Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Izimpendulo Zemibuzo YeBhayibheli

Izimpendulo Zemibuzo YeBhayibheli

Luyini Usuku Lokwahlulela?

Kungani Usuku Lokwahlulela Luyoba Isikhathi Esijabulisayo?

Ngezikhathi zeBhayibheli, uNkulunkulu wasebenzisa abahluleli ukuze asindise abantu bakhe ekuphathweni ngendlela engenabulungisa. (AbaHluleli 2:18) IBhayibheli lichaza Usuku Lokwahlulela oluzayo njengesikhathi esijabulisayo, lapho uJehova, uMahluleli womhlaba wonke, eyosindisa khona isintu ekungabini nabulungisa.—Funda iHubo 96:12, 13; Isaya 26:9.

UNkulunkulu umise uJesu ukuba ahlulele ngobulungisa kokubili abaphilayo nabafileyo. (IzEnzo 10:42; 17:31) Abantu abaningi bafa bengamazi uNkulunkulu. Phakathi noSuku Lokwahlulela, uJesu uyobavusa abantu abanjalo ukuze bazi futhi bathande uNkulunkulu weqiniso.—Funda izEnzo 24:15.

Kungani Usuku Lokwahlulela luyothatha iminyaka eyinkulungwane?

Abafileyo bayovuswa phakathi neminyaka eyinkulungwane. (IsAmbulo 20:4, 12) Bayodinga isikhathi ukuze bafunde izindlela zikaNkulunkulu futhi bamlalele. Ngokuphambene nombono wabaningi, iBhayibheli libonisa ukuthi abantu bayokwahlulelwa ngokwalokho abayokwenza ngemva kokuvuswa kwabo.—Funda amaRoma 6:7.

IBhayibheli liphinde lichaze usuku lokwahlulela oluyofika kungazelelwe ngaphambi kokuba kuqale iminyaka eyinkulungwane. Lolo suku lubizwa nangokuthi isiphelo, njengoba kubonisiwe esihlokweni esiyinhloko salo magazini. Ngalolo suku, uNkulunkulu uyosusa bonke abantu abangamhloniphi nababi. (2 Petru 3:7) Ngakho, kufanele siqikelele ukuthi siyalubonisa uthando lwethu ngoNkulunkulu.—Funda eyesi-2 Petru 3:9, 13.