Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Indlela IBhayibheli Elingawasiza Ngayo Amadoda Akhathazekile

Indlela IBhayibheli Elingawasiza Ngayo Amadoda Akhathazekile

 Uma ucabanga ngomuntu okhathazekile, a ungase ube nesithombe somuntu owesaba kangangokuba akakwazi kwenza lutho, umuntu okuthola kunzima ngisho nokuphuma embhedeni ekuseni noma umuntu ohlale ebalisa ngezinto ezimkhathazayo.

 Bakhona abantu abenza ngaleyo ndlela lapho bekhathazekile. Kodwa abacwaningi bathole ukuthi abanye abantu—ikakhulukazi amadoda—benza okwehlukile kunalokhu. Omunye umbiko uthi kunamathuba amakhulu okuba amadoda “asebenzise utshwala nezidakamiswa ukuze anciphise ukukhathazeka, ngakho lokho okungase kubonakale kuyinkinga yokweqisa ophuzweni oludakayo empeleni kungenzeka kuyizimpawu zokukhathazeka okukhulu. Ngokuvamile amadoda ahlushwa ukukhathazeka abonakala ngokuba nolaka nokucasuka kalula.”

 Yiqiniso ukuthi akuwona wonke amadoda aziphatha ngendlela efanayo lapho ekhathazekile. Kodwa noma ngabe umuntu usabela kanjani, ukukhathazeka kuyinkinga eyandayo kulezi “zikhathi ezibucayi okunzima ukubhekana nazo.” (2 Thimothewu 3:1) Uma uhlushwa ukukhathazeka, lingakusiza yini iBhayibheli?

Iseluleko SeBhayibheli Esingakusiza Lapho Ubhekene Nokukhathazeka

 IBhayibheli linenqwaba yezeluleko ongazethemba ezingakusiza lapho ukhathazekile. Cabanga ngezibonelo ezintathu ezilandelayo.

  1.  1. “Ningalokothi nikhathazeke ngosuku olulandelayo, ngoba usuku olulandelayo luyoba nezalo izinkathazo. Usuku ngalunye lunezalo izinkinga.”—Mathewu 6:34.

     Incazelo: Kuwukuhlakanipha ukugwema ukukhathazeka ngokweqile ngokuthi yini engase yenzeke esikhathini esizayo (noma ukuthi yini engase ingenzeki). Ngokuvamile, lokho esisuke sinovalo lokuthi kungase kwenzeke kuvele kungenzeki. Kwezinye izimo, kungase kwenzeke into ebesingayilindele, izinto zivele zibe ngcono kakhulu.

     Zama lokhu: Cabanga ngezikhathi ezedlule lapho wawuqiniseka khona ukuthi kuzokwenzeka into embi—kodwa yangenzeka. Yibe usuhlola izinto ezikukhathazayo njengamanje, uzame ukuba nombono ongeqisi mayelana nokuthi angakanani amathuba okuba zibe yizinkinga ezinkulu.

  2.  2. “Njengoba nje insimbi ilola enye insimbi, Nomuntu ulola umngane wakhe.”—IzAga 27:17.

     Incazelo: Abanye abantu bangasisiza sibhekane kangcono nokukhathazeka kwethu uma sibavumela. Bangakwazi ukusinikeza amacebiso amahle abawathathele kulokho ababhekane nakho ekuphileni kwabo. Ngisho noma engekho amacebiso abangasinika wona, basengakwazi ukusisiza sizibheke ngelinye iso izimo zethu.

     Zama lokhu: Cabanga ngomuntu ongakunikeza iseluleko esihle, njengomngane oke wabhekana nenkinga efana neyakho. Mbuze ukuthi wasizwa yini noma ukuthi yiziphi izinto ezingazange zibe usizo.

  3.  3. “Niphonse zonke izinkathazo zenu kuye, ngoba uyanikhathalela.”—1 Petru 5:7.

     Incazelo: UNkulunkulu ubakhathalela ngokujulile abantu abahluphekayo. Usimema ukuba sithandaze kuye nganoma yini esikhathazayo.

     Zama lokhu: Bhala uhlu lwezinto ezikukhathazayo. Ngemva kwalokho thandaza kuNkulunkulu ngalezo zinto, umchazele ngenkinga ngayinye umcele ukuba akusize ubhekane nayo.

Lapho Ukukhathazeka Kungasekho

 IBhayibheli aligcini nje ngokunikeza izeluleko mayelana nendlela yokubhekana nokukhathazeka. Lithembisa ukuthi maduzane ukukhathezeka esibhekene nako namuhla kuyobe kungasekho unomphela. Kuzokwenzeka kanjani lokho?

 UMbuso kaNkulunkulu uzosusa izinto ezibangela ukukhathazeka. (IsAmbulo 21:4) Eqinisweni, lapho sekubusa lowo Mbuso, ngisho noma zingase zibuye engqondweni izinto ezazisikhathaza nezasibangela ukucindezeleka, lokho ngeke kusizwise ubuhlungu.—Isaya 65:17.

 Leli yikusasa “uNkulunkulu onika ukuthula” afuna ube nalo. (Roma 16:20) Usiqinisekisa ngala mazwi: “Ngoba ngikwazi kahle engikucabangayo ngani, . . . ngizoninika ukuthula, hhayi inhlekelele, ukuze nibe nekusasa elihle nethemba.”—Jeremiya 29:11.

a Kulesi sihloko, inkulumo ethi “ukukhathazeka”, ayisho inkinga enkulu yempilo kodwa imane isho izinkathazo zansuku zonke noma ukukhathazeka okuvele kumkhungathekise umuntu. Labo abanesifo sokukhathazeka kungase kudingeke babonane nodokotela ofanele.—Luka 5:31.