Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

ISIHLOKO ESIYINHLOKO

Bangobani OFakazi BakaJehova?

Bangobani OFakazi BakaJehova?

“Sekuyiminyaka ngimazi uMike. Ungomunye woFakazi BakaJehova. Kodwa inkolo yakhe yayihlale ingidida. Ubani uJehova? Kungani oFakazi bengawagubhi amaholidi? Ingabe uMike wayezihlanganise nehlelo elithile?”​—UBecky, eCalifornia, e-U.S.A.

“Lapho omakhelwane bami beqala ukufunda iBhayibheli noFakazi BakaJehova, ngazibuza: ‘Lisho ukuthini igama elithi oFakazi BakaJehova?’ Ave liyinqaba igama lenkolo yabo!”​—UZenon, e-Ontario, eCanada.

“Mina nomkami sasicabanga ukuthi oFakazi BakaJehova basivakashela ngoba befuna sizizwe sinecala ngokuthi asisonti. Sazitshela ukuthi uma amasonto avamile engenakho lokho esasikufuna, kwakungenakwenzeka ukuba sikuthole eqenjini lenkolo elixakile njengeloFakazi BakaJehova.”​—UKent, eWashington, e-U.S.A.

“Ngangingazi ngempela ukuthi bangobani nokuthi yini abayikholelwayo.”​—UCecilie, e-Esbjerg, eDenmark.

Kungenzeka uke wababona bengena umuzi nomuzi beshumayela noma benikeza abantu izincwadi ezisekelwe eBhayibhelini endaweni yomphakathi futhi becela ukufunda nabantu iBhayibheli mahhala. Mhlawumbe lo magazini uwuthole komunye wabo. Noma kunjalo, kungenzeka usazibuza ukuthi bangobani ngempela oFakazi BakaJehova. Mhlawumbe ucabanga njengomunye walabo abacashunwe ngenhla.

Uma uzibuza imibuzo efanayo, ungazitholaphi izimpendulo? Ungazi kanjani ukuthi yini ngempela oFakazi BakaJehova abayikholelwayo, indlela umsebenzi wabo nezindawo zabo zokukhulekela okusekelwa ngayo ngezimali nokuthi kungani bexoxa nawe ekhaya lakho noma endaweni yomphakathi?

UCecilie ocashunwe ekuqaleni uthi: “Ngafunda izinto eziningi ngoFakazi BakaJehova kuyi-Internet. Ngezwa amahebezi ngabo futhi ngalalela izinkulumo eziningi ezibagxekayo. Ngenxa yalokho, ngaba nombono omubi ngoFakazi BakaJehova.” Nokho, kamuva, wakhuluma noFakazi BakaJehova ngokuqondile futhi wathola izimpendulo ezigculisayo zemibuzo ayenayo.

Ungathanda ukuthola izimpendulo ezinembile zemibuzo onayo ngoFakazi BakaJehova? Sikukhuthaza ukuba uye emthonjeni othembekile​—oFakazi BakaJehova, okuyibo abanyathelisa lo magazini. (IzAga 14:15) Sethemba ukuthi izihloko ezilandelayo zizokusiza ubone ukuthi singobani nokuthi yini esiyikholelwayo, uqonde nomsebenzi esiwenzayo.