ISIHLOKO ESIYINHLOKO | INGABE KUYASIZA UKUTHANDAZA?
Ingabe Ukhona Osuke Elalele?
Abanye abantu banomuzwa wokuthi ukuthandaza ukuchitha isikhathi, akekho osuke elalele. Abanye baye bazama ukuthandaza kodwa banomuzwa wokuthi imithandazo yabo ayiphendulwanga. Omunye umuntu okholelwa ukuthi uNkulunkulu akekho wazakhela isithombe sikaNkulunkulu engqondweni yakhe, wabe esethandaza: “Mane nje ungihlebele okuthile.” Kodwa wathi uNkulunkulu “akazange aphendule.”
Nokho, iBhayibheli lisiqinisekisa ngokuthi ukhona uNkulunkulu futhi uyayizwa imithandazo. EBhayibhelini sithola la mazwi ayebhalelwe abantu basendulo: “Nakanjani [uNkulunkulu] uyokubonisa umusa lapho nje kuzwakala ukukhala kwakho; ngokushesha nje lapho ekuzwa impela uyokuphendula.” (Isaya 30:19) Elinye ivesi leBhayibheli lithi: “Umthandazo wabaqotho uyamjabulisa.”—IzAga 15:8.
UJesu wathandaza kuYise, “futhi wazwiwa ngomusa.”—Hebheru 5:7
IBhayibheli libuye lilandise ngezibonelo zalabo imithandazo yabo eyazwiwa. Elinye ivesi lithi uJesu “wenza ukunxusa nezicelo kulowo owayekwazi ukumsindisa ekufeni” futhi “wazwiwa ngomusa.” (Hebheru 5:7) Ezinye izibonelo ungazithola kuDaniyeli 9:21 nakweyesi-2 IziKronike 7:1.
Pho, kungani abanye abantu benomuzwa wokuthi imithandazo yabo ayiphendulwa? Ukuze izwiwe, kumelwe sithandaze kuNkulunkulu weBhayibheli uJehova * kuphela, hhayi kwabanye onkulunkulu noma okhokho. UNkulunkulu ufuna nokuba sicele “ngokwentando yakhe”—izinto azamukelayo. UNkulunkulu usiqinisekisa ngokuthi uma sithandaza ngale ndlela, “uyasizwa.” (1 Johane 5:14) Ngakho, ukuze imithandazo yethu izwiwe, kudingeka simazi uNkulunkulu futhi sifunde ukuthi iyini intando yakhe.
Abantu abaningi bakholelwa ukuthi umthandazo awuyona nje inqubo yenkolo kunalokho uNkulunkulu uyayilalela ngempela imithandazo futhi ayiphendule. U-Isaac, waseKenya, uthi: “Ngathandazela ukuthola usizo lokuqonda iBhayibheli. Ngokushesha ngemva kwalokho, othile weza kimi wanginika usizo engangiludinga.” EPhilippines, uHilda wayefuna ukuyeka ukubhema. Ngemva kokwehluleka izikhathi eziningi, umyeni wakhe wasikisela, “Kungani ungathandazi kuNkulunkulu umcele akusize?” Wasisebenzisa leso seluleko. Nakhu akushoyo: “Yangimangaza indlela uNkulunkulu angisiza ngayo. Ngaqala ukuphelelwa isifiso sokubhema. Ekugcineni ngayeka.”
Kungenzeka yini ukuthi uNkulunkulu uyafuna ukukusiza ubhekane nezinto ezikukhathazayo uma lokho kuvumelana nentando yakhe?
^ isig. 6 IBhayibheli lithi igama likaNkulunkulu uJehova.