Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

INDLELA IMINIKELO YENU ESETSHENZISWA NGAYO

Imihlangano Yebandla Eyenziwa Ngevidiyo

Imihlangano Yebandla Eyenziwa Ngevidiyo

JUNI 26, 2020

 Ohulumeni abaningi emhlabeni wonke bayakwenqabela ukuba abantu bahlangane, bafuna nokuba abantu bangasondelani. OFakazi BakaJehova bazimisele ukulalela uhulumeni bebe beqhubeka behlangana ngendlela ephephile. Ukuze amabandla abe nemihlangano aye asebenzisa ama-app anjenge-Zoom.

 Ukuze sibe nemihlangano njalo nengenazo iziphazamiso, iNdikimba Ebusayo yagunyaza ukuba kusetshenziswe iminikelo ukuze kukhokhelwe ama-akhawunti e-Zoom azosetshenziswa amabandla. Lokhu kuwasize kakhulu amabandla abengenayo imali yokukhokhela i-akhawunti ye-Zoom engaba ngu-R258,65 kuya ku-R344,87 noma ngaphezulu. La mabandla ebesebenzisa ama-app axhuma abantu abambalwa noma angaphephile. Wonke amabandla asebenzisa ama-akhawunti e-Zoom akhokhelwa yinhlangano angakwazi ukulawula kalula ezokuphepha nokuvumela abantu abaningi ukuba baxhume ukuze balalele imihlangano. Kuze kube manje, angaphezu kuka-65 000 amabandla asebenzisa la ma-akhawunti emazweni angaphezu kuka-170.

 IBandla laseKairagi, eManado, eNyakatho yeSulawesi, e-Indonesia, layeka ukusebenzisa ama-app amahhala labe selisebenzisa i-Zoom ekhokhelwa inhlangano. UMfoweth’ uHadi Santoso wathi: “Ngisho nabafowethu nodadewethu abangakwazi ukusebenzisa ezobuchwepheshe sebeyayithola imihlangano ngenxa yokuthi akusadingeki bangene kaningi emhlanganweni owodwa.”

 ULester Jijón, Jr., ongumdala eBandleni laseGuayacanes Oeste eGuayaquil, e-Ecuador, uthi: “Ngenxa yesimo sezomnotho sabafowethu nodadewethu abaningi, bekungenakwenzeka ukuba amanye amabandla akwazi ukukhokhela ilayisense ye-Zoom engavumela ibandla lonke ukuba lihlanganyele imihlangano. Manje, ngenxa yokuthi sine-akhawunti ye-Zoom engaxhuma abantu abaningi, sesiyakwazi ukumemela abantu emhlanganweni ngaphandle kokwesaba ukuthi sizokweqa inani elilindelekile.”

 Nakhu okwabhalwa uJohnson Mwanza, ongumdala eBandleni laseNgwerere North eLusaka, eZambia: “Abafowethu nodadewethu abaningi bathi, ‘i-Zoom ekhokhelwa yinhlangano ayigcini nje ngokusenza sizizwe sisondelene nabafowethu nodadewethu, kodwa isenza siluzwe uthando lukaJehova nokukhathalela kwakhe.’”

 La ma-akhawunti akhokhelwa ngemali ebekelwe ukusiza lapho kunezinhlekelele. Le mali itholakala eminikelweni yomsebenzi womhlaba wonke. Eminingi yale minikelo yenziwa ku-donate.mt1130.com. Siyanibonga ngokunikela ngesandla esivulekile, iminikelo yenu isiza nakwezinye izinhlekelele emhlabeni wonke.—2 Korinte 8:14.