhe onzima. Kuyisipho sikaNkulunkulu.” (UmShumayeli 3:13) Uma uNkulunkulu ayefuna ukuba siwuthande umsebenzi wethu, kunengqondo ukulindela ukuthi ubeyosibonisa indlela yokuwuthanda. (Isaya 48:17) Kuyajabulisa ukuthi eZwini lakhe iBhayibheli uyasibonisa leyo ndlela. Cabanga ngalesi seluleko esilandelayo esisekelwe eBhayibhelini sendlela yokuthola ukwaneliseka emsebenzini wakho.

YIBA NOMBONO OMUHLE NGOMSEBENZI

Kungakhathaliseki ukuthi emsebenzini usebenzisa ingqondo, amandla noma kokubili, kumelwe wazi ukuthi “ngazo zonke izinhlobo zokukhandleka kukhona inzuzo.” (IzAga 14:23) Inzuzo enjani? Ukusebenza kanzima kusenza sikwazi ukuthenga izinto esizidingayo. Kuyiqiniso ukuthi uNkulunkulu uthembisa ukuzinakekela izidingo zalabo abamkhulekela ngobuqotho. (Mathewu 6:31, 32) Kodwa ulindele nokuba senze ingxenye yethu, sisebenze ngenkuthalo ukuze sithole inkokhelo ngomsebenzi wokwethembeka esiwenzayo.2 Thesalonika 3:10.

Ngakho, umsebenzi singawubheka njengendlela yokufinyelela imigomo yethu. Ukusebenza kuyindlela ehloniphekile yokunakekela imithwalo yethu yemfanelo. UJoshua oneminyaka engu-25 uthi, “Uma ukwazi ukuzinakekela usuke ufeze lukhulu. Uma ukwazi ukuthenga lokho okudingayo, kusho ukuthi umsebenzi wakho wenza kanye lokho okufanele ukwenze.”

Ngaphezu kwalokho, ukusebenza kanzima kusenza sizihloniphe. Ngoba phela, umsebenzi onzima uyakhandla ngempela. Uma sizifundisa ukunamathela emsebenzini wethu—ngisho noma ubonakala ungathandeki noma unzima kangakanani—singathola ukwaneliseka ngokwazi ukuthi siye sanamathela esimisweni sendlela ephakeme yokuphila. Siye salwa ngokuphumelelayo nokuthambekela kokwenza izinto ngendlela elula. (IzAga 26:14) Ngaleyo ndlela, umsebenzi usinikeza umuzwa ojulile wokwaneliseka. U-Aaron okukhulunywe ngaye esihlokweni esidlule uthi: “Uyangijabulisa umuzwa engiba nawo ngemva kokusebenza usuku lonke. Ngisho noma ngikhathele—futhi nabanye bengawuqapheli umsebenzi wami—ngisuke ngazi ukuthi ngifeze okuthile.

ZIKHANDLE EMSEBENZINI WAKHO

IBhayibheli liyayincoma indoda ‘enekhono emsebenzini wayo’ nowesifazane ‘owenza noma yini izandla zakhe eziyijabulelayo.’ (IzAga 22:29; 31:13) Kuyavunywa ukuthi umuntu akabi nekhono ngokuzenzakalelayo. Bambalwa kakhulu abantu abathanda ukwenza umsebenzi abangenakhono kuwo. Mhlawumbe yingakho abaningi bengawuthandi umsebenzi wabo ngoba abazikhandli ngokwanele ukuze babenekhono ekuwenzeni.

Iqiniso liwukuthi, umuntu angafunda ukuthanda noma yimuphi umsebenzi uma enombono ofanele ngawo—okungukuthi, uma egxila ekufundeni ukuwenza kahle umsebenzi wakhe. UWilliam oneminyaka engu-24 uthi: “Uma wenza konke okusemandleni ukuze uwenze kahle umsebenzi wakho bese ubona imiphumela, waneliseka ngempela. Ngeke ube nawo lowo muzwa uma ungawenzi ngokwethembeka umsebenzi noma wenza umsebenzi omncane.”

GXILA ENDLELENI UMSEBENZI WAKHO OBAZUZISA NGAYO ABANYE

Gwema ukucabanga kuphela ngokuthi uhola malini. Kunalokho, zibuze imibuzo enjengokuthi: ‘Ubaluleke ngani lo msebenzi? Yini engenzeka uma ungenziwanga—noma ungenziwanga kahle? Umsebenzi wami ubazuzisa kanjani abanye?’

Kubalulekile ukucabanga ngokukhethekile ngalo mbuzo wokugcina, ngoba umsebenzi wanelisa kakhulu uma sibona indlela obazuzisa ngayo abanye. UJesu wathi: “Kukhona injabulo eyengeziwe ekupheni kunasekwamukeleni.” (IzEnzo 20:35) Ngaphandle kwalabo abazuza ngokuqondile emsebenzini wethu—njengamakhasimende nabaqashi bethu—kunabanye abazuzayo emsebenzini wethu onzima. Laba bahlanganisa amalungu emindeni yethu nalabo abaswele.

Amalungu emindeni yethu. Uma inhloko yomndeni isebenza kanzima ukuze inakekele amalungu omndeni wayo, iwasiza okungenani ngezindlela ezimbili. Okokuqala, iyaqikelela ukuthi athola izinto eziyisidingo ekuphileni—ukudla, izingubo nendawo yokuhlala. Ngaleyo ndlela ifeza umthwalo wayo wemfanelo ewunikezwe uNkulunkulu wokuba ‘yondle abakubo.’ (1 Thimothewu 5:8) Okwesibili, inhloko yekhaya ekhuthele ifundisa ngesibonelo ukubaluleka kokusebenza kanzima. UShane ocashunwe esihlokweni esedlule uthi: “Ubaba uyibonelo esihle somuntu osebenza ngokuzikhandla. Uyindoda eqotho esebenze kanzima ukuphila kwayo konke, echithe isikhathi esiningi ingumbazi. Esibonelweni sakhe ngiye ngafunda ukubaluleka kokusebenza ngezandla, ukwakha izinto eziyoba usizo kwabanye abantu.”

Labo abaswele. Umphostoli uPawulu weluleka amaKristu ukuba “asebenze kanzima . . . ukuze abe nokuthile kokwabela umuntu oswele.” (Efesu 4:28) Ngempela, lapho sisebenza kanzima ukuze sizinakekele thina nemindeni yethu, singase sikwazi nokusiza labo abaswele. (IzAga 3:27) Ngakho umsebenzi onzima ungasenza sithole injabulo enkulu elethwa ukupha.

YENZA OKWENGEZIWE

ENtshumayelweni yakhe Yasentabeni edumile, uJesu wathi: “Uma othile osegunyeni ekucindezela ukuba uhambe imayela elilodwa, hamba naye amamayela amabili.” (Mathewu 5:41) Ungasisebenzisa kanjani lesi simiso emsebenzini wakho? Kunokuba umane nje wenze okuncane, funa izindlela zokwenza okungaphezu kwalokho okulindelekile. Zibekele imigomo; zimisele ukwenza umsebenzi wakho ngendlela engcono nesheshayo kunalokho okulindelekile. Ngisho nezinto ezincane emsebenzini wakho, zenzisise kahle.

Lapho wenza okwengeziwe, cishe uyowujabulela kakhudlwana umsebenzi wakho. Kungani? Ngoba uyobe wenza izinto ngendlela ethandwa nguwe. Wenza okwengeziwe ngoba uthanda, hhayi ngoba kukhona okuphoqile. (Filemoni 14) Kule ndaba, singase sikhumbule isimiso esilotshwe encwadini yezAga 12:24: “Yisandla sabakhuthele esiyobusa, kodwa isandla esenqenayo siyokwenziswa umsebenzi ophoqelelwe.” Yiqiniso, abambalwa kithi bayoba yizigqila noma benziswe umsebenzi ophoqelelwe. Nokho, umuntu owenza umsebenzi omncane kakhulu angase azizwe egqilazwa, njalo engaphansi kwejoka elicindezelayo labanye. Kodwa umuntu owenza okwengeziwe—ekwenza ngoba ethanda—uzizwa ekwazi ukulawula ukuphila kwakhe. Uyaqhubeka elawula konke akwenzayo.

GCINA UMSEBENZI USENDAWENI YAWO EFANELE

Kuhle ukwenza umsebenzi onzima, nokho senza kahle ngokukhumbula ukuthi kukhona okunye okubalulekile ekuphileni kunomsebenzi. Kuyiqiniso ukuthi iBhayibheli likhuthaza ukukhuthala. (IzAga 13:4) Kodwa alikukhuthazi ukuba isigqila somsebenzi. Incwadi yomShumayeli 4:6 ithi: “Kungcono ukuphumula okuncane kunomsebenzi onzima omningi nokulwela ukufica umoya.” Liyini iphuzu? Liwukuthi umuntu oyisigqila somsebenzi angase angabi naso isikhathi sokujabulela imiphumela yomsebenzi wakhe uma umsebenzi uthatha sonke isikhathi namandla akhe. Empeleni, umsebenzi wakhe uba yize ‘njengokulwela ukufica umoya.’

IBhayibheli lingasisiza sihlakulele umbono olinganiselayo ngomsebenzi. Nakuba lithi kufanele sizikhandle emsebenzini wethu, liphinde liseluleke ukuba ‘siqiniseke ngezinto ezibaluleke kakhulu.’ (Filipi 1:10) Yiziphi izinto ezibaluleke kakhulu? Lezo zinto zihlanganisa ukuchitha isikhathi nomndeni nabangane. Okubaluleke nakakhulu yizinto ezingokomoya, njengokufunda iZwi likaNkulunkulu nokuzindla ngalo.

Labo abalinganiselayo ekuphileni kwabo cishe bayowujabulela nakakhulu umsebenzi wabo. UWilliam ocashunwe ekuqaleni uthi, “omunye wabaqashi bami bangaphambili uyisibonelo esihle kakhulu somuntu olinganiselayo emsebenzini. Usebenza kanzima futhi unobuhlobo obuhle namakhasimende akhe ngenxa yendlela awenza ngayo umsebenzi wakhe. Kodwa ekupheleni kosuku, uyakwazi ukukhohlwa umsebenzi agxile emndenini wakhe nasekukhulekeleni futhi ujabule kakhulu!”